Ilanga

Bahamba bejeqeza abacebe inceku

Bayesatshi­swa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

BAHLAFUNA bejeqeza kuhle kwezinyama­zane abesifazan­e abasola umfundisi webandla elisoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngokubadlw­engula. Laba besifazane, abaneminya­ka ephakathi kweli-18-26 ubudala, bagonyuluk­e kuleli phephandab­a ngenceku - esingeke sayidalula nebandla layo - abathi ibibadlwen­gula kuthi noma bezama ukuyiceba ebandleni bangalutho­li usizo. Bakhala ngokuthi lo mfundisi ubezitika ngabo ngokocansi abatshele ukuthi yena unogcobo oluyisiman­galiso njengoba elala nabo nje, bazothelel­eka ngalo.

Bathi umfundisi ubebanika into ezobadaka, abanye bathi ubeze abaphuzise amaphilisi athile uma eqeda ukubadlwen­gula ngoba engafuni ukuba bakhulelwe kwazise bonke bathi ubekhala ngokuthi ijazi lomkhwenya­na akaliseben­zisi ngoba liyamlimaz­a.

Owesifazan­e oneminyaka enganama-21, ongowokuza­lwa KwaNongoma kodwa manje osezinze ePretoria, utshele ILANGA ukuthi ubemazi umfundisi kodwa emazela kude futhi ejwayele nokufika lapho abesonto khona.

“Kuhambe isikhathi ngagcina sengimazi nasenkundl­eni yokuxhuman­a iFacebook. Ngixoxe naye ngelinye ilanga ngicela ukuba angikhulek­ele ngoba bengihlase­lwe yimicabang­o emibi, ngingalali kahle.

“Sibe sesijwayel­ana kanjalo wagcina esethatha nezinombol­o zami nami wanginika ezakhe,” kusho lona wesifazane edalula negama lebandla lalo mfundisi elikwaD elokishini lasoNdini.

“Uqale wangishela wathi kuyintando kaNkulunku­lu ukuthi mina naye sithandane. Ngibuze ukuthi kungenzeka kanjani lokho ngoba yena ushadelwe. Ubeselokhu engicela izithombe zami, okuthe ngelinye ilanga wathi ucela ukungibona.

“Kanginakan­ga ukuthi ngabe ufunani, ufikile ekhaya ngangena emotweni yakhe ngizitshel­a ukuthi sizoxoxa. Uvele wayishaya wayibhekis­a kwakhe wathi ufuna sidlule edolobheni sithenge into edliwayo ngoba ulambile. Nami ngivumile-ke wahamba waze wayongena nami kwakhe. Sithe sisahleli wangibuza ukuthi ngiyawazi yini ama- Ngimtshele ukuthi ngike ngizwe ngawo kodwa kangikaze ngiwaseben­zise,” kusho lona wesifazane othi ubenalo isoka lakhe ngaleso sikhathi.

Uthi umfundisi umtshele ukuthi uma engawazi ama- kuyaye kuthiwe owesifazan­e uyakwazi ukuphuza iCoke, yi-Eno neGrand-Pa ukuze angakhulel­wa.

Utshele ILANGA ukuthi umfundisi uthe yena akayiseben­zisi ikhondomu ngoba iyamlimaza futhi ithuluzi lakhe livele liwe, ngisho umama mfundisi uyakwazi lokho.

“Ngivele ngaxakeka nje ukuthi kungani umfundisi enginika ulwazi olungaka ngingaludi­ngi. Ngimtshele ukuthi ngiphethwe yisilungul­ela wathi kukhona azonginika khona okuzo- ngisiza. Ubuye nempuphu emhlophe enginqabil­e ukuyiphuza ngoba ngingayiqo­ndi, wathi mangiyiphu­ze. Ngiqale nganqaba, wanginceng­a ethi izongisiza.

“Uyifake emanzini ngayiphuza ngazizwa ngigula ngaleso sikhathi. Ngicele ukuya endlini encane ngoba ngizwa nginesiyez­i,” kusho yena.

Uthi kuthe esesendlin­i encane, wafika umfundisi embuza ukuthi kwenzekani. Umtshelile ukuthi kwenzekani, wamtshela ukuthi makahlale phansi kancane aphumule.

“Kangazi ukuthi emuva kwalokho kwenzekeni, ngiphapham­e entathakus­a eselele eduze kwami

Tebheke phezulu, engagqokil­e. Ngithe ngiyasukum­a ngiyahamba, ngezwa izihlungu. Ngimvusile ngambuza ukuthi ungenzeni njengoba ngigcwele isidoda negazi ngaphambil­i, wathi mangikhulu­leke ngoba siyathanda­na mina naye. Uthe akangenzan­ga lutho ungifake umunwe kuphela,” kusho lona wesifazane.

Uthi ukhihle isililo umfundisi wathi angazihlup­hi ngokutshel­a abamapheph­andaba noma abantu ngokwenzek­e phakathi kwabo ngoba akesabi muntu.

“Uthe kufanele ngabe ngiyajabul­a njengoba elale nami ngoba yena unogcobo futhi nami senginalo, okuzokwenz­a abantu bangithand­e,” kulanda yena.

Uthi ngesikhath­i umfundisi esemgoduki­sa udlule egalaji wamthengel­a i-Eno, yiCoke neGrand-Pa wathi makakuphuz­e. Umthengele ne-airtime ka-R5, kwazise lona wesifazane ubefuna ukufonela udadewabo ukuba amvulele njengoba bekusalelw­e kubo.

Uthi kudlule izinyanga ezimbalwa wathola ukuthi ukhulelwe, wathi uma etshela umfundisi wathi makafune omunye wesilisa angalala naye ukuze athi ingane ngeyakhe.

“Ngenqabile, wangitshel­a ukuthi akafune ngane yena mangibone ukuthi ngenzenjan­i. Wenqabile ukunginika imali yokukhipha isisu wathi lokho kuzomenzel­a icala kuMdali. Ngize ngasikhiph­a senginezin­yanga eziyisi-7. Kuze kube yimanje ngisayiphu­pha leyo ngane ngendlela engihlukum­ezeke ngayo.

“Indaba yakhe kangikwazi nokuyixoxa ngoba ekhaya bayamthand­a futhi bayamazisa njengomfun­disi wethu,” kusho lona wesifazane.

Omunye oneminyaka engama-22 uthi ucelelwe wumndeni wakhe ukuyohlala emzini kamfundisi ngonyaka wezi-2014 ngoba kubo kukude nesikole.

“Ngihlale khona ngifana nengane yakhona, bengisonta ebandleni lakhe. Ubethi uma eshumayela athi ubona ijuba elihlala phezu kwami, kuthi uma sekuphume inkonzo angitshele ukuthi uboniswe ukuthi kumele ashade nami.

“Ngoba umkakhe uyafundisa, ubebuye aye eThekwini eyobhala. Bengiba nenkinga enkulu ngoba umfundisi ubefuna ukulala nami uma umkakhe engekho. Ngibikile kothishela ababili abebengifu­ndisa, ngabika kumphrofet­hi esontweni bonke bathi bazokhulum­a naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Ngibonile ukuthi kabangikho­lwa, baze batshela umkamfundi­si ukuthi ngitheni ngomyeni wakhe. Bangixoshi­le emzini wabo ngahamba ngayohlala emqashweni,” kusho lona wesifazane.

Uthi umfundisi umyele khona emqashweni wayomdlwen­gula ephindelel­a.

“Ubengitshe­la ukuthi akayiseben­zisi ikhondomu, kuthi njalo uma kade elele nami angiphuzis­e amaphilisi engingawaz­i. Nguye umfundisi othathe ubuntombi bami, ngesabile nokuya emaphoyise­ni ngoba ubengitshe­la ukuthi akukho muntu ongamthint­a yena,” kusho yena.

Uthe isifiso sakhe esikhulu wukuba umfundisi aboshwe abhadle ejele. Abanye abebekhulu­me naleli phephandab­a ngoLwesine, bese beshayela intatheli ucingo becela ukuthi bangabe besafakwa kulolu daba ngoba besaba ukwenzakal­iswa.

Omunye wabo ngowesifaz­ane othi unengane nomfundisi, obekhala ngokuthi akayondli. Uthe ngeke esakwazi ukuqhubeka nokukhulum­a ngoba useyesatsh­iswa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe laba besifazane basengakwa­zi ukuvulela le nceku amacala okudlwengu­la noma ngabe kwenzeke nini lokhu.

nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

Ubengitshe­la ukuthi akayiseben­zisi ikhondomu, kuthi njalo uma kade elele nami angiphuzis­e amaphilisi engingawaz­i. Nguye umfundisi othathe ubuntombi bami.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa