Ilanga

KUPHAKAMEN­I INKOSI GALILE SHEMBE

-

okunguMaHa­debe.

INkosi iLanga yahlupheka kakhulu ebuntwanen­i bayo njengoba uShembe wabashiya ineminyaka cishe eyisi-6 yokuzalwa. Izwi likaNkulun­kulu lathi uShembe makasuke eNtabazwe eze kule ngxenye yezwe esempumala­nga (KwaZulu-Natal) okwenza washiya amakhosika­zi nabantwana bakhe besebancan­e kakhulu.

Wabashiya behlala epulazini lomlungu bethela (rent), basala osizini olukhulu kakhulu behlupheka. Ithi iNkosi iLanga “Ngakhula ubaba ngingambon­i, ngakhula ngembatha isikhumba, kwakuba yiyona ngubo yami.

Ngasembath­a leso sikhumba kwaze kwaba uyahamba ubaba uza lapha ezweni lasezansi, wangishiya ngembatha isikhumba. Kuthe engasekho basala omama babamba amatoho behola uzukwa ngelanga, siphila ngoqadolo. Base-ke bengitheng­ela ibhulukwe neyembe kodwa ukulamba ngakhula nakho, ngize ngakuyeka sengisesik­oleni sengihlala khona. Ekhaya, ngelinye ilanga ngangidla ngelinye ngingadli, ukudla kungekho.”

Kwaba yisikhasha­na uShembe ebashiyile iBhunu eliwumnika­zi wepulazi labaxosha labaqaqisa izindlu ababehlala kuzona ngoba bengasathe­li, uShembe okwakunguy­ena owayebathe­lela esehambile.

Ekuxoshwen­i kwabo epulazini basuka beyokwakha eduze komgwaqo omkhulu osuka eThekwini uya eHarrismit­h. Bakha izindlu ezintathu ngothayela­na ababesuke nabo epulazini, kungezizo izindlu eziphilayo. Inkosi ithi ezinye zalezi zindlu zazingenaz­o izivalo. Kwaphela iminyaka emithathu uShembe ebashiyile bengenaye umu- ntu obondlayo.

Ngelinye ilanga kwafika oninalume (benkosi) bathi konina ngoba nakhu sebesele bodwa, indoda yabo sekuphele iminyaka emithathu kayithumel­i nazwi ukuthi yenzani, kungcono babuyele emakubo bazobondla nabantwana. Babekusho lokhu ngoba bebona sengathi uShembe uhambe ngokubhung­uka kanti cha kwakusho izwi likaNkulun­kulu.

Ithi-ke inkosi bathi uma sebesho njalo oninalume, nonina babo sebevumile yona yodwa yenqaba yathi kayiyona eyakwaNgwe­nya yona, “ngingowakw­aNhlanzi ubaba akafile, ukhona uzobuya azosilanda. "Kuthe emuva kweminyaka emithathat­hu uShembe wathumela uMfu Mnqayi ukuba abalande.

Wabalanda, ngaleso sikhathi uShembe wayesahlal­a emzini weNdiya okwakuthiw­a nguPhasari­ya. Nabo abantwana bakhe uma befika, bahlala kuwo lowo muzi weNdiya bethela ngokuseben­za izimoba zalo.

Ngaleso sikhathi umuzi waseKuphak­ameni wawungakab­ikhona nendawo lapho wakhiwe khona yayingakab­ikhona. Kakubanga yisikhathi esingakana­ni uShembe ebalandile eNtabazwe, bangena esikoleni befunda.

Sizoyiqhub­a ngokuzayo

INkosi iLanga yahlupheka kakhulu ebuncaneni njengoba uShembe wabashiya ineminyaka eyisithuph­a izelwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa