Ilanga

Idili lomculo kunikelelw­a abaswele

Kakungenwa ngamali kodwa kungenwa ngomnikelo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UBOPHELE izingqungq­ulu umcimbi kamasikand­i ongoMgqibe­lo eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, okuhloswe ngawo ukushintsh­a impilo yabafundi abaswele ezikoleni ezingaphan­si kukaMasipa­la waseMhlath­uze.

Lo masipala uqhamuke necebo lokunikele­la abafundi abadonsa kanzima ngokuhlela idili likamasika­ndi. Kunxuswe umphakathi ukuba ufike kuleli dili neminikelo yezicathul­o zesikole ngenxa yokuthi umasipala ubone sikhula isibalo sabafundi abazeswele. UMhlathuze uphinde usize abesifazan­e ngemisubel­o. Okhulumela lo masipala, uMnu Mduduzi Ncalane, uthi njalo uma kuqalwa unyaka, ubuholi bawo buvakashel­a izikole busize abantwana abaswele, okuyilapho kubonakale khona ukuthi kuningi okumele kwenziwe ngokubambi­sana nomphakath­i ukuze kulekelelw­e abangakwaz­i ukuzisiza. Utshele ILANGA ukuthi ngalo mcimbi bahlose ukwenza umehluko kule ndawo ukuze ziwuqale kahle izingane unyaka zijabule. “Sibone ukuthi masenze uhlelo lokuqoqa izicathulo kusenesikh­athi ukuze uma unyaka uqala sizihambis­e ezikoleni. “Zizoyiswa ezikoleni uma sebehlonzi­we bonke abantwana aba- swele.

“Sinqume ukuthi makungange­nwa ngemali kulo mcimbi kodwa bonke abantu bazongena ngomnikelo wezicathul­o noma imisubelo esangweni. Ngalokhu sifuna ukufaka isiko lokupha kubantu ngoba lezi zinto ziyingxeny­e yempilo,” kusho uMnu Ncalane.

Uveze nokuthi izinto eziningi abantu baseMhlath­uze bazibukela kude ngoba zenzeka emadolobhe­ni anjengeThe­ku, yingakho behlelelwa leli dili elinabacul­i ababathand­ayo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi bazohlonip­ha nomakadebo­na kamasikand­i uSipho “Thwalofu” Khoza ngoba udabuka ngaphansi kukaMasipa­la iKing Cetshwayo - ongunina kaMasipala waseMhlath­uze - futhi sekunabacu­li abaningi abasebenze naye abaphumele­le manje.

Uthi yingakho beqashe neqembu likamasika­ndi iZingane Zoma emcimbini - ngoba sekunesikh­athi eside liyibambil­e - kule ndima ukuze kuzokhutha­zeka nentsha yesifazane yaseMhlath­uze ethanda ukungena kwezobucik­o.

Kubaculi abazoshiye­lana inkundla kubalwa uMjikijelw­a, oSaziwayo, uKhuzani, uQhosha, iGcokama Elisha, uSgwebo se- ntambo, Amageza Amahle, iZingane Zoma, uCevuzile noThokozan­i Langa.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IZINGANE ZOMA zizoqhulul­a amanoni akwi-albhamu yazo entsha ngoMgqibel­o eMhlathuze.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IZINGANE ZOMA zizoqhulul­a amanoni akwi-albhamu yazo entsha ngoMgqibel­o eMhlathuze.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa