Kuputshuka eyomhlangano nabaqashi kwi-Eagles
KUPUTSHUKA eyomhlangano omqoka phakathi kukaZipho Dlangalala nabanikazi beRoyal Eagles ayibamba lomqeqeshi kuyona.
I-Eagles igijima kwiNational First Division (NFD) njengoba ngoMgqibelo ngo-15h30 izodudulana neCape Town All Stars koweligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
ILANGA lihoshe ukuthi uDlangalala uhlangane nabanikazi be-Eagles ukuzwa ukuthi ikusasa limphatheleni kule kilabhu ayithathe emuva kokuba izinyawo zigcwale udaka ku-Allan Freese. Kuthiwa kulo mhlangano uDlangalala ufise ukwazi ngokucatshangwa yizikhulu ngesimo sakhe njengoba eseyibamba.
ILANGA lizame izikhawu eziningi ukuxhumana noSbu Mpisane ongumnikazi weEagles. Ucingo lukaMpisane belungena kodwa aluvale kanti olukaJames Dlamini oyiMenenja-jikelele beluvaliwe ngesikhathi ethintwa.
UMazwi “Jomo” Mncube oyibamba esiswini se-Eagles, utshele ILANGA ukuthi bafuna ukulungisa amaphutha angeledlule uma sebebhekene ne-All Stars. Ngeledlule bahlulwe yiMbombela United ngo-2-1. Uthi banesilonda esibhibhayo kwazise bahlulwe kungafanele koweMbombela.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi siwulungele umdlalo ne-All Stars. Sidonswe ngendlebe ngumqeqeshi wethu ukuba singalinge siyithathe kancane le kilabhu ngoba iyingozi. Okunzima kakhulu ngayo wukuthi icijwa nguVladislav Heric osazi ukusuka nokuhlala kwazise uke wasebenza ekilabhini,” kusho uJomo.
UHeric uthi bangase baye kulo mdlalo sekulunge konke ngoSherwin Smith benoMustapha Jones osalinde imvume yokusebenza kuleli.
Kuzo ezeNFD, zinikwe uCasey Prince izintambo zokulolonga uBuntu Cape Town ekhombe indlela uRoger Links.
Isiyonke imidlalo yeNFD engempelasonto ihlelwe ngalolu hlobo:
KUSASA NGOLWESIHLANU
E-Athlone: UBuntu Cape Town vs Richards Bay FC 15h30.
NGOMGQIBELO EThohoyandou: Black Leopards vs Highlands Park 15h30.
KaNyamazane: Mbombela United vs Witbank Spurs 15h30. EHarry Gwala: Royal Eagles vs Cape Town All Stars 15h30.
NGESONTO ESugar Ray Xulu: Real Kings vs Mthatha Bucks 15h30. EGoble Park: Super Eagles vs Jomo Cosmos 15h30. EPrincess Magogo:
UThongathi FC vs Tshakuma FC 15h30. E-Athlone: Stellenbosch FC vs University of Pretoria 15h30.