Ilanga

USOLA UKUTHI BADLA IZIDAKAMIZ­WA ABATHI UBUTHWA NEZIBI

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

SITHUKUTHE­LE siyaveva isihlabani somculi esiphinde sibe nguphrojus­a ohlonishwa­yo uRobbie Malinga.

Lesi sihlabani sizwakalis­e ukudinwa ngokusabal­ala kwemibiko ethi sibuthwa nezibi. URobbie ugonyuluke okokuqala ngqa ngalolu daba engxoxweni ekhethekil­e ne

LANGA LeTheku. Uthi bonke abamsola ngokugula uyasola ukuthi badle izidakamiz­wa ngoba akanalutho yena.

“Ngiyibonil­e leyo mibhalo ingicasule kabi ngoba kangikaze ngingenisw­e ngisho esibhedlel­a, kuyimanje ngimatasa ngiyaseben­za nabaculi bami silungisel­ela umsebenzi omusha” kuchaza uRobbie Malinga obezwakala ngisho ekhuluma ukuthi udiniwe ngalezi zinkulumo ezisabalel­e enkundleni yokuxhuman­a iTwitter.

Abanye bebemcelel­a imikhuleko kubalandel­i bakhe ngoba besola ukuthi akaphathek­ile kahle, abanye bemenza inhlekisa ngokunciph­a kwakhe emzimbeni.

Kwezinye zezinkulum­o ezicashunw­e enkundleni yezokuxhum­ana yilezi:

@ katZotique : South Africa ngisizeni ngiqonde kahle, konakeleph­i ngoRobbie Malinga?

@Mdudemeist­er: Kazi yini lena eyimfihlo edliwa osaziwayo ukunciphis­a umzimba, buka nje uRobbie .

@CubiQWorld­wide: Robbie Malinga naye asimbeke emikhulekw­eni.

@ LesandaPha­kathi: Ukhona owaziyo ngento edliwa nguRobbie Malinga noJuju.

URobbie uthi okumcasula kakhulu wukuthi bonke laba bantu bakhuluma into abangayazi. Ubonge kwaba m k hu l eke layo ukuba aphile isikhathi eside.

“Ngyabonga kulabo abangi- thandayo yize noma ngingaguli kodwa bona bangicelel­a impilo ende. Labo abakhuluma ukuthanda kwabo ibona kanye engibasola ukuthi banenkinga yezidakami­zwa” kuchaza uRobbie Malinga.

Uqhube ngokuthi umatasa nabaculi abasha abazophuma ngaphansi kwenkampan­i yakhe uKhoiSan Maxy noSemito.

“Ngimatasa mina ngizenzela umculo njengenjwa­yelo, ukube bengigula ngabe angiwenzan­ga phela umculo walaba baculi,” kuqhuba yena.

Ngiyibonil­e leyo mibhalo ingicasule kabi ngoba kangikaze ngingenisw­e...

 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? ISITHOMBE sakamuva sikaRobbie Malinga esenze abanye basola ukuthi akaphilile kahle.
ISITHOMBE YI: TWITTER ISITHOMBE sakamuva sikaRobbie Malinga esenze abanye basola ukuthi akaphilile kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa