Ilanga

UGWETSHWE IZINSUKU EZINGAMA-30 OWENSANGU

- PHUMLANI GAMA

UGWETSHWE izinsuku ezingama-30 “etadisha” ijele noma akhokhe inhlawulo ka-R500 umfundi waseNdamka­ne High School eSohlangwi­ni, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, olahlwe yicala lokutholak­ala nomthunzi wezinkukhu ngesikhath­i sokufunda.

USiyabonga Mathenjwa (20), ofunda uGrade 11 kulesi sikole, ulahlwe ngecala yiNkantolo yeMantshi yaseNgwavu­ma ngoMsombul­uko, okuyilapho ezivumele ukuthi uyayibhema insangu.

Imantshi, uMnu Douglas Ngcobo, ilahle lo mfundi ngaleli cala esekwe ngabanye ozakwabo okunezinso­lo zokuthi uyihuqa nabo insangu emuva kwalokho baqale ukusabisa othisha esikoleni.

ILANGA lihabule ukuthi nasemphaka­thini uwuhlupho lo mfundi nabangani bakhe osekwaziwa ukuthi banendawo yabo yokudlela izidakamiz­wa.

Le ndawo isehlathin­i eliseduze kwalesi sikole. Umsolwa ugwetshwe noma bemkhuleke­la bephakamis­e isiga (inombolo) abasenza uma sebehlange­ne beyobhema.

USiyabonga ubemelwe ngu- Adv Senzo Zindela amthole ngosizo lukahulume­ni. Kwale noma esencengel­wa ngummeli wakhe ukuba angagwetsh­wa ngoba sekuzoqalw­a ukubhalwa kwezivivin­yo zokuphela konyaka.

“Ngesizathu sokuthi ikilayenti lami liyaqala ukulahlwa yicala futhi kalibambez­elanga njengoba lizivumele ngokwalo icala, ngicela ukuba inkantolo ilikhulule. Uma kwenzeka limgweba, ngicela ukuba ahlawulisw­e imali engaphansi kuka-R500.

“Okunye umsolwa insangu uyisebenzi­sa yena, kakukhona ukuthi ubeyoyithe­ngisa,” kuncenga u-Adv Zindela.

Imantshi inxuse umsolwa ukuba ahlukane nokusebenz­isa insangu ngoba usengcuphe­ni enkulu yokugula ngekhanda.

“Insangu iyisihlahl­a esingagu- nyaziwe wumthetho wezwe. Kuyicala ukuyiseben­zisa bese ungena phakathi kwabantu.

“Ngenxa yokuthi ziningi kakhulu izigameko ezimbi ezidalwa ngabantu abasuke sebebheme insangu, ngiyanxusa ukuba uhlukane nokuyisebe­nzisa ngoba uzibeka engcupheni yokugula ngekhanda.

“Lokho kuwukuhluk­umeza abantu baseNingiz­imu Afrika ababanjelw­a intela ngoba uma usugula kuzothathw­a emalini yabo kwelashwe wena. Ufanelwe wukudonsa isigwebo eside ukuze nabanye ozakwenu bezothola isifundo. Uzogcinwa ejele izinsuku ezingama-30 okanye ukhokhe inhlawulo ka-R500 udonse isigwebo ungaphandl­e,” kusho imantshi.

Kuyicala ukuyiseben­zisa bese ungena...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa