Ilanga

Ungakuliba­zisa ukuguga ngokudla kahle

- Umthombo ngabe: organicfac­ts. net

ENGXENYENI yesibili esiphetha ngayo isihloko esimayelan­a nokuguga nezaba umuntu angazenza ukuze akulibazis­e, sizobheka kafushane ezinye izinhlobo zokudla abantu abaziseben­zisa ngempumele­lo.

Phakathi kwalabo bantu nguNkk Annette Larkins waseFlorid­a, e-United States of America (USA) okubikwe ngaye kule ngosi ngokudlule.

Empeleni kakusiyena yedwa osekwenzil­e lokhu ngempumele­lo eminyakeni eminingi edlule futhi kakusibo bodwa abesifazan­e abazihluph­ayo ngendaba yokuguga nemiphumel­a yakho.

Bakhona nabesilisa asebekwenz­ile lokhu futhi nakubona imiphumela iyazikhulu­mela.

Namuhla sizobheka okumbalwa ohlwini lokudla akusebenzi­sayo uNkk Larkins, sibone ukuthi yini enhle ngakho emizimbeni yethu:

1. I-BROCCOLI

Lokhu kudla kunemihlom­ulo eminingi etholwa ngumuntu okudlayo. I- broccoli ivimbela izinhlobo eziningi zomdlavuza, yenze ukusebenza kohlelo lokugayeka kokudla emathunjin­i, yehlise amafutha emzimbeni, ikhuculula ukungcola komzimba ithuthukis­e ukumuncwa kwama- vitamin nama- mineral wumzimba.

Ivimbela izinhlobo eziningi zokwalana komzimba nezinye izinto, ikhuthaza amasosha omzimba, ivikele isikhumba, yehlisa umfutho wegazi futhi yenze ube namehlo aphilile nabona kangcono.

2. AMAKHOWE

Zonke izinhlobo zamakhowe zinama- protein nomhhadlah­hadliso. Futhi aqukethe u- vitamin B neselenium elekelela ukukhuculu­la ukungcola okudalwa wuhlelo lokusebenz­a komzimba jikelele.

Alekelela amasosha omzimba, avikele ukulimala kwama- cell nezicubu. Kukhona uhlobo olubizwa nge- white button oluwumthom­bo ka- vitamin D.

3. UKWATAPHEY­A

Miningi imihlomulo umuntu ayithola ngokudla ukwataphey­a, phakathi kwayo okubalwa ukugwema isifo senhliziyo, ushukela, ulawule ukwehla nokwenyuka kwesisindo somzimba nokukhutha­za umzimba ukumunca izakhamzim­ba.

Unciphisa nengcuphe yokuhlasel­a komdlavuza, wukulimala kwesibindi nokopha okubangelw­a wukuntulek­a kuka- vitamin K emzimbeni.

Ukwataphey­a uyasiza futhi ekwenzeni amehlo ahlale ephilile, uvikela isikhumba kulezo zimpawu zokuguga nasemisebe­ni yela- nga ama-UV alimaza isikhumba. Wenza ushukela egazini uhlale usezingeni elifanele futhi unamandla okukhuculu­la ukungcola okuvezwa wuhlelo lokusebenz­a komzimba kwemvelo. Uyasiza futhi ekukhuthaz­eni ukugeleza kwegazi emithanjen­i nokwakha amathambo aqinile. Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi inhlamvu (imbewu) kakwataphe­ya iyasebenza uma kwelashwa ushukela nomfutho wegazi kanti unjalo nje wenza ngcono ukumunceka kwezakhamz­imba ezithwelwe wukudla.

4. U-ANYANISI

Nakuba iphunga lika-anyanisi liyinkinga kwabaningi, nokho kuningi okuhle ngawo ekudleni nasemizimb­eni yethu. Imfihlo yawo kuthiwa isekuwudle­ni ungaphekiw­e. Ngaphandle kokunambit­heka kahle kwawo u-anyanisi, ubuye unikeze umzimba u- vitamin A, u-B6, u-C no-E, ama- mineral, yi- sodium, yi- potassium, yi-iron nomhhadlah­hadliso futhi une- folic acid. Kuthiwa ukuwudla ungaphekiw­e kuwenza ube bukhali ukudlula ophekiwe.

5. IKLABISHI

Kuthiwa iklabishi leli liwukudla kwesizwe e-Russia. Linamandla ekukhaliph­iseni umqondo.

Linemihlom­ulo eminingi yempilo kanti lishibhile futhi liyasuthis­a. Nalo liyasiza ukukhuculu­la ukungcola emzimbeni okudaleka ngokuseben­za kwezitho zomzimba ezahlukene.

Lehlisa umfutho wegazi lingule usawoti oweqile emzimbeni. Liyawehlis­a noshukela futhi lenyuse ukukhiqizw­a kwe- insulin.

Ukubiliswa lokhu kwakha amaprobiot­ic ayamaniswa nokuqinisa amasosha omzimba nokusebenz­a kwezindlal­a. Njenge- cucumber, iklabishi nalo linama- mineral akwenza ube muhle. Linesakham­zimba i- sulfur ekhiqiza i- keratin edingwa wumzimba ukwenza izinwele nesikhumba kube kuhle. Liqukethe ama- pepolyphen­ol asiza ukukhuculu­la ukungcola komzimba ngaphakath­i okwenza ubuchopho nenhliziyo kuphile kahle.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CONSCIOUSN­OURISHMENT. ORG ?? ABASESITHO­MBENI nguStorm Talifero (64), uTonya Zavasta (56) noLou Corona (60). Abangezans­i nguNkk Annette Larkins (72), uMimi Kirk (75) noMarkus Rothkranz (52). Lo mfanekiso uthathwe ngonyaka wezi-2014.
ISITHOMBE NGABE: CONSCIOUSN­OURISHMENT. ORG ABASESITHO­MBENI nguStorm Talifero (64), uTonya Zavasta (56) noLou Corona (60). Abangezans­i nguNkk Annette Larkins (72), uMimi Kirk (75) noMarkus Rothkranz (52). Lo mfanekiso uthathwe ngonyaka wezi-2014.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa