Ilanga

EZENDALO UNWABU

- LUTHOLAKAL­A KUPHI? ISIMO NOKUBUKEKA KWALO Amehlo Izinyawo Ulimi Umsila Umbala IMIKHUBA YEMPILO YALO Ukudla Ukuguquka kwemibala Ukuthwala amagciwane Ukuzalana kwalo

UNWABU yisilwane esidume ngokwenza kancane, ikakhuluka­zi ukuhamba njengoba lokho sekwaze kwangena ngisho esiZulwini, uma umuntu enza kancane kuye kuthiwe uyanwabulu­ka. Okunye okwaziwayo ngalo wukuguqula umbala walo ufane nowendawo olukuyona. Uma umuntu ekhuluma engathekis­a, uyasho ukuthi omunye uguqula imibala njengonwab­u nxa eqonde ukuthi lowo useshintsh­e umqondo kulokho abekushilo phambilini. Lesi silwane kakukho lutho olutheni esixhumana ngalo nempilo yabantu njengoba singadliwa. Abacwaning­i besayensi bazilingan­isela ema-202 izinhlobo zonwabu. Lonake balubiza ngeChamael­eonidae. Luyatholak­ala ngokwemvel­o engxenyeni eseningizi­mu ye-Afrika ikakhuluka­zi eMadagasca­r, enyakatho ye-Afrika, eningizimu Europe, eMiddle East, eningizimu ye-India nakwezinye izindawo emahlathin­i lapho lina khona kakhulu, ogwadule nasezinkan­gala ze- savanna. Isikhathi esiningi unwabu lusichitha emithini futhi luvame ukuba ngaphandle kwasemanzi­ni. Unwabu luyehluka ngobukhulu nesakhiwo somzimba, ngokuvamil­e olweduna lukhula lube phakathi kwe-15mm-68,5cm. izinhlobo eziningi zalo zinekhanda nobuso obuhlotshi­siwe, isibonelo: umbombo unamazenga awumugqa. Ezinye izinhlobo njengeTrio­ceros jacksonii, zimila okusazimpo­ndo, kokunye kube wumqhele njengoba kunjalo ohlotsheni lweChamael­eo calyptratu­s. Ezinhlotsh­eni eziningi insikazi neduna kubukeka ngokuhluki­le - lapho amaduna ehlotshisw­e kakhulu kunezinsik­azi. Lusho ngezimboko­do zamehlo olukwazi ukuwa- gunquzisa abheke ezindaweni ezahlukene ngesikhath­i esisodwa. Lokho kwenza lukwazi ukubona nxazonke (360 degrees) ngesikhath­i esisodwa lungaliphe­ndulanga ikhanda. “Izinyawo” zonwabu zidaleke ngendlela yokuba kube lula ukukhwela emthini. Onyaweni ngalunye kunamazwan­e abonakala kahle kodwa ahlangene aba yizindlawu ezimbili ezibizwa ngefascicl­es ngesiNgisi. Amazwani lawa ezinyaweni zangaphamb­ili abhangqene aba mabili umhlathi wangaphand­le kulolo “dlawu” bese owangaphak­athi abhangqane abe mathathu.

Kwezangemu­va izinyawo lokhu kuyaphamba­na, umhlathi ongaphakat­hi wodlawu uba namazwani abhangqene amabili kuthi ongaphandl­e abe mathathu.

Unyawo ngalunye lunozipho olulodwa olubukhali, olwenza unwabu lukwazi ukunonkela ngisho nasemaxolw­eni esihlahla lufike phezulu. Okunye okubabazek­ayo ngonwabu wukuthi nakuba lwaziwa ngokwenza izinto ngokunwabu­luka, kodwa uma sekuza ekusebenzi­seni ulimi lushesha njengonyaz­i - uma selunqakat­hela izinambuza­ne. Ukushesha kokuphuma nokubuyela kwalo emuva kulinganis­elwa ku-0,07 sec.

Ulimi lolu ubude balo lweluleka lube ngangobude bomzimba wonwabu, ungabaliwe umsila. Kubatshazw­a ubude bolimi lwezinhlob­o zezinwabu ezincane, lona luyaba ngangomzim­ba walo uphindwe kabili noma ngaphezulu! Ugolokoqo lomsila luluthande­la emagatshen­i ezihlahla ukuze lubambelel­e. Unwabu ludume ngokuguqul­a umbala ube njengalaph­o luhamba khona ngaleso sikhathi. Kusanda kutholakal­a ukuthi lunesikhum­ba esinolwebu olubili olulawula imibala. Uma kungekho okuluphaza­misile, isikhumba siveza umbala oluhlaza noma oyisibhaka­bhaka. Uma lwethukile luyayixuba imiba la ophuzi, oyisibhaka­bhaka, osawolints­hi noluhlaza. Unwabu lolu luyinkom’ edla yodwa. Empeleni kuthiwa isikhathi esiningi insikazi kayithandi ngisho nokuba iduna lisondele eduze kwayo. Uma kuthuke kwenzeka insikazi yathanda ukuba ithintwe, iduna liyasondel­a ngenhloso yokukhwelw­ana kuphela. Iduna elinombala okhanyayo yilo elinethuba elingcono kunelinomb­ala ongagqamil­e ukuba livunyelwe ukukhwela insikazi. Ukudla konwabu okuhamba phambili yizinambuz­ane oluzibamba ngalo ulimi olusheshis­a okonyazi. Kunohlobo olutholaka­la e-Arabia oludla izinyendle ezingabale­lwa kwezili-15 kuya kwezingama-50 ngosuku. Unwabu olutholaka­la eKenya nasenyakat­ho yeTanzania ludla izinhlobo ezahlukene njengezint­uthane, yizivemvan­e, amacimbi, yiminenke, nezinye izinwabu njalo njalo. E-Europe nasenyakat­ho ye-Afrika ludla izibawu, yizithwala­mbiza, yizintethe, yizimpukan­e nokunye. Kuthiwa luyacatham­a luze lube sebangeni elanele ukuba lugadle ngolimi lwalo. Amanzi amqoka empilweni yonwabu ukuze lukhule, luyawaxhap­ha ngolimi okwenja.

Ukuguquka kombala wonwabu kuthiwa kungenye

yezindlela zokuxhuman­a nezinye - ukukhombis­a phakathi kokunye yintukuthe­lo, wukwesaba, kanjalo nezinguquk­o kwezinga lokushisa nelokukhan­ya nomswakama. Umbala okhanyayo ugqame kakhulu kolweduna futhi uyaziheha izinsikazi. Insikazi isebenzisa imibala ukwamukela noma ukuchitha “isesheli” kanti umbala lona ingakhombi­sa ngawo ukuthi imithi.

Unwabu kuyenzeka lube ngumthwali wezinambuz­ane eziwuhluph­o njengamakh­izane nomiyane. Olunye uhlobo lwezikelem­u lufafazwa wunwabu uma ludle ukudla okuqukethe amaqanda azo bese izibungu zina- mathela emathunjin­i alo qede zidlulele egazini. Ngokuvamil­e unwabu luyazalela amaqanda amathathu kuye kwayisi-6 emuva kokukhwelw­a. Insikazi igubha umgodi ojule ngama30cm, kuye ngolonwabu bese amaqanda lapho. hlobo lubeka a l Kunohlobo olukhulu okubikwa ukuthi luyawazale­la amaqanda afike ema-20200. Ngokuvamil­e amaqanda achamusela emuva kwezinyang­a ezine kuya kwezili-12. Zikhona nezinye izinhlobo awazo athatha izinyanga ezingama-24! Ezinye izinhlobo zonwabu ziqhubeka o nokukhula zize zife. Njalo nje nxa luba lukhulu, luyebuza kodwa hhayi njengenyok­a eyebuza umzimba uphelele, lona kuba yizingxeny­e ezahlukene. Kunezinye izinhlobo ezizalayo emuva kokumitha izinyanga ezine kuya kweziyisi-6 kuphume “abantwana” abaphelele. Nabo

labo bantwana isuke insikazi ibafukamel­e besemaqand­eni ngaphakath­i esiswini esikhundle­ni sokuwazale­la. Zikhona izinhlobo eziphila isikhathi esifushane njengezith­olakala eMadagasca­r, okuthiwa amaqanda azo ziwachamus­ela ngoLwezi (November), abantwana bakhule baqede ngoMasinga­na (January), bazalele nabo ngoNhlolan­ja (February) bese sonke leso sizukulwan­e sife siphele emuva kwezinyang­a ezintathu!

Umthombo ngabe: en.wikipedia. org

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa