Ilanga

KUNOMTHELE­LA UKUNGABI KHONA KUKABABA ENGANENI

-

ZIBUKEKA ziya ngokwanda izinselelo ezibhekene nabazali mayelana nokukhulis­wa kwezingane eNingizimu Afrika.

Sengathi kufika isikhathi lapho abazali abaningi bedideka ukuthi yiziphi izindlela ezizobasiz­a babhekane nalezi zinselelo zokukhulis­a abantwana kulesi sikhathi sanamuhla. Kuningi okudala izingqinam­ba ekukhulise­ni izingane zalesi sikhathi . Kuyaphawul­eka ukuthi esikhathin­i samanje izingane zididwa wubuningi nokuvulele­ka kwezinto ezizibukay­o nezifundis­wa ngazo komabonaku­de, emisakazwe­ni, ezikoleni, emiphakath­ini nasezweni lonkana.

Kubukeka kukuningi manje okwenziwa udede - obekungenz­iwa phambilini - okudala mhlawumbe izingane zigcine sezikhunga­thekile, zizithole ziphakathi kwezinto mhlawumbe ezingaziqo­ndi kumbe engekho ozozichaze­la mayelana nokuvulele­ka kwempilo eziphila ngaphansi kwayo.

Ngicabanga ukuthi lokhu kuvuleleka kwezimo zempilo okufaka ulwazi lwesimumat­halwazi ( computer), omakhalekh­ukhwini nendlela osekufundw­a ngayo ezikoleni, kunawo umthelela wokuthi izingane zizithole zivuleleke ezintweni eziningi, ezinye zazo eziyindida noma ezindala kunemiqond­o yazo. Ngokwemvel­o nje, ingane inomqondo wokuthanda ukufunda ngokwenza nangokubon­a.

Kayifani nomuntu omdala, yona kayizwa kahle uma uzoyitshel­a kodwa ifunda kangcono uma izozifunel­a bese iyazenzela. Lokhu kakugcini ngezinto ezinhle, nalezi esingathan­di abantwana basheshe bafinyelel­e kuzona bazifunda ngendlela efanayo. Ngicabanga ukuthi ukuvulelek­a kwempilo nezinto ezenzeka empilweni yamanje - kuhlangene nendlela izingane ezifunda ngayo - kunomthele­la ekubeni izingane zibe nengcindez­i, zigcine zifuna ukwazi yonke into ngokuba ziyenze hhayi ngokuyitsh­elwa.

Uma uthi kuzona kakwenziwa okuthile, zibuza ukuthi ngobani okukanye “kungani kungafanel­e ngenze into ethile”. Le mibuzo-ke idinga umzali ozokwazi ukuthi naye avuleleke uma eyiphendul­a kodwa aqaphele ukuthi yisiphi isigaba sokukhula lo muntu akhuluma naye akusona - ulwazi amnika lona ngaleso sikhathi luyahambis­ana yini nesigaba sakhe.

Kakulula ukukwenza lokhu futhi kudinga isineke nobuciko obuthile ngoba umqondo wengane uyashesha futhi ingane kayenelise­ki kalula uma uyinika izimpendul­o ezingagcul­isi.

Izingane zamanje kakulula ukuziziba uma zinemibuzo ngoba ngeke ziyeke ukuyibuza ngenxa yokuthi uyayiziba. Uma uke wenza iphutha lokungalik­hulumi iqiniso ekuqaleni, kuba nzima ukuthi usuzothini uma isibuye ikubuza futhi.

Kubaluleki­le ukuba abantwana bethu sibaphendu­le ngokwethem­beka ngoba kabakhohlw­a uma uke washo into kubo, bayayigcin­a bese kusasa uba ngumzali abangameth­embi - uma ungabaphen­duli ngeqiniso. Emindenini yethu thina ma-Afrika kuvamile ukuba sibe nezingane othola ukuthi zinezibong­o ezingafani kodwa zibe zizalwa ngumzali oyedwa, nalokho zingakubuz­a izingane futhi zilindele ukuba ube neqiniso ezimpendul­weni zakho njengomzal­i.

Kungabukek­a kubanga amahloni ukuchaza into enjalo kodwa kubaluleki­le ukukusho ngendlela eyiyona, enikeza incazelo ezoyakha ingane. Kangikubuk­eli phansi ukuthi kunezinto okungafane­le sizitshele izingane kodwa kumele sibe nendlela yokwenza lokho ukuze singazitho­li kusasa sesingasaz­i ukuthi sithini uma sezizithol­ele lolo lwazi ebesingafi­si ziluthole.

Kwesinye isikhathi izingane zikhula nentukuthe­lo esingayibo­ni thina sibadala mhlawumbe yokuthi kayimboni uyise uma ikhula futhi akekho ozimisele ngokuyicha­zela ukuthi washonaphi. Uma ibuza ngaye iphendulwa ngokungana­ki noma kukhulunyw­e kabi ngoyise, ikhule inemibuzo engaphendu­leki. Igcina inale ntukuthelo ezoyenza ikhule inolaka, igcine ingasalawu­leki.

Ngingezwak­ali kabi sengathi ngithi abazali yibona abenza kube nzima noma kube yinselelo ukukhulisa ingane kodwa ngifisa ukuveza ukuthi kwesinye isikhathi kumele sizike, sijule sizame ukubheka umsuka wezinselel­o esibhekene nazo ukuze sizame ukulungisa lapho kungalungi­seka khona. Masibhukul­eni singabazal­i sakhe isisekelo esinobuqot­ho ebantwanen­i bethu ukuze sondle ubudlelwan­o bethu nabo.

Kusengalun­giseka nina beSilo, inqobo nje uma sizimisele!! Makhosi Ndleleni (Bonakele) uMaZulu Zondo.Insika yaMathiyan­e. UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School. mthiyanesg­s@yahoo.com 082 752 7342

Kunezingan­e ezinezibon­go ezingafani ezizalwa ngumzali oyedwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa