WINA UMFUNDAZE NELANGA NE-BEREA TECH
Bebedinwe wukuthi bebengenaye uthisha we-Accounting
BADUBE iphepha lesiNgisi ebelibhalwa ngoLwesibili abafundi abane baseMadulini Secondary School eMagqumeni, eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal, bedinwe wukuthi bebengenaye uthisha we-Accounting unyaka wonke.
Kuthiwa kababhalanga ngoba bethi vele unyaka wabo wonakele, akukho abazokubhala kulesi sifundo okusho ukuthi sebefeyilile.
Ngokuthola kweLANGA, uthisha obefundisa i-Accounting uhambe esigabeni sokuqala sonyaka, isikhala sakhe sangavalwa. Kuthiwa udaba lubikiwe kubahloli kwaze kwenziwa uhlelo lokuthi ngokuqala kwesigaba sesithathu bayofunda kwesinye isikole esiseMount Currie eKokstad, eningizimu yeKwaZulu-Natal.
Kubikwa ukuthi nakwiMaths bebengenzi kahle abafundi, nakhona lwabikwa udaba kubaphathi besikole abafundi bethi kabanelisekile ngothisha wabo.
Umthombo weLANGA uthi umnyango wezemfundo ubathathile abafundi bayiswa kwesinye isikole esinothisha abaseqophelweni eliphezulu. Uthi abafundi bakhale ngokuthi nakusona lesi sikole bebengafundiswa lutho olutheni.
“Izingane zilwela ilungelo lazo ngoba zithi izifundo azibuyekezwanga kodwa sekuthiwa mazibhale. Empeleni bezihlele ukuthi zonke ngeke zibhale kodwa ekugcineni ezinye zashaya ungqimphothwe.
“Esikutholile ngosuku lokubhalwa kwezivivinyo wukuthi umhloli omkhulu uthi yena ubengenalo ulwazi lokuthi kunenkinga enkulu kangaka esikoleni,” kusho umthombo.
Kuthiwa uthisha we-Accounting ubengekho ngisho kwaGrade 10-11.
Omunye wothisha ofundisa kulesi sikole uthi lolu daba lubikwe isikhathi eside kubahloli belokhu bethi bazolulungisa. Uthi kabahambisani nokwenziwe ngabafundi kodwa baphucwe ilungelo nabo lokufunda ngokungathunyelwa kukathisha.
Elinye ilunga lesigungu esilawula isikole - elicele ukuba lingadalulwa igama lalo - lithi kukaningi bebiza umhloli befuna ukukhuluma naye engayi kubo.
Utshele ILANGA ukuthi kabenelisekile ngendlela okuphethwe ngayo abafundi.
“Umhloli besiqala ukumbona ngoLwesibili ngoba nakhu izingane zingasabhalanga, besilokhu simcela sifuna ukukhuluma naye ngale nto. Izingane zithi kazikulungele ukubhala iphepha, kungcono zisale seziyeka,” kusho umzali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthi emuva kokuzwa ngezinkinga kulesi sikole umnyango wenze konke okusemandleni wathuthela abafundi kwesinye isikole ukuze bahlinzekwe ngakho konke abazokudinga.
Uthi laba abangabhalanga yingoba bebebona bengakulungele kwazise abanye babhalile.
“Abafundi bakhale ngokuthi bebengasizwa isiNgisi kulesi sikole ebesibafake kusona ngoba kusetshenziswa sona. Yileso-ke isizathu sokungabhali kwabo kodwa thina sikwenze konke ukuze basizakale.
“Siyabanxusa ukuba babuyele esikoleni beyobhala ngoba kayikho into abayihlalele. Umhloli uhlalile nabo nabazali wababonisa ubungozi bale nto abayenzayo,” kusho uMnu Khuzwayo.
Uthi kubalulekile ukubhala ngoba uyalithola ithuba lokuchibiyela ngonyaka ozayo, kunokuba ungabhali.
Umhloli besiqala ukumbona ngoLwesibili ngoba...