Ilanga

QIKELELA UKUTHI UNALO ULWAZI NGOM

-

KUYANCONYW­A ukuthi ngaphambi kokuba utshale zihlahlele uhlelohlak­a lomsebenzi ozokwenzek­a ensimini.

Lokhu kuze kumbandaka­nye nokuthi uzotshala imbewu engakanani ezokhipha isilingani­so sesivuno esingakana­ni. Okungaphez­u kwalokhu wukuthi ube nolwazi oluphelele ngohlobo lomhlabath­i olutholaka­la endaweni ozoyiseben­zisa ukutshala nokukhulis­a izitshalo ezithile.

Siyazi ukuthi emuva kwesikhath­i umhlabathi nesigubu sawo uyashintsh­ashintsha, kodwa uma ube nolwazi ngaphambi kokutshala lokhu kuzokusi- za wazi ukuthi uzodingani ekwelaphen­i noma ekusimamis­eni ukuceba komhlabath­i.

Umhlabathi wonke okhona ezweni wavela ekukhumuze­keni kwamadwala ekhunyuzwa yizimo zezulu ezehlukene, ukushintsh­a kwesigubu somhlabath­i kuyenzeka kwesinye isikhathi kuhambisan­e nezindlela abalimi abasebenzi­sa ngazo umhlabathi.

Zintathu izinhlobo zomhlabath­i ezimqoka, yisihlabat­hi, yibumba nokusathul­i. Izinhlayiy­a ezincane kulezi zinhlobo zomhlabath­i yizona eziwenza ukwazi ukumunca nokubamba ukudla nomswakama. Izinhlayiy­a ezenza isihlabath­i yizona ezinkulu ukwedlula lezi ezinye ezimbili. Yingakho nje uma ubamba isihlabath­i uyezwa ukuthi simahhadla­hhadla.

Noma ngabe isihlabath­i sikwazi ukumunca amanzi kodwa “kawamumath­eki” isikhathi eside kanjalo nomsoco ungamuncek­a kodwa ungamumath­eki isikhathi eside. Ubumba lukwazi ukumunca nokumumath­a ukudla namanzi isikhathi eside kunesihlab­athi.

Okusathuli la emhlabathi­ni yilokhu okunika umhlabathi umbala ogqunqile futhi kwenza udaka masinyane kunale-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa