I-CHIEFS IZAMA UKUBOLEKA U-ERASMUS
Kushone umdlali weMaritzburg United engozini yemoto
IKAIZER Chiefs ihlela ukuboleka umgadli weBafana Bafana ozinze e-Europe emizamweni yayo yokuqeda isomiso samagoli esihlasele le kilabhu yakwaMotaung. ILANGA lihletshelwe yimithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi le kilabhu ihlela ukuboleka uKermit Erasmus ogijima kwiRennes FC edlala kwiLeague 1 eFrance. U-Erasmus ushiye i-Orlando Pirates kumasizini ambalwa edlule wajoyina le kilabhu yaseFrance.
Nokho ufike wadonsa kanzima ukuthola isikimu njengoba egijime imidlalo eli-10 kuyo futhi nakhona engena eqhamuka ebhentshini. Akayishayelanga ngisho igoli elilodwa.
Maphakathi nesizini edlule iRennes imbolekise kwiLens egijima kwiLeague 2 wadlala imidlalo eli-12 wayishayela igoli elilodwa nje vo.
Ubuyele kwiRennes. Selokhu kuqale isizini isikimu singabakhwekazi kuyena njengoba umqeqeshi wezakhe, uChristian Gourcuff, edlalisa uNdombe Mubele waseDemocratic Republic of Congo (DRC) oseshayele le kilabhu amagoli amathathu emidlalweni eyisi-8.
ILANGA lithole ukuthi uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs, uxhumana nabaphathi baka-Erasmus ngenhloso yokuba bakhulume nekilabhu yakhe ibaboleke yena uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngo- Masingana (January).
Kuthiwa isizathu esenza ukuba uMotaung akhalele ku-Erasmus wukuthi usezame wahluleka ukuthola umgadli, izinto kazilungi.
Kuthiwa uMotaung uselinde impendulo kubaphathi balo mdlali. Nokho kuzoncika ekutheni iChiefs kayigodoli yini nemali kulokhu njengoba lo mdlali kuthiwa uhamba nemali engaphezulu kuka-R800 000 zinyanga zonke engakabalwa amabhonasi.
Leli phephandaba libuza uMotaung ngalolu daba, uthe: "Yebo umgadli siyamdinga futhi sibheka yonke indawo ngisho nangaphandle kwakuleli.”
Kushone engozini yemoto uMlondi "Vicks" Dlamini ongumdlali wasesiswini weMaritzburg United izolo ngeSonto ekuseni. Ubegibele emotweni kaHappy Mashau weRoyal Eagles. Ushonele endaweni yesigameko bephuma eThekwini belibangise eMgungundlovu. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguFarook Kadodia ongumnikazi weMaritzburg oseshonelwa ngumdlali wesibili engozini emuva kukaMondli "Slomo" Cele obhubhe muva nje.