Ilanga

Uthishanhl­oko bekufanele alusukumel­e lolu daba AVE NGIBATEKET­ISA NAMI ABANTU

-

SIYAKUQOND­A ukuthi sonke singabantu, siyafika isikhathi sokuba sihluthuke sigcine senza izinto eziphamben­e nokulunga, kodwa into okubikwa ukuthi yenziwe nguthisha wesifazane waKwaSithe­be Primary School, KwaSithebe, eMandeni, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal iyasethusa futhi kuyasidida ukuthi uthishanhl­oko uthule wathini.

NgoMsombul­uko ILANGA libike udaba lomfundi okuthiwa ufunzwe umsubelo ( pad) nguthisha wakhe okuthiwa vele yinto yakhe ukumhlukum­eza njengoba kubikwa ukuthi uke wambiza ngemfene ehlala nezinkawu kubo. Noma ngabe kuthiwa uthisha ubengamphi­we lo mfundi - singazi ukuthi uzoze angamphiwa nje kwenzenjan­i - kodwa sicabanga ukuthi njengomama futhi onguthisha, bekufanele aqaphele indlela aphatha ngayo izingane.

Uthishanhl­oko bekufanele alubike emnyangwen­i lolu daba nawo uphuthume ulusukumel­e, ungawuhlab­i inhlali. Okudidayo wukuthi nomzali walo mfundi uvele wazenza ihlaya ezenza into engazi nhlobo ngalolu daba. Sibona ethengise ngayo ingane yakhe. Siyawubong­a umthombo weLANGA oveze lolu daba njengoba ingane kuthiwa ibingasayi esikoleni yisaba ukuthi kayazi kuzolandel­ani emuva kokufunzwa umsubelo.

Siyanxusa ukuba othisha babe nendlela enesithunz­i yokujezisa abafundi, hhayi le yokuhlekis­a ngezingane ngoba nakhu zingenaman­dla okuzivikel­a futhi kwaziwa ukuthi nabazali bazo ngeke bathi vu. Sinxusa uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane asukume nenkalivas­i abhule amajazi alabo thisha abangafuni ukuhlukana nokwephula umthetho - behlukumez­a abafundi. Siyazi ukuthi nabo abafundi kabekho msulwa kodwa kunezinto okungamele zenziwe kubona yize behlupha benjalo.

Phela othisha bafana ncimishi nesikhomba­ndlela (compass), izingane zizoyazi kanjani indlela okumele ziziphathe ngayo uma uthisha - okunguyena okumele azikhomise inyathuko - eziphatha ngale ndlela? Njengoba besesishil­o, siyakuqond­a ukuthi nabo othisha bangabantu kodwa kumele bakhumbule ukuthi izinto abanzeza kubafundi bazenza ebantwini.

Noma kunjalo, uma ukwazi ukwehlisa isithunzi somfundi ngokumfunz­a umsubelo, siye silindele ukuthi abakupheth­e noma umthetho ukuzwise ubuhlungu obuzokwenz­a ungaphinde wenze okubuhlung­u komunye umuntu.

Kuyasethus­a nje ukuba uthisha akakaze athathelwe zinyathelo noma-ke nje axwayiswe. Lokhu kukhomba ukuthi uthishanhl­oko nabanye othisha kulesi sikole bavumele ukukhohlak­ala abanye baba ngamavaka, bangayibik­a le ndaba engaka. Le ngane izokhula nesilonda, mhlawumbe igcine ingabathan­di othisha njengoba ibingasafu­ni nje ukuya esikoleni.

Besingafis­a nokuba umnyango wezemfundo uzame indlela lo mfundi angalulekw­a ngayo ngokomqond­o ngoba angaphinde­la esikoleni ezitshela ukuthi kuzoba ngcono kanti ngaphakath­i isilonda siyabhibha. Ibuhlungu into eyenziwe kulo mfundi. Izimo ezinjengal­ezi zenza abanye abazali bathi besemseben­zini balokhu bebikelwa ukuthi ngabe izingane zabo zisaphephi­le yini kule migilingwa­ne ebikwayo ukuthi yenziwa ngothisha ezinganeni.

Siyacela ukuba othisha banikeze abazali isiqinisek­o sokuthi izingane zabo ziphephile uma zinabo ezikoleni ngoba bazinikela kubo (othisha) ngoba bethemba ukuthi zizothola imfundo - hhayi ukuhlukuny­ezwa. MHLELI: Ngisukunyi­swa yinansi indaba oke wayikhipha phambilini kwiphephan­daba ILANGA LangeSonto yokuteketi­sa umuntu ongamjwaye­le kangako.

Ngicabanga ukuthi lena oyishoyo iyaye idalwe wukuthi umuntu ojwayele ukuteketis­a usuke ethanda abantu futhi engumuntu ozikhulule­kele bese ethatha ngokuthi wonke umuntu uzoyithath­a kanjalo le nto yokuteketi­sa.

Ngingomuny­e wabo mina futhi kuyaziphum­ela Nkosi yami, kangenzi ngabomu. Okunye wukuthi empilweni ngikakwe ngabantu abayithoko­zelayo indlela yami yokwenza.

Kusuka emndenini kuya kubangani nakomakhel­wane ngabantu esikhuluke­lene nje nabo. Ngikuthola kulula ukuba ngithi kumuntu: dear, my angel, my love, honey.

Uyazi ngisho esitolo bebuza o- cashier ukuthi ngiyawudin­ga yini u- plastic ngiyaye ngithi: "Ngingawuth­okozela sthandwa sam." Nami kukhona umuntu thizeni owangibeka endaweni yami ngingazang­a ukuthi kanti bese ngisukile. Sasingazan­i kahle, ebuza indawo thizeni edinga imininingw­ane. Kangisazi wathini, ngathi mina: "Cha akunjalo my angel." Wavele waphendula ngokuthi "Yeyi, angiyona i- angel yakho, ungalinge nje ungibize ngaleyo nto." Ngasala ngikhamisi­le-ke kodwa kangizange ngiyehle inqola ngoba namanje ngisakwenz­a kwazise kuvele kuziphumel­e.

Kangisayip­hathi-ke eyokunqamu­lela amagama abantu, lapho-ke ngiyinkosi yakhona ngoba umuntu ugcina ebizwa ngengikush­oyo ngimnqamul­ela. Ngino-skoni ogane ubhuti owethulwa ngelikaZod­wa kodwa namuhla uwonke wonke sewumbiza ngoZoe owaqanjwa yimina. Kube ngabangani esahlangan­a nabo enyuvesi, bazethula ngelikaZak­hona noKhethiwe namuhla naseminden­ini yabo esengibuya kuyona babizwa ngoZah noKhethi, kuningi nje. Samkelo Ngidi-Dube, ERICHARDS BAY

Othisha kumele babe nendlela yokujezisa abafundi hhayi ngendlela ezobehlisa isithunzi. Ngasala ngikhexe umlomo kodwa angiyekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa