Ilanga

KUSOLWA IZINKINGA KUMFUNDISI OZIBULELE

Ushiye incwadi exolisa

- LUCKY CAIN noNONHLAKA­NIPHO SHINGA

KUSHAQISE amalunga ebandla nawomphaka­thi waseLovu, eningizimu yeTheku ukuzibulal­a komfundisi wakule ndawo okubalulwa izinkinga ebezidlula ikhanda njengemban­gela yokuziyisa kwagoqanya­wo ngesonto eledlule.

Kulezi zinkinga eziholele ekubeni uMfu Nhlanhla Ngcobo weGod’s Glory Ministries yakhona eLovu, azibulale, kubalwa ukuhlubuka kwabazalwa­ne ebandleni nezinkinga emshadweni. Ukuzibulal­a kwakhe kwandise amahlebezi okuthi kubhoke izinkinga emshadweni wakhe njengoba kuthiwa yena nenkosikaz­i yakhe, uNkk Jabu Ngcobo, bese behlala ngokuhluka­na.

Kuvele ukuthi izinkinga zasemshadw­eni wakhe ziqale ngemuva kokuba ezwane nelinye ilunga lebandla ebelinikel­a kakhulu, okuyinto egcine itholwa yinkosikaz­i yakhe.

“Umama utholile ngalokhu wabona ukuthi kungaphezu kwakhe, wakhetha ukuthatha izingane zakhe wabuyela kwelakubo eMpumalang­a. Ngemuva kwalokho amalunga ebandla nawo aqalile ashiya kancane kancane ebandleni kwagcina sekunezink­inga.

“Ibandla bese lingasenay­o imali, kangangoku­thi umfundisi ubesefuna ngo-dli nemali kaSonto Sikole” kusho umthombo. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uMfu Ngcobo ubesola umkakhe ukuthi ujola nomunye umculi we-gospel - igama lakhe siligodlil­e - ngoba eke wacula naye phambilini.

“Ubehlala ekhala ngobudlelw­ano bomkakhe nalo mculi kwazise ubeze alibeke ngembaba elokuthi akabuqondi kahle,” kusho umthombo. Uthi nokushiya kwamalunga ebandleni bekumhluku­meza njengoba ebengasiqo­ndi isizathu sokushiya kwawo.

Omunye umthombo uthi isizathu sokuhlala ngokuhluka­na kukaMfu Ngcobo nomkakhe wukuthi inkosikazi ibingasagc­ulisekile ngendlela izinto ebezenzeka ngayo emshadweni. UMfu Ngcobo ubengomuny­e wabahola indumiso ebandleni iChestervi­lle Christian Church eholwa nguMfu Themba Mahlaba ngaphambi kokusungul­a ibandla lakhe. UNkk Ngcobo uzikhahlel­e ngazo zombili izinsolo zokuthi ubesehlala ngokuhluka­na nomyeni wakhe.

“Kungamampu­nge okushiwo ngomshado wethu, ngeke ngiphike ukuthi bezikhona izinkinga njengakuyo­na yonke imishado kodwa okwenzeke kumyeni wami kakuhlange­ne nazo, kuthinta kakhulu ibandla. Kuyaziwa ukuthi ukuba kwami seMpumalan­ga bekudalwa wumsebenzi njengoba ngisebenza khona kodwa bengibuya njalo ngezimpela­sonto kanti uma kumatasa bengibuya ekupheleni kwenyanga,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthi umyeni wakhe ubesenokhw­antalala ngenxa yokuhlakaz­eka kwebandla. Uthi uthole ucingo eseMpumala­nga ngokwenziw­e ngumyeni wakhe njengoba kutholwe nencwadi ayibhalile ngesenzo.

“Ushiye incwadi exolisa ngesenzo sakhe, waveza nokuthi uyangithan­da ngiziphath­e kahle izingane,” kuveza uNkk Ngcobo onealbhamu esihloko sithi “Wangilwela” edidiyelwe nguSipho Makhabane. Ukuphikile ukuthi umyeni wakhe uke wamsola ngokujola nomculi we-gospel.

“Kakukaze kube nento enjalo naye lapho ekhona uyalazi iqiniso, ngakho abantu mabangakhu­lumi izinto ezingelona iqiniso ngomshado wethu,” kusho uNkk Ngcobo ephika ukuthi naye uke wasola umfundisi ngokungazi­phathi kahle.

Uchaze umyeni wakhe njengomunt­u obengakuth­andi ukukhuluma, enomoya ophansi othanda abantu futhi oke wasebenza nenqwaba yabefundis­i abadumile eThekwini namaphethe­lo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa