Ilanga

UTAU NESETHEMBI­SO KUBALANDEL­I BE-DOWNS

- SENZO SOKHELA

UTHEMBISA into yamehlo uPercy Tau ongumdlali weMamelodi Sundowns osephenduk­e isilomo kubathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika.

IDowns izodudulan­a neWydad Casablanca yaseMorocc­o kwiquarter final yeCaf Champions League ngeSonto ngo-15h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille. IDowns iya kulo mdlalo nje, ibuyelwe wukuzethem­ba iguqisa iFree State Stars ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMsombul­uko kusihlwa eGoble Park Stadium, eFree State.

UTau ushaye amagoli amabili ezakhe zidlala neFree State, kanti uthi abantu bazobhema bakholwe kulo mdlalo weCaf.

“Umdlalo wethu neFree State ubuyise ukuzethemb­a emuva kwesibhaxu sePolokwan­e City. Leli khefu lisisize kakhulu, sikwazile ukuzinuka amakhwapha. Abantu bazobona ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu ngeSonto lokho kangikunga­bazi. Sizizwa sizelwe kabusha njengoba sibe nesikhathi sokulungis­a amaphutha.

Sisemdland­leni wokubhekan­a nanoma iyiphi ikilabhu. Noma kanjani lo mdlalo sizowunqob­a ukuze siye kubona sesiyoshay­elela isipikili sokugcina,” kusho uTau.

IDowns izokuya kulo mdlalo sekubuye abadlali bayo abamqoka abebengekh­o idlala neFree State. UHlompho Kekana uzoshaya ibuya noKhama Billiat obenokuthi­nteka. UTau ukhuluma kanjena nje, le kilabhu ilibeke ngesihloko elokuthi iDowns kayiyesabi.

Ngaphandle kwalokho iveze ukuthi ifuna ukuqeda ishobolo leminyaka engama-25 ingayinqob­i le nkomishi. Igcine ngowe-1992 ukuqukula le nkomishi. IDowns inqume ukuba bangene mahhala abalandeli abazoza enkundleni befake imibala yekilabhu. Abangayifa­kile bazokhokha u-R20. Lo mdlalo uzoboniswa kwiSS9.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa