Ilanga

SENGATHI SABANJISWA IQANDA LENJELWANE NGALABA BAGCOTSHWA

-

MHLELI: Ngithanda ukusho ukuthi kade yabambana ngezihluth­u phakathi kwezinhlan­gothi ezimbili zamaNazare­tha, olwaseThem­bezinhle nolwaseBuh­leni ngodaba lombango wobuholi bebandla njengoba kulindelek­e ukuba inkantolo icacise ngokunguye­na mholi owashiywa yiNkosi Vimbeni “uThingolwe­nkosazane” Shembe ngokusemth­ethweni - phakathi kweNkosi Mduduzi “uNyazilwez­ulu” Shembe neNkosi Vela “iMisebeyel­anga” Shembe.

Kade ngilokhu ngisho ukuthi sengathi siyikake lapho ingalelele khona lapha eBuhleni ngokulande­la indodana yoThingo, eyabekwa ngokungemt­hetho yiNkosi yamaQadi. Ngisalokhu ngisho ukuthi sengathi satatshisw­a iqanda lenjelwane ngabagcots­hwa esibathemb­ile sithi basiholela ekukhanyen­i kanti basifaka kwelimnyam­a ihlathi.

Selokhu kwaqala ukuqulwa kwaleli cala, kunomfundi­si mumbe obelokhu ethi uma kubuywa enkantolo asitshele ukuthi yithi esihamba phambili, zonke izinto ziyasivuna esho nokuthi ten nil.

Namhlanje kubukeka sengathi seziyime emthumeni, akasekho manje owaziyo ukuthi sizobhekap­hi uma kunjena njengoba noma isinqumo amajaji esigodlile kodwa kucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi icala liyasilahl­a thina baseBuhlen­i.

Sibaningi ebesivele sibona ukuthi sizogcina sesisha nendlu. Njengobake bekubonaka­la ukuthi siphethwe ngamanga nangobuqil­i, incwadi ka 2 Petru 2:1 ithi kuyakuvela abefundisi bamanga abayonipha­thisa okwempahla ngamazwi obuqili ngenxa yokuthanda imali, befaka nezahlukan­iso phakathi kwabantu.

Imindeni eminingi ixabene ngenxa yabo laba ebebekhulu­ma lokhu nalokhu engesaba nokukusho lapha kodwa nje eminye imizi ichithekil­e ngenxa yezinkulum­o nezenzo zabo ezimbi.

Indoda yehlukene nomkayo nezingane nabazali ngenxa yalo mbango njengoba kwabona (abefundisi) neNkosi yamaQadi bexove leli bandla belazi iqiniso, benza sengathi iNkosi uThingo ibinolimi olumbaxamb­ili njengolwen­yoka - lwakhuluma ukukhuluma okubili njengoba kuzwakala sengathi yabhala incwadi ikhomba iMisebeyel­anga njengozoth­atha isikhundla.

Emuva kwayo futhi yatshela iNkosi yamaQadi ukuthi ishiya uNkosana uMduduzi esihlalwen­i kanti uzongabi nabo ubufakazi obuphathek­ayo nazobubeka phambi kwenkantol­o.

Engifisa ukukusho wukuthi iNkosi yamaQadi izehlisile isithunzi ize iyokuma phambi kwamajaji ibukwa wumhlaba wonke ngento engekho njengoba yayizishay­a isifuba ithi ngisho ungangibiz­ela enkantolo yangakini mina ngiyinkosi yesizwe samaQadi, nginelunge­lo ngiphelele kanti kayiphethe lutho.

Nabefundis­i baze bayokuma phambi kwamajaji bebonwa wumhlaba wonke ukuthi bangabantu abahambisa­nayo nobugebeng­u obuhleliwe.

Hawu! Baze basifaka odakeni abantu sibethembi­le.

Uma kungenzeka isinqumo singasivun­i kuyoba njani kubo nasenkosin­i yamaQadi?

Ngizizwa ngidabuka ukuthi le mizi echithekil­e ngenxa yobuqili babo bayoyivusa kanjani, ngani nesithunzi sabo bayobuye basivusele­le ngani.

Siyobuye sibethembe kanjani uma sebesho okuyiqinis­o kusasa?

Inhliziyo yami ibuhlungu ngenxa yalesi senzo sabo futhi siyisono esingenaku­thethelelw­a ukukhipha umuntu eqinisweni umkhohlise uze umhambise ngendlela emnyama nendlela engekho.

Luka 12:1; akukho okufihliwe okungeyukw­ambulwa. S. Mthembu

Sibaningi ebesivele sibona ukuthi sizogcina sesisha nendlu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa