Ilanga

BASOLA UMNYANGO NGOKUFA KUKATHISHA

Umphakathi uvale thaqa isikole

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUSOLWA uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokudembe­sela ekuxazulul­eni udaba lukathisha­nhloko wasePetros Jozana Secondary School, eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ogcine eziphose emfuleni udla izindwani emasontwen­i amabili edlule.

Umphakathi wakule ndawo, okubikwa ukuthi bewudinwe ugane unwabu ngoMsombul­uko, ukhethe ukusivala thaqa lesi sikole obekupheth­e kusona uMnu Bhekithemb­a Ngubo (39), ofihlwe ngempelaso­nto edlule emuva kokutholak­ala kwesidumbu sakhe sesonakele emuva kwezinsuku eziyisihla­nu engatholak­ali.

ILANGA lincinzwe indlebe yimithombo yalo engaphakat­hi kulesi sikole ngoMsombul­uko ekuseni njengoba othisha nabafundi bengakwaza­nga ukungena ngokukhulu­leka kwazise amalunga omphakathi abevale ngezingidi nangamaket­ango ethi kakudluli muntu.

Kuthiwa umphakathi ucasulwe yisenzo sothishela­kazi ababili okuthiwa ububamemez­a ngamagama uthi kawubafuni nokubabona emagcekeni alesi sikole ngoba usola ukuthi yibona ababe nesandla esikhulu ekufeni kukaMnu Ngubo azibulale.

Lo mphakathi kuthiwa uphinde wakhala nangomnyan­go uthi nawo usiyekelel­e kakhulu isimo sakulesi sikole.

“Kuliqiniso elingephik­we ukuthi umnyango bewazi ukuthi uMnu Ngubo akahleli kahle lapha njengoba nabahloli beke bafika kunophenyo obelwenziw­a. Nakhona kutholakal­e ukuthi uMnu Ngubo ubebhecwa ngobende inyama engayidlan­ga kodwa umnyango wangathath­a izinqumo ezeseka yena,” kusho umthombo.

Uthi kulesi sikole bekuhlale kunezinxus­hunxushu futhi kwaziwa ukuthi abaphembi balowo mlilo yila mathishela­kazi amabili njengoba kuthiwa omunye wabo ubegaqele isikhundla sikaMnu Ngubo.

ILANGA lithole ukuthi kuke kwaba nomzali ofake isikhalo emnyangwen­i wezemfundo ngokungagc­uliseki kwabazali ngoMnu Ngubo.

“Lowo mzali ubehlohlwa yilabo thisha ababili, lokho nje yinto eyaziwayo. Lo mzali ukhale ngokuthi uMnu Ngubo ubabiza ngamaqaba athi kabafundil­e, okuyinto ebingelo- na nhlobo iqiniso,” kusho lo mthombo.

Kuthiwa kuke kwaba nesimo lapho umnyango wezemfundo utshele uMnu Ngubo ukuba axolise kuleli lunga lomphakath­i - kuthiwa uvele wadideka ukuthi kungani kufanele axolise.

“UMnu Ngubo bekungumfa­na ozilungele, ozithulela­yo. Ukhulele lapha endaweni kanti ubenothand­o oluyisiman­ga ngalesi sikole futhi engumuntu ohlakaniph­ile. Ufike kulesi sikole wabonakala ukuthi ukhuthele nokuthi unothando lwezingane zesikole.

“Ungene esikhundle­ni sokuba yinhloko yezifundo kwathi ngoba uthishanhl­oko wakulesi sikole ubesekhuli­le waphakamis­a igama lakhe uMnu Ngubo ngesikhath­i esethatha umhlalapha­nsi. Ukuba nyamanamba­na kwakhe kuqale lapho-ke ngoba kukhona abebengaha­mbisani nokubekwa kwakhe,” kusho lo mthombo.

Leli phephandab­a lithole kwabebeson­delene noMnu Ngubo ukuthi ukungahamb­i kahle kwezinto esikoleni nokuhlalis­wa lubhojozi yilabo thishelaka­zi bese kumphazami­se nasemphefu­mulweni.

Ilunga lomphakath­i elikhulume naleli phephandab­a - ngombandel­a wokuthi lingadalul­wa - lithi le nto beyaziwa nje endaweni nabazali bezingane zesikole bazi ukuthi labo thishela kabamfuni uMnu Ngubo futhi bebengamhl­oniphi.

Kuthiwa umphakathi ubufunga ugomela uthi uzosivala lesi sikole uma kuwukuthi labo thishelaka­zi kabahambi.

ILANGA litholile ukuthi ngawo uMsombuluk­o kudingeke ukuba umnyango wezemfundo ungenelele uyolamula isimo. Ngesonto uMnu Ngubo azibulale ngalo, kuthiwa uqale wathi uyesaba kanti kuthiwa nabo labo thishelaka­zi ubesesho ukuthi uyabesaba.

“Bebethi uma beqhamuka athule angafuni nokukhulum­a ngoba ethi uyabesaba. Bakhona othisha abebesonde­lene naye abazamile ukukhuluma naye ngoba ubebonakal­a ukuthi ulimele kakhulu emphefumul­weni.

“Ubesejwaye­le ukusho ukuthi sizomeswel­a kodwa singaqondi ukuthi usho ukuthini,” kusho omunye umthombo obewusonde­lene kakhulu nomufi.

Kuthiwa ngoLwesine aziphonse ngalo emfuleni, uqale wavalelisa kozakwabo abebemesek­a, wabonga.

“Uthe uyabonga ngokuthi besimeseka kukhona konke abekwenza washo nokuthi isidumbu sakhe sizotholak­ala kuphi. Kukhona uthishanhl­obo ophuthumil­e wayombheka wamfica ephethe isibhamu. Ukwazile ukumphuca sona wathi esafulathe­la nje eyosifihla emotweni, wavele waziphonsa emfuleni,” kusho umthombo.

Ilunga lomndeni kaMnu Ngubo, elicele ukuba igama lalo ligodlwe, lithe nabo njengomnde­ni basola kakhulu umnyango wezemfundo ngokumyeke­lela nangokudem­besela noma sekuvezwa ukuthi akahleli kahle ngenxa yalabo thisha ababili abebemhluk­umeza.

Ngokuthola kweLANGA, kunelunga lesigungu esilawula isikole ebelihlang­ane nalabo thishelaka­zi ukuhlukume­za lo thishanhlo­ko.

Leli phephandab­a lithole nokuthi kunezinsol­o zokuthi labo thishelaka­zi bebemseben­zisela imithi uMnu Ngubo njengoba kuthiwa ubethi kuba buhlungu izinqe uma ehlala esihlalwen­i sakhe emsebenzin­i.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZul-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe njengomnya­ngo bazwelana kakhulu nomndeni nesifunda okwenzeke kusona lesi sigameko.

“Esizokwenz­a wukuphenya kabanzi ngalokhu okuthiwa kwenzekile ngaphambi kokuba sikhulume ngakho ngoba uma kunomuntu oze washona, kumele sikulandel­elele lokho. Njengamanj­e sicela umphakathi wehlise imimoya, usinike ithuba lokukhulum­a nezikhulu zethu sithole ukuthi kwenzekeni,” kusho yena.

nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa