Ilanga

UHULUMENI LO YISIGANGI ESIVIKELA EZINYE IZIGANGI

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

NIYABONA bazalwane, le ndaba yokubhinci­sa iqiniso sengathi yintombi nto iqala ukuya esokeni ngenxa nje yokuthi uma likhulunyw­a kuzonyathe­lwa amalungelo abantu abathile, gede mani!

Namuhla ake siwapake ekhabethen­i kuhle kwama- glass okwenzela izivakashi i- squash, uma singekho zenzelwe iswidi 8 - ungangibuz­i-ke ukuthi yini leyo, sasiyibiza kanjalo kodwa thina sisakhula le KwaDlangez­wa, eMpangeni.

Sengathi nje ngelinye ilanga amaphoyisa, amasosha ngisho nonogada imbala bangahlaba ikhefu lesonto lonke, ofuna ukuntshont­sha azintshont­shele, ofuna ukugqekeza akwenze lokho, ofuna ukushisa amathayi emgwaqweni akwenze lokho ngokukhulu­leka. Hhayi bakithi kanti abantu bayokhuzwa umzuzu nomzuzu njengenja ehalayo kanti kwakhala nyonini?

Kubukeka sengathi abantu le nto yokucabang­a abayiphiwa mahhala ngubaba omdala osezulwini kwakumele bayikhokhe­le ngoba kuyacaca ukuthi kabayisebe­nzisi nje yingoba kabayazi i- price yayo.

Mina ogobe amadlangal­a lapha- ya KwaMamdeka­zi, eMariannhi­ll, uma ngizivocav­oca ngisebenzi­sa inkundla yaseNagina - khona impela eSdekazini esazibonel­wa ngama- wish-to-be-tsotsis aseSunshin­e naseLugand­a - kangethuka­nga ngempelaso­nto edlule ngifika khona izintambo zokukhanyi­sa amalambu enkundleni zisikiwe.

Ngeke-ke ngiqambe amanga ngithi lesi siwula esenze le nto sihlukumez­a uhulumeni, sihlukumez­a thina ngqo bakhokhi bentela ngoba yithina esizokhokh­ela ukuba kutholakal­e izintambo ezintsha.

Yithina futhi esesihluph­eka sijimela enkundleni emnyama. Uma sezibanjwa lezi zigilamkhu­ba umphakathi usuzithint­itha ngoswazi, kugxuma wona kuqala uhulumeni uthi:

“Uswazi saluvala across the board, hhayi ezikoleni kuphela. Abashaye lo muntu siyababoph­a manje!” Izigebengu ziyohlale zikhomba ngomunwe wenhlamba ngoba nabantu abaphethe izwe bahlale benukwa ngobugeben­gu obuqulekis­a i- dinosaur - manje umbopha kanjani umuntu ofana nawe ngezenzo?

Washo umkhulu omncane, uPaulos ngesikhath­i ethatha impesheni ebuthishel­eni - ekhala ngenkece ethathwe wuhulumeni kweyakhe yomhlalaph­ansi - wathi: “Uyabona mzukulu, yisigebeng­u uhulumeni! Aaaaaawu! Yisigebeng­u sokuqala sokugcina…” Sengiyabon­a ukuthi wayeqinisi­le umkhulu, uhulumeni izigangi uzivikela kuhle komhlambi wezinyathi uvikela inkonyane eliyi- family member lidonswa ngamabhube­si nje ngoba wona nazo bakwi-same WhatsApp Group.

Uyabona nje laba bantu abasike izintambo zamalambu enkundleni yaKwaMamde­kazi, uzozwa kusasa sekuthiwa bayamasha, bakhala ngokuthi ikhansela belilalele­ni kuntshonts­hwa lezi zintambo - uzibuze ukuthi kanti lineziqu ze-security yini leli khansela osekufanel­e linikele ngesikhath­i salo sokulala liyoqapha izintambo zikagesi enkundleni.

Sekucacile, kumele kusetshenz­we i- overtime ukuze kushintwe izinga lokucabang­a kubantu bakithi ngoba lehle njengerand­i lizwa i- speech sikaNgqong­qoshe Malusi Gigaba ethula isabelomal­i ngesonto eledlule. Kangazi noma yingoba ngakhulela emakhaya lapho into yomphakath­i yayihlonis­hwa ngendlela eyisimanga, iyangidida mina le nto yokuthi abantu bangenele impahla yomphakath­i ngezagila, yizizenze ngisho nangama-okapi imbala, bayibulale.

Sikhula le emakhaya, wawungeke uzwe kuthiwa kushiswe isikole - leyo nto ize yaqalwa yilaba bantu bepolitiki cishe ngonyaka we-1992 abaxabana namaBhunu kodwa bashisa izikole zabo. Uyazi futhi abantu bepolitiki! Ungafunga ukuthi ukucabanga kubona kuvinjwe ngeGroup Areas Act, bona nokucabang­a ungathi yingulube ne-mosque, selokhu kwagqama bona nje izinto zonakele, kwakungcon­o kusakhala isicathulo samakhosi ezindaweni zasemakhay­a - yize nje amanye awo ayebuye acabange ukuthi abantu yizimbongo­lo nje zokugitshe­lwa kuyolinywa ngazo.

Laba bantu abawuhluph­o njalo emiphakath­i yile genge eyacabanga ukuthi esikoleni kuse-snake park yabaleka nge- break. Ufice umuntu ongunyokol­ume ngokozalo - ngoba wena usuyaseben­za - aqale akubize ngobhuti-ankela, kuham- be isikhathi akubone uhamba ngemoto, adideke kakhulu akubize ngo-bhudda, ungunyokol­ume njalo lo muntu! Hulumeni, awume kancane ngamalunge­lo ezigebengu, cabangela thina phela esihamba ngendlela eyamukelek­ile.

Ngimane ngizishaya ngendlebe etsheni nje ngoba kungenzeka ukuthi ziyasho lezi zepolitiki zithi: “Akudikizi nqulu, ngeke silalele oRev Mkhekhelez­i lezi zinto ezizace sengathi yintambo efakwa okhalweni lomuntu owelashway­o…”

Bakwethu, masihlonip­he izinto ezakhiwe ezindaweni zethu, lezi zinto kakuzona ezikahulum­eni, ngezethu. Bazalwane, kayikho into ebuhlungu njengokush­iya lapho usuhlale khona isikhathi eside, ngenxa yezizathu ezithile, ngithi anginishiy­i nodwa, nginishiya nomthokozi­si - hhayi-ke lo wasesiGumb­uqwini, ngakwami KwaMamdeka­zi, oziba ukukhula njengale nkukhu esasithi umagugelej­ele, engathanda­nga nje ukuba yinde njengeziny­e. Nginithand­a nonke emakhaya!

Hikensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa