KUSOLWA IZINKINGA KUMFUNDISI OZIBULELE
Ushiye incwadi exolisa
KUSHAQISE amalunga ebandla nawomphakathi waseLovu, eningizimu yeTheku ukuzibulala komfundisi wakule ndawo okubalulwa izinkinga ebezidlula ikhanda njengembangela yokuziyisa kwagoqanyawo ngesonto eledlule.
Kulezi zinkinga eziholele ekubeni uMfu Nhlanhla Ngcobo weGod’s Glory Ministries yakhona eLovu, azibulale, kubalwa ukuhlubuka kwabazalwane ebandleni nezinkinga emshadweni. Ukuzibulala kwakhe kwandise amahlebezi okuthi kubhoke izinkinga emshadweni wakhe njengoba kuthiwa yena nenkosikazi yakhe, uNkk Jabu Ngcobo, bese behlala ngokuhlukana.
Kuvele ukuthi izinkinga zasemshadweni wakhe ziqale ngemuva kokuba ezwane nelinye ilunga lebandla ebelinikela kakhulu, okuyinto egcine itholwa yinkosikazi yakhe.
“Umama utholile ngalokhu wabona ukuthi kungaphezu kwakhe, wakhetha ukuthatha izingane zakhe wabuyela kwelakubo eMpumalanga. Ngemuva kwalokho amalunga ebandla nawo aqalile ashiya kancane kancane ebandleni kwagcina sekunezinkinga.
“Ibandla bese lingasenayo imali, kangangokuthi umfundisi ubesefuna ngo-dli nemali kaSonto Sikole” kusho umthombo. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uMfu Ngcobo ubesola umkakhe ukuthi ujola nomunye umculi we-gospel - igama lakhe siligodlile - ngoba eke wacula naye phambilini.
“Ubehlala ekhala ngobudlelwano bomkakhe nalo mculi kwazise ubeze alibeke ngembaba elokuthi akabuqondi kahle,” kusho umthombo. Uthi nokushiya kwamalunga ebandleni bekumhlukumeza njengoba ebengasiqondi isizathu sokushiya kwawo.
Omunye umthombo uthi isizathu sokuhlala ngokuhlukana kukaMfu Ngcobo nomkakhe wukuthi inkosikazi ibingasagculisekile ngendlela izinto ebezenzeka ngayo emshadweni. UMfu Ngcobo ubengomunye wabahola indumiso ebandleni iChesterville Christian Church eholwa nguMfu Themba Mahlaba ngaphambi kokusungula ibandla lakhe. UNkk Ngcobo uzikhahlele ngazo zombili izinsolo zokuthi ubesehlala ngokuhlukana nomyeni wakhe.
“Kungamampunge okushiwo ngomshado wethu, ngeke ngiphike ukuthi bezikhona izinkinga njengakuyona yonke imishado kodwa okwenzeke kumyeni wami kakuhlangene nazo, kuthinta kakhulu ibandla. Kuyaziwa ukuthi ukuba kwami seMpumalanga bekudalwa wumsebenzi njengoba ngisebenza khona kodwa bengibuya njalo ngezimpelasonto kanti uma kumatasa bengibuya ekupheleni kwenyanga,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthi umyeni wakhe ubesenokhwantalala ngenxa yokuhlakazeka kwebandla. Uthi uthole ucingo eseMpumalanga ngokwenziwe ngumyeni wakhe njengoba kutholwe nencwadi ayibhalile ngesenzo.
“Ushiye incwadi exolisa ngesenzo sakhe, waveza nokuthi uyangithanda ngiziphathe kahle izingane,” kuveza uNkk Ngcobo onealbhamu esihloko sithi “Wangilwela” edidiyelwe nguSipho Makhabane. Ukuphikile ukuthi umyeni wakhe uke wamsola ngokujola nomculi we-gospel.
“Kakukaze kube nento enjalo naye lapho ekhona uyalazi iqiniso, ngakho abantu mabangakhulumi izinto ezingelona iqiniso ngomshado wethu,” kusho uNkk Ngcobo ephika ukuthi naye uke wasola umfundisi ngokungaziphathi kahle.
Uchaze umyeni wakhe njengomuntu obengakuthandi ukukhuluma, enomoya ophansi othanda abantu futhi oke wasebenza nenqwaba yabefundisi abadumile eThekwini namaphethelo.