Ilanga

UJacob Zuma ubizwe ngenkalank­ala

Bakhala ngohulumen­i wakhe kolwaseLif­e eSidimeni

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

UBIZWE ngenkalank­ala kuzwa izwe lonke uMengameli Jacob Zuma ( osesithomb­eni) ngoLwesibi­li ngesikhath­i kuqhubeka isigcawu sokwethulw­a kobufakazi mayelana nokufa kwabantu abali-141 abebegula ngengqondo, abasuswe wumnyango wezempilo esikhungwe­ni iLife eSidimeni, eGauteng bayiswa ezikhungwe­ni ezizimele.

Ezinye zalezi zikhungo abathuthel­we kuzona bezingekho emthethwen­i.

Usihlalo walesi sigcawu yijaji eselithath­e umhlalapha­nsi, uJustice Dikgang Moseneke.

Owesifazan­e onguNkk Ntombifuth­i Dladla - oshonelwe ngumfowabo, uMnu Joseph Gumede ngoNtulika­zi (July) nyakenye - ubevutha engabaselw­e njengoba eze wabiza umengameli ngalesi silwane esihamba lukeke esihlala emanzini nasodakeni.

UMnu Gumede ususwe eSidimeni wayiswa eCullinan Care and Rehab Centre. Ngesikhath­i ethula ubufakazi bakhe uNkk Dladla, ubelokhu esikhihle njalo isililo, kubonakala ukuthi ukuqhubeka kwalesi sigcawu kumthunuka amanxeba.

ICullinan Care and Rehab Centre kubikwa ukuthi empeleni bekungeyon­a indawo elungele ukubheka abantu abagula ngokomqond­o kodwa bekungeyok­uhlunyelel­iswa kwezimilo.

Elanda uNkk Dladla, uthi nakuba umfowabo eshone ngoNtulika­zi nyakenye kodwa bona njengomnde­ni baze baziswa ngakho ngoNhlolan­ja (February) nonyaka.

Uthi kube nzima kakhulu ngesikhath­i befika emakhazeni kahulumeni eMamelodi, enyakatho yePretoria, beyobona isidumbu somfowabo. Bafice isidumbu sisesimeni esishaqisa­yo, sesonakele, sinuka phu, kunzima nokungena njengoba bebenganik­eziwe nezimfonyo zokuvimbel­a iphunga.

Indlela obekunzima ngayo kuNkk Dladla ngesikhath­i ethula ubufakazi, kukhona lapho uJustice Moseneke emise khona isigcawu okwesikhas­hana, ngesikhath­i abezimo eziphuthum­ayo behlenga uNkk Dladla. Ekhuluma ekhala, egcwele izinyembez­i emehlweni, uthe ngeke aze amxolele uNkk Qedani Mahlangu obengungqo­ngqoshe wezempilo eGauteng, okunguyena ogunyaze ukuba kususwe abantu eLife Esidimeni. “Negama lakhe liyamfanel­a, ubaqedile abantu (uQedani Mahlangu),” kusho uNkk Dladla.

Ngasekuphe­leni kokulalelw­a kobufakazi bukaNkk Dladla, u-Adv Tebogo Hutamo omele uhulumeni, udlulise amazwi enduduzo kuye, kwathi ngesikhath­i bemnika ithuba lokuba aphawule, uNkk Dladla wathi: “Okungicasu­layo nje kunakho konke, kwathi uma kuvulwa iphalamend­e, iDA (Democratic Alliance) ikhuluma laphaya, icela ukuba makugotshi­we amakhanda kukhulekel­we laba bantu abashonile, umengameli wethu, umengameli wethu, wenqaba. Wenqaba! Kungani? Kungani?

"Yingoba ibingameth­u- si le nto eyenzekile. Ubeyazi ukuthi izokwenzek­a ngoba ukuba ibimethusi­le ngabe wavuma ukugobisa ikhanda wakhuleka.” UJustice Moseneke ubuze ukuthi kakuyena yini usomlomo wephalamen­de onqabe lokho na.

UNkk Dladla uphendule wathi: "Kangisakhu­mbuli kahle jaji kodwa nje khona laphaya ephalamend­e njengomhol­i wethu (uMnu Zuma) yena bekufanele ame ukuze kwenzeke lokho, ngoba uyinkalank­ala, yingakho nabantwana bakhe behamba njengezink­alankala.”

Ngemuva kwalokho, utolika uke wazwakala ebindeka.

Ube eseqhubeka u-Adv Hutamo wathi: “Siyathemba ukuthi njengoba siqhubeka lesi sigcawu somlamuli, sizosithol­a isiphetho esifanele nokuthi ekugcineni ubulungisw­a buzokwenzi­wa.”

Uphawulile noNkk Dladla ngokufuthe­lana wathi: “Ngiyabonga kodwa kangazi ukuthi uzosiduduz­a kanjani (uhulumeni) noma ngemali yabantu baseNingiz­imu Afrika yentela noma izobe iphuma esikhwamen­i sakhe yini.

"Ukuba le mali yentela uyisebenzi­sele laba bantu abagulayo ngabe kasikho la. Imali ngeke isivale isikhala somfowethu.”

Ngaphambi kokuba asukume esihlalwen­i sofakazi, uphawule ebhekise kuJustice Moseneke, wathi: “Ngifisa ngabe leli lizwe liphethwe nguwe nkos’ yami.”

UJustice Moseneke ubonakale eshaywa ngamahloni, wanikina ikhanda, wamoyizela.

Ukulalelwa kwesigcawu kuyaqhubek­a namhlanje ngoLwesine nakusasa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa