UMLANDO OFINGQIWE WENKOSI YASEK
UKUZE singayixovi imiqondo yabafundi, sizocela ukuba iNkosi yaseKuphakameni uMqaliwendlela (uMprofethi Isaiah Shembe) siyibize ngokuthi nguShembe bese kuthi iNkosi iLanga (Galilee Shembe) esiqonde ukukhuluma umlando wayo sithi yinkosi.
UKUBALULEKA KWALO MLANDO Lo mlando ubaluleke kakhulu esizweni sonke ikakhulu esimnyama nakubantu abafuna iqiniso ngoShembe, ubuNazaretha nomuzi waseKuphakameni. INkosi iLanga ngeyokugcina ukuhola ibandla lamaNazaretha ngaphambi kokuba lihlukane ngowe-1977.
Kubalulekile-ke ukuthi uma siyikhumbula emuva kweminyaka engama-41 yakhothama, sikhumbule imisebenzi emikhulu eyayenza phakathi kwesizwe sakithi esimnyama.
Kule misebenzi singabala ukugqugquzela nokufundisa abantu impilo yokuzimela kwezomnotho, ezolimo nokwakha ibandla eliyimbeleko yokubeletha izintandane, abafelokazi nabampofu.
Inkosi yaphinde yasebenza kakhulu ukukhuthaza imfundo emphakathini wabamnyama. Lapha singabala namagalelo ayo ekwakheni isikole sakwaShembe esibizwa ngeShembe Memorial Primary School, esisiza abantu abaningi eNanda ikakhulu abakhelene nomuzi waseKuphakameni.
UKUFIKA KWENKOSI KUYABIKEZELWA Uma inkosi ikhuluma ngokuzalwa kwayo, ithi kakuzange kufane nokwabanye abantwana - ngisho abakwabo imbala. Ithi ngaphambi kokuzalwa kwayo kwafika izwi kuShembe.
Uthi-ke uShembe ngesikhathi sempi yamaBhunu - wayesebenza emasosheni, eyinduna yabantu khona - kwathi elele kwafika isibonakaliso, wabona into yehla ezulwini iboshwe ngendwangu enhle emhlophe, ilengiswe ngezintambo ezine. Yehla le nto yaya kuye wayemukela, wayivula, phakathi wathola umntwana womfana, lase lithi izwi: “Uyambona lo mntwana na?”
Wathi yebo, uyambona, lase lithi izwi: “Uzomthola kumkakho omncane,” okwakunguMaNgwenya ngaleso sikhathi. Lathi lo mntwana uShembe makamphathe kahle ngoba lizosebenza ngaye. Lathi mzukwana ezalwa, kuyofanele uShembe amthathe ayombhabhadisa.
UKUZALWA KWENKOSI INkosi iLanga yazalwa zingama-27 kuNtulikazi (July) we-1904, izalwa nguProfethi Isaiah Shembe - ongumsunguli webandla laseKuphakameni elaziwa ngelamaNazaretha - kugogo uMaNgwenya owayeyinkosikazi yesithathu kaMqaliwendlela. Yazalelwa emzini wakwaNontandabathakathi eNtabazwe, eFree State.
Mzukwana izalwa, uShembe wayekhona, kwathi ngempela ukuba izalwe wayithatha waya nayo komunye wemifula ekhona eNtabazwe wayoyibhabhadisa. Kuthiwa-ke uShembe wafica amanzi embozwe yiqhwa ngenxa yokubanda, waliphahlaza lelo qhwa kwavela amanzi wayesebhabhadisa umntwana.
Kwaba yisimanga-ke ngoba noma leya ndawo ibanda futhi ikakhulu ngoNtulikazi, kodwa lo mntwana akazange abenalutho oluwumkhuhlane. Kusukela incane iNkosi iLanga, kayizange iwazi lo mlando wokuzalwa kwayo kwaze kwaba ngonyaka we-1924 uShembe ezoya ukuyoyibhabhadisa emzini waseThemba, wayixoxela ngokuzalwa kwayo.
Ngaleso sikhathi yayineminyaka engama-20 yokuzalwa. Amanye amakhosikazi kaShembe kwakuyilawa, omdala nguMaShabalala owazala ubaba uStanela, owesibili nguMaSigasa owazala ubaba u-Amosi owagcina esehola ibandla laseBuhleni nowesine