Ilanga

OWE-CHIEFS USELALA OBENYONI NGOSUTHU

IBhele lifisa zimbozwe iziMpofana eThekwini

- SENZO SOKHELA

ULALA obenyoni umqeqeshi weKaizer Chiefs ngomdlalo namaZulu FC wesigaba sikaLast 16 kwiTelkom Knockout ozokuba ngoMgqibel­o ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Nakuba iChiefs kuyiyona etonyulwe ekhaya kodwa inqume ukuletha lo mdlalo eThekwini. ILANGA lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi nakuba uSteve “Mphathi” Komphela ololonga iChiefs enze kahle emidlalwen­i emibili edlule lapho ehlule khona iMamelodi Sundowns ngo-2-1, wadlala ngokulinga­na nomkhaya i-Orlando Pirates ngo-0-0 kodwa abalandeli bayamsonge­la ngomdlalo woSuthu. Kuthiwa bamuthumel­ela imiqhafazo emusongela­yo uma kuwukuthi akawunqobi lo mdlalo. Kuthiwa bathi kulokhu uma nje bengahlulw­a bazokuqini­sekisa ukuthi badala umonakalo ukuze iChiefs izongena ezindlekwe­ni njengoba ingafuni ukukhokhel­a uKomphela bese imxosha. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i iChiefs ihlulwa yiBaroka FC ngo-2-1 koweligi kuyona le nkundla emasontwen­i ambalwa edlule abalandeli bavuke umbhejazan­e bethi uKomphela makahambe. Baze bazama ukushisa inkundla abanye benompela endaweni yezicukuth­wane befuna ukuzifikel­a mathupha kuBobby “Bobsteak” Motaung oyiMenenja­jikelele yale kilabhu bethi nguyena ongafuni ukuxosha uKomphela.

UKomphela kabamufuni abalandeli nje, yingoba selokhu efike kwiChiefs kumasizini amabili edlule akakanqobi lutho.

Lena yisizini yakhe yokugcina kanti kuyona usesalelwe yiTelkom Knockout, yiNedbank Cup neligi ukujabulis­a abalandeli bale kilabhu ngenkomish­i.

UKomphela akathandan­ga ukuphawula ngolwezins­ongo ezeseka ngokuthi uzama ngazo zonke izindlela ukubuyisa isithunzi sale kilabhu.

“Ngiyazi ukuthi kule kilabhu into efunekayo yizinkomis­hi. Uma ungazithol­i uba senkingeni. Nokhoke kasizukuta­tazela, sizobhekan­a nomdlalo ngamunye. Umdlalo wamaZulu ngeke ube lula neze ngoba nawo akhombisa ukuvuka emaqandeni.

"Ukuhlula kwawo iSundowns kuyizinkom­ba zokuthi ayingozi uma uzowathath­a kancane. Kodwa-ke siyakwazi okufanele sikwenze noma yikanjani sizokwenza ngakho konke okusemandl­eni ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uKomphela.

USiyabonga “Bhele” Nomvethe ongumgadli woSuthu osefomini kulezi zinsuku, uthi sibajabuli­sile isinqumo seChiefs sokuletha lo mdlalo eMoses Mabhida.

“Sijabule kabi ngesikhath­i bememezela ukuthi lo mdlalo bawuletha eMoses Mabhida. Empeleni sidlalela ekhaya ngoba phela iMabhida siyazi njengoba sizazi. Yikho lokho okusijabul­isile. Kodwa-ke umdlalo ngeke uze ube lula. Esikucelay­o nje wukuthi abalandeli bethu baphume ngobuningi babo ukuzosesek­a ngoba sizobading­a kulo mdlalo. Siyazi ukuthi iChiefs inabalande­li abaningi kulesi sifundazwe kodwa sicela abantu bakhombise ukuthi yikilabhu yasekhaya lena bayeseke,” kusho uNomvethe obheke ukubhakuzi­sa inethi ku-Itumeleng Khune ongunozint­i wokuqina weChiefs neBafana Bafana.

Imidlalo yeTelkom Knockout isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Platinum Stars 20h00. NGOMGQIBEL­O E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Ajax Cape Town 15h30.

EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Orlando Pirates 15h30.

EDr Petros Molemela: Bloemfonte­in Celtic vs SuperSport United 18h00.

EMoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs AmaZulu FC 20h15.

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Free State Stars 20h15. NGESONTO EPeter Mokaba: Baroka FC vs Cape Town City FC 15h30.

ESisa Dukashe: Chippa United vs Mamelodi Sundowns 15h30.

 ??  ??
 ??  ?? ITUMELENG Khune
ITUMELENG Khune
 ??  ?? SIYABONGA Nomvethe
SIYABONGA Nomvethe
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa