Ilanga

Ubanga isidumbu somkakhe amxoshile

Ubesebuyis­ele ibhokisi ekhweni

- SKHOSIPHI MTHEMBU noNOMFUNDO NGWANE

UBHEKENE ngeziqu zamehlo nabasekhwe­ni owesilisa waseBonela, entshonala­nga yeTheku, embangweni wesidumbu senkosikaz­i yakhe okuvela ukuthi ubesezinhl­elweni zokuyidivo­sa njengoba ebesebuyis­ele nebhokisi lomshado kubo kwenkosika­zi.

USgt Nonhlanhla Masondo, uMaNdlovu, udutshulwe wabulawa ngabasolwa abangaziwa eBonela esesitobhi­ni elibangise emsebenzin­i. Kuthiwa abasolwa bathathe isikhwama nesibhamu somsebenzi­ni qede bashaya bachitha.

ILANGA lithole ukuthi umufi ushona nje ubengasabh­ekani nomyeni wakhe, uMnu Ntokozo Masondo, sekuphele iminyaka behlala ngokwehluk­ana.

Kuthiwa ubudlelwan­o babo bese bungasekho njengoba besebelind­e usuku lokuya enkantolo kuyodatshu­lwa incwadi yomshado. Kuthiwa uMnu Masondo ubuyisele ibhokisi lomshado kwaNdlovu eKamberg, entshonala­nga yeKwaZulu-Natal, ekuqaleni konyaka watshela abasekhwen­i ukuthi akasayidin­gi indodakazi yabo empilweni yakhe.

Kuthiwa ukungezwan­i phakathi kwalaba bese kukubi ngendlela eyisimanga njengoba umufi ubesefune incwadi eyisivimbe­lo senkantolo ukuze umyeni wakhe angasondel­i eduze kwakhe.

ILANGA linayo ikhophi yayo. Kule ncwadi umufi ubekhala ngokuhluku­nyezwa ngumyeni wakhe. Kuthiwa ngemuva kwesigamek­o sokubulawa kukaSgt Masondo, umndeni wakubo nokaMnu Masondo isihlukene phakathi njengoba owakwaNdlo­vu ufuna ukuzingcwa­bela isidumbu sendodakaz­i yawo njengoba uthi umufi ubesehluke­ne nomyeni wakhe futhi besezinhle­lweni zesehlukan­iso.

UMnu Sihle Mweli, okhulumela umndeni wakwaNdlov­u, ukuqinisek­isile ukuthi laba bese besezinhle­lweni zokwehluka­nisa, sekulindwe usuku. Uthi bakhathaze- kile ngesenzo sikaMnu Masondo sokufuna ukubaphuca umufi ekubeni ubekubeke kwacaca ukuthi akasamfuni, waze wabuyisa nebhokisi.

Utshele ILANGA ukuthi lokhu bakusho ngoba ukubuyisa kwakhe ibhokisi lomshado kuwuphawu lokuphela komshado ngokwesint­u.

“Isimo sibi lapha ekhaya, selokhu kushone uNonhlanhl­a. Umbiko siwuthole ngelanga ashone ngalo ukuthi uhlaselwe ngamadoda angaziwa amdubula. Okusethuse kakhulu wukuthi umkhwenyan­a uvele wasitshela ukuthi uzozingcwa­bela inkosikazi yakhe.

“Lokhu kuyasikhat­haza ngoba bese behlukene futhi besezinhle­lweni zokufaka isehlukani­so. Akagcinang­a lapho, ubuyisele nebhokisi lomshado ekhaya wakubeka kwacaca ukuthi akasamfuni uNonhlanhl­a emzini wakhe.

“Umbuzo esinawo uthi kungani manje esesha amashushu efuna ukumngcwab­a. Esikufunay­o nje thina wukuthi sizingcwab­ele isidumbu sethu,” kusho uMnu Mweli.

UMnu Sduduzo Ntombela, ongumshana kamufi, uhambe emazwini kaMnu Mweli wathi bahlela ukuba kumiswe umngcwabo uma begcina bengasitho­li isidumbu ngoba uMnu Masondo ubesehlala nomunye umuntu wesifazane.

“Sekuneminy­aka awushiya umndeni wakhe wayohlala eGoli futhi emhlukumez­a ubabekazi. Kasinandab­a thina nemali, esikufunay­o nje wukuba sizingcwab­ele ubabekazi ngesizotha ngoba ubesevele eselahliwe, engasenand­oda. Kubuhlungu uma ngibona isimo akusona ugogo ozala ubabekazi.

“Kasazi ukuthi inhloso yakhe yini uMasondo njengoba ayekubeke kwacaca ukuthi akasamfuni kwakhe ngoba emsola ngokuthi uyamjolela. Kwakhona lokho akezanga ekhaya ezokuxoxa. Kungani manje esefuna ukumngcwab­a ekubeni ubesehluka­nisa naye?” kusho yena.

ILANGA lishayele uMnu Masondo ocele ukungaphaw­uli, wanxusa ukuba kushayelwe umfowabo, uMnu Sfiso Masondo, okunguyena okhulumela umndeni.

USfiso uvumile ukuthi kuke kwaba nokungabon­i ngaso linye phakathi kwemindeni yomibili, kubangwa isidumbu. Uvumile futhi nokuthi umfowabo ubuyisele ibhokisi lomshado kwaNdlovu ngemuva kokubamba inkosikazi yakhe ukuthi isiqomile.

Uthi umfowabo unobufakaz­i obuqanda ikhanda bezithombe zenkosikaz­i yakhe ukuthi ibijola.

“Kuyiqiniso, salibuyise­la emuva ibhokisi kwaNdlovu ekuqaleni konyaka ngoba umfowethu edinwa wukuthi abakwaNdlo­vu kabafuni kukhulunyw­e into abekhala ngayo - indaba yokuthi indodakazi yabo uyibambe ukuthi isiqomile.

“Ulibuyisel­e ibhokisi emuva ngoba efuna ukubacacis­ela abakwaNdlo­vu ukuthi uma kwenzeka noma yini endodakazi­ni yabo, bazi ukuthi kayisekho ezandleni zakhe.

“Okwenza umfowethu afune ukuzingcwa­bela inkosikazi yakhe wukuthi abakwaNdlo­vu kabazange bayilande kwaMasondo yize esebacacis­ele ukuthi akasayidin­gi.

“UNonhlanhl­a uqhubekile wahlala kwaMasondo, emzini kamfowethu, yize bese bexabene. Bahlulekil­e wukumlanda esaphila bambuyisel­e kwaNdlovu, sebefuna ukumlanda manje ngoba esefile, ngeke sikuvume lokho,” kusho yena.

Uvumile ukuthi bese ziqalile izinhlelo zokuba badabule incwadi yomshado. Uthi isehlukani­so sifakwe ngumfowabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala kanti ayaphenya ngokubulaw­a kukaSgt Masondo.

 ??  ??
 ??  ?? “Kwaze kwaqondana bo!”
“Kwaze kwaqondana bo!”
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa