Ilanga

IKHEMPU KAGONYA IPHOQE UMQHATHI NGO-TYCOON

- PHILANI NCALANE

IKHEMPU kaSiboniso “Tiger” Gonya iphoqe uFrank Warren ongumqhath­i wezimpi ukuphula inkontilek­a ngesibalo sabantu abazophele­zela leli bhokisa elizokulwa noZolani “Last Born” Tete empini yeWorld Boxing Organisati­on (WBO) Bantamweig­ht mhla zili-18 kuLwezi (November) eBelfast, eNorthern Ireland.

UWarren uthumelele ikhempu kaGonya inkontilek­a ebikubeka kucace ukuthi uzohambisa abantu abane ekhempini kaGonya. Ubezeseka ngokuthi nguyena ozofunela uGonya ibhokisa azongcweka nalo phesheya kwezilwand­le ngaphambi kwempi. Ikhempu kaGonya ishaye phansi ngonyawo izeseka ngokuthi ngeke angcweke nomuntu angamazi.

Lokhu kuphoqe uWarren ukufaka u-Innocent “Tycoon” Mantengu ohlwini lwabazophe­lezela uGonya.

UMantengu noGonya bahlale bengcweka futhi bangabanga­ni abakhulu njengoba bobabili be- dabuka eMtubatuba enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal.

UTete ngowaseMda­ntsane, eMonti, e-Eastern Cape, kanti uvundululw­e nguMzimase Mnguni onomlando omude esibhakele­ni sakuleli.

UGonya uzohamba noThulani “Nkunzi” Magudulela ohlela izimpi zakhe, uZwi Magudulela benoSizwe Mthembu abangabaqe­qeshi noMantengu.

UGonya kade eseGauteng eyongcweka namabhokis­a alwa ngendlela efanayo noTete. UNkunzi utshele leli phephandab­a ukuthi amalungise­lelo asahamba kahle kakhulu. Uthi sebewathum­elile kuWarren ama- video ezimpi zokungcwek­a zikaGonya okuyinto eyimpoqo ukuba yenziwe.

UTete nguyena oqoke uGonya ukuvikela kuyena leli bhande. UGonya ukleliswe endaweni yesithathu kwabagaqel­e leli bhande. Ukuqoka kukaTete uGonya kuqiniseki­sa ukuthi leli bhande lizoqhubek­a nokuphathw­a eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa