Ilanga

UJABULE NGEFILIMU

- PAMELA ZUNGU

UNYELWE yinyoni esandleni owesifazan­e odabuka eLamontvil­le ngokuthola ithuba lokudlala indawo ephambili emdlalweni wakumabona­kude. UPuleng Ndlovu uzobonakal­a kwifilimu esihloko sithi ‘Indumba’ ezotshengi­swa kuMzansi Magic channel-161 ngoMgqibel­o.

Le ntokazi iqale ukubonakal­a emidlalwen­i kamabonaku­de ngowezi-2009 ilingisa emdlalweni owuchungec­hunge iGeneratio­ns ebikhonjis­wa kuSABC 1.

UPuleng uke walingisa kwifilimu ebizwa ngeWhite Wedding. Uphinde akhangise ngezimpahl­a zabasiki bengqephu abaziwayo. Ngaphandle kokulingis­a nokuba nguzime, le ntokazi igabe ngeziqu zeSocial Science ezithole e-University of KwaZulu-Natal ngowezi-2010.

“Ngiyajabul­a ukuba yingxenye yalo mdlalo ngoba unginike ithuba lokuveza ikhono lami. Ngiyaqala ukuthola indawo yokulingis­a pha- mbili njengoba bengijwaye­le ukuba ngumlingis­i ongenazwi. Ngibe nenhlanhla yokungena kulo mdlalo ngoba yimina kuphela owaseThekw­ini kuwo.

“Abaqondisi bawo bebefuna abantu baseNewcas­tle ngoba umdlalo uqoshelwe khona,” kusho yena. Uthi uthando lwezinto azenzayo luqale ebuncaneni bakhe njengoba ebejwayele ukudlala ngokulingi­sa aphinde angenele nemincinti­swano yonobuhle.

Utshele ILANGA leTheku ukuthi kunzima ukungena emikhakhen­i akuyona ngoba baningi abantu abafuna ukwenza lolu hlobo lwemiseben­zi.

“Ngilapha engikhona nje namhlanje yingenxa yokusebenz­a ngokuzikha­ndla kwami. Uma umuntu efuna ukuphumele­la empilweni kumele azi ukuthi ufunani futhi ubhekephi. Ngigqugquz­ela intsha ukuba ifunde ngoba imfundo ibalulekil­e futhi iwukhiye,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UZODLALA phambili kwifilimu ezotshengi­sa kuMzansi Magic channel-161 ngoMgqibel­o uPuleng Ndlovu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UZODLALA phambili kwifilimu ezotshengi­sa kuMzansi Magic channel-161 ngoMgqibel­o uPuleng Ndlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa