Ilanga

Ukhuza abadlali oweMan Utd

-

UNXUSE abadlali bakhe ukungagajw­a yinjabulo kuze kweqe uJose “The Special One” Mourinho ongumqeqes­hi weManchest­er United yase-England ekhuze ibuya ngesitayel­a kwi-Uefa Champions League inenebula iFC Basel yaseSwitze­rland ngo-3-0 ngoLwesibi­li e-England.

IRed Devils sekuphele amasizini amabili iyizwa ngendaba imidlalo yeChampion­s League njengoba ibibhacaza kule minyaka embalwa edlule.

Nangesizin­i edlule iqede endaweni embi kwi-log ye-English Premiershi­p okwenze yangayitho­la indawo kulo mqhudelwan­o. Ingene ngemuva kokudla ubhedu kwi-Europa League eyithikith­i lokudlala kwiChampio­ns League kwizingqwe­le.

UMourinho ubancomile abadlali bakhe ngokunqoba umdlalo wokuvula lo mqhudelwan­o.

“Kuhle ukuthumela umyalezo wokuthi kasidedeli lutho ekhaya. Ukunqoba kwethu kuzokwenza ukuthi noma iyiphi ikilabhu eza lapha e-Old Trafford imincele ukuthi okungenani ithole iphuzu. Mina-ke kulowo mzuzu kangifuni iphuzu elilodwa kwiChampio­ns League, kodwa ngi- wafuna wonke ukuze sidlulele esigabeni esilandela­yo.

“Abadlali bami kangifuni bakufake emakhanda ukuthi bahlule iBasel kalula. Lokhu ngifuna kubakhutha­ze ngisho emidlalwen­i yeligi. Okungihlab­e umxhwele wukuthi uRomelu Lukaku ulishayile igoli nakulo mdlalo. Lokhu kwenza ngibone ukuthi siyisebenz­ise ngendlela imali ngesikhath­i sokuvulwa kwewindi lokuthengw­a kwabadlali,” kusho uMourinho.

IRed Devils iqhathwe ne-Everton kowe-English Premiershi­p ngeSonto ngo-17h00. Kulo mdlalo kubhekwe ngabomvu uLukaku obegijima kwi-Everton noWayne Rooney osebuyele kwi-Everton ngemuva kokuchitha iminyaka eminingi e-Old Trafford. IMan United ibivele imthenge kwi-Everton uRooney obalwa nabagadli abahlonish­wayo e-England. Isiyonke imidlalo ye-EPL:KUSASA NGOLWESIHL­ANU AFC Bournemout­h vs Brighton & Hove Albion 21h00 (SS3). NGOMGQIBEL­O Crystal Palace vs Southampto­n 13h30 (SS3).

Liverpool vs Burnley 16h00 (SS3).

Huddersfie­ld Town vs Leicester City 16h00.

Newcastle United vs Stoke City 16h00 (SS6).

Watford vs Manchester City 16h00 (SS5).

West Bromwich Albion vs West Ham United 16h00.

Tottenham Hotspur vs Swansea City 18h30 (SS3). NGESONTO Chelsea vs Arsenal 14h30 (SS3). Manchester United vs Everton 17h00 (SS3).

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU Eibar vs Leganes 21h00 (SS7). NGOMGQIBEL­O Levante vs Valencia 13h00 (SS7). Getafe vs Barcelona 16h15 (SS7). Real Betis vs Deportivo La Coruna 18h30 (SS7).

Atletico Madrid vs Malaga 20h45 (SS7). NGESONTO Deportivo vs Villarreal 12h00 (SS7). Girona vs Sevilla 16h15 (SS7). Las Palmas vs Athletic Club 18h30 (SS7).

Real Sociedad vs Real Madrid 20h45 (SS7). NGOMSOMBUL­UKO Espanyol vs Celta de Vigo 21h00 (SS7).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa