KUPHAKAMENI INKOSI GALILE SHEMBE
okunguMaHadebe.
INkosi iLanga yahlupheka kakhulu ebuntwaneni bayo njengoba uShembe wabashiya ineminyaka cishe eyisi-6 yokuzalwa. Izwi likaNkulunkulu lathi uShembe makasuke eNtabazwe eze kule ngxenye yezwe esempumalanga (KwaZulu-Natal) okwenza washiya amakhosikazi nabantwana bakhe besebancane kakhulu.
Wabashiya behlala epulazini lomlungu bethela (rent), basala osizini olukhulu kakhulu behlupheka. Ithi iNkosi iLanga “Ngakhula ubaba ngingamboni, ngakhula ngembatha isikhumba, kwakuba yiyona ngubo yami.
Ngasembatha leso sikhumba kwaze kwaba uyahamba ubaba uza lapha ezweni lasezansi, wangishiya ngembatha isikhumba. Kuthe engasekho basala omama babamba amatoho behola uzukwa ngelanga, siphila ngoqadolo. Base-ke bengithengela ibhulukwe neyembe kodwa ukulamba ngakhula nakho, ngize ngakuyeka sengisesikoleni sengihlala khona. Ekhaya, ngelinye ilanga ngangidla ngelinye ngingadli, ukudla kungekho.”
Kwaba yisikhashana uShembe ebashiyile iBhunu eliwumnikazi wepulazi labaxosha labaqaqisa izindlu ababehlala kuzona ngoba bengasatheli, uShembe okwakunguyena owayebathelela esehambile.
Ekuxoshweni kwabo epulazini basuka beyokwakha eduze komgwaqo omkhulu osuka eThekwini uya eHarrismith. Bakha izindlu ezintathu ngothayelana ababesuke nabo epulazini, kungezizo izindlu eziphilayo. Inkosi ithi ezinye zalezi zindlu zazingenazo izivalo. Kwaphela iminyaka emithathu uShembe ebashiyile bengenaye umu- ntu obondlayo.
Ngelinye ilanga kwafika oninalume (benkosi) bathi konina ngoba nakhu sebesele bodwa, indoda yabo sekuphele iminyaka emithathu kayithumeli nazwi ukuthi yenzani, kungcono babuyele emakubo bazobondla nabantwana. Babekusho lokhu ngoba bebona sengathi uShembe uhambe ngokubhunguka kanti cha kwakusho izwi likaNkulunkulu.
Ithi-ke inkosi bathi uma sebesho njalo oninalume, nonina babo sebevumile yona yodwa yenqaba yathi kayiyona eyakwaNgwenya yona, “ngingowakwaNhlanzi ubaba akafile, ukhona uzobuya azosilanda. "Kuthe emuva kweminyaka emithathathu uShembe wathumela uMfu Mnqayi ukuba abalande.
Wabalanda, ngaleso sikhathi uShembe wayesahlala emzini weNdiya okwakuthiwa nguPhasariya. Nabo abantwana bakhe uma befika, bahlala kuwo lowo muzi weNdiya bethela ngokusebenza izimoba zalo.
Ngaleso sikhathi umuzi waseKuphakameni wawungakabikhona nendawo lapho wakhiwe khona yayingakabikhona. Kakubanga yisikhathi esingakanani uShembe ebalandile eNtabazwe, bangena esikoleni befunda.
Sizoyiqhuba ngokuzayo
INkosi iLanga yahlupheka kakhulu ebuncaneni njengoba uShembe wabashiya ineminyaka eyisithupha izelwe.