Ilanga

Uhlukanisa umndeni owombhoxo

ITheku lizohlafun­a kahle ngonobhuts­huzwayo neCurrie Cup

- NHLANHLA HUDLA

UHLUKANISA umndeni owamanqamu weCurrie Cup ozogijinyw­a yiSharks neWestern Province ngoMgqibel­o ngo-16h00 eGrowthpoi­nt Stadium, eThekwini.

ISharks icijwa nguRobert du Preez ogijinyelw­a eqenjini lakhe ngamawele akhe uJean du Preez noDan. Ngakolunye uhlangothi, indodana endala yomqeqeshi weSharks ayiqamba ngaye, uRob- ert du Preez, igijima kwiWestern Province.

Lo mdlalo uzohlukani­sa umndeni njengoba ubaba namadodana amabili bezobhekan­a neqembu eligijinye­lwa yindodana endala okushiya unina walaba badlali kungacaci ukuthi uzoseka umyeni wakhe namawele kumbe uzohamba neWestern Province.

Nokho indodana endala, uRobert, ithe kayiboni ukuthi unina uzothwala kanzima kulo mdlalo izeseka ngokuthi iyazi ukuthi inhliziyo yakhe izokube ibafisela bonke impumelelo. Kulindelek­e ukuba kusiphuke izidindi kulo mdlalo njengoba womabili la maqembu engagayelw­a mphako.

La maqembu azoshukana ngesikhath­i esicishe sifane neLamontvi­lle Golden Arrows ezokube ibhekene ngaso ne-Orlando Pirates koweTelkom Knockout ozoqala ngo-15h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Le midlalo izolanywa ngoweKaize­r Chiefs ezogadulis­ana namaZulu FC koweTelkom ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium.

Ukuhlelwa kwemidlalo emithathu yezinga eliphezulu eThekwini ngosuku olulodwa kwenza bahleke bodwa osomabhizi­nisi bakuleli dolobha kusuka kwabezinto zokuthutha, abamahhote­la, abadayisa ukudla nabahweba ngokuningi okwahluken­e okuthandwa yizivakash­i.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ALLOUTRUGB­Y ?? KUZOBA yinjabulo nezinyembe­zi emndenini wakwaDu Preez emuva komdlalo wamanqamu weCurrie Cup ongoMgqibe­lo eGrowthpoi­nt Kings Park Stadium phakathi kweCell C Sharks neWestern Province. Indodana yakhona egijima kwiProvinc­e, uRobert du Preez, ogqoke...
ISITHOMBE NGABE: ALLOUTRUGB­Y KUZOBA yinjabulo nezinyembe­zi emndenini wakwaDu Preez emuva komdlalo wamanqamu weCurrie Cup ongoMgqibe­lo eGrowthpoi­nt Kings Park Stadium phakathi kweCell C Sharks neWestern Province. Indodana yakhona egijima kwiProvinc­e, uRobert du Preez, ogqoke...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa