Ilanga

IPirates imincile ngabadlali abamqoka

I-Arrows iqine idolo ngerekhodi lokungehlu­lwa

- SENZO SOKHELA

UBAMBA uyayeka umqeqeshi we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi umincile ngabadlali bakhe abamqoka.

IBucs izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows koweTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs kuvela ukuthi ubamba uyayeka njengoba uMthokozis­i Dube odlala emuva, uMusa Nyatama oyibamba esiswini noThamsanq­a “Gandaganda” Gabuza ongumgadli benokuthin­teka.

Kuthiwa sekulindwe ukuba bahlolwe okokugcina ngodokotel­a kusa- sa ngoLwesihl­anu ngaphambi kokuba kunqunywe ukuthi bazodlala yini.

“Uma uya emdlalweni omkhulu njengalona udinga bonke abadlali bakho abawumgogo­dla. Ngimincile nje ukuthi kufike usuku lomdlalo laba badlali sebesesimw­eni esigculisa­yo. Amalungise­lelo ahamba kahle, siwulindel­e lo mdlalo we-Arrows,” kusho uSredojevi­c.

UClinton Larsen ocija i-Arrows, uthi izinto zihamba kahle kwezakhe futhi akanalo uvalo ngalo mdlalo wePirates.

“Sesigijime imidlalo eyisi-9 singehlulw­a, lokho kwenza abafana bami bangabi nalo uvalo lokubhekan­a nanoma yiyiphi ikilabhu abaqhathwe nayo. Nalo mdlalo wePirates siwulungis­elele ngendlela efanele, wonke umuntu uwulangaze­lele.

Engikuqaph­ele ngayo wukuthi ihluke kakhulu kunangesiz­ini eyedlule, iyashesha uma ihlasela kanti ngeyedlule ibithatha isikhathi sayo ukuhlasela.

“Kodwa-ke izofika siyihlomel­e iPirates lokho kangikunga­bazi.

Okuhle nje wukuthi kungase kubuye uNduduzo Sibiya noTrevor Mathiane abebelimel­e,” kusho uLarsen.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUNDUDUZO Sibiya we-Arrows okuminciwe ukuthi alulame ukubhekana nePirates.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUNDUDUZO Sibiya we-Arrows okuminciwe ukuthi alulame ukubhekana nePirates.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUTHAMSAN­QA Gabuza wePirates okubanjwe umoya ngaye ukuphasa ukuhlolwa kokugcina.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUTHAMSAN­QA Gabuza wePirates okubanjwe umoya ngaye ukuphasa ukuhlolwa kokugcina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa