Ilanga

I-Athletics SA ifuna kuphenywe i-KZNA

Sinqumo UMokoena uyibona iyihlaya eyalesi

- ZAKHELE MCHUNU

I-ATHLETICS South Africa (ASA) eholwa ngu-Aleck Skhosana ifuna kuphenywe iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngalokho ekubona njengokung­athembeki (kweKZNA) kule nhlangano ehola ezokusubat­ha eNingizimu Afrika.

I-ASA ijube ibhodi yale nhlangano ukusungula ithimba elizopheny­a iKZNA eholwa nguSello Mokoena onguMengam­eli.

I-KZNA isolwa yi-ASA ngokuba ngukhanda limtshelok­wakhe. Kuthiwa kayiwuland­eli umthethosi­sekelo we-ASA nezinqumo zesigungu sale nhlangano.

Izifundazw­e ezili-16 kwezili-17 ezibumbe i-ASA zivumelane ngokuthi iKZNA izenzela ukusutha kwayo. Lokhu kuvele emhlanganw­eni oyisipeshe­li we-ASA obungoMgqi­belo eGoli.

Kulo mhlangano iKZNA ibithumele izithunywa ezimbili uMokoena noCharmain­e Jagnarayan onguMgcini­mafa, nokho kuthiwa nguMokoena obenegunya lokungena kulo mhlangano. Kuthiwa noMokoena ugcine enqabile ukungena, wahlala ngaphandle kwaze kwaphela umhlangano.

I-ASA ifuna ukuthi iTask Team ithole ukuthi iKZNA isazimisel­e yini ngokuqhube­ka nokuba yingxenye yomndeni wezokugiji­ma wakuleli noma kayisayihh­oyi.

Bafuna ukuba iTask Team iphinde iphenye ngemibiko yamalunga ebhodi yeKZNA ebonwa (yi-ASA) njengepham­bana nenqubo elandelway­o ngokomthet­hosisekelo wale nhlangano.

Bafisa nokwazi ukuthi umthethosi­sekelo weKZNA uyahambis- ana yini nowe-ASA.

Isigungu se-ASA sigcizelel­e ukuthi umthethosi­sekelo wale nhlangano kumele uhlonishwe kungavunye­lwa iKZNA ukuba iwusebenzi­se ngendlela ezovuna yona. KwiCouncil Meeting, lapho iKZNA ibisimelwe yilezi zithunywa zombili ebizikhiph­ile, amalunga asihlabe asihlikiza isenzo sayo sokuloba abakuthand­ayo ngale nhlangano ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UMokoena ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto ntambama uthe iyaxaka indaba ye-ASA ngoba uJagmaraya­n ubejutshwe yiKZNA ukuba ayoyimela njengeliny­e lamalunga aphezulu ayo. Uthi ubenganqat­shelwa kuphela nxa sekumele kuvotwe kodwa hhayi ukuba yingxenye yomhlangan­o oyisipeshe­li.

Uthi neyomtheth­osisekelo iyamdida ngoba i-ASA bayithumel­ela minyaka yonke, iwazi kahle. Uthi nonyaka bawuthumel­e ngoMbasa (April). Uthi lokhu kudalwa ngabathile baseMgungu­ndlovu abahlose ukunyomfa iKZNA.

“Ngibatshel­ile ukuthi ngangibeka umbono wami futhi namanje engisakhol­elwa kuwona ngodaba lwabadlali esabahambi­sa eLondon. Ngikholwa wukuthi kwakuyoba ngcono kuhambe nabasathut­huka kunokugcwa­liswa kwezikhulu esikhundle­ni sezingane.

“I-ASA ngikholwa wukuthi bekumele ingibhalel­e incwadi ukuba ngicacise ngombono wami, ukuze ngiwuhoxis­e nxa ngibona kunesiding­o. Nokho kayikwenza­nga lokho. Kangazi-ke ukuthi into ewubala ngalolu hlobo ungayijube­la iTask Team yini? Phela umuntu unelungelo lokubeka umbono enkundleni yakhe yokuxhuman­a. Ngisamile kowami ngoba nami ngazibala kuwona kwazise ngiyingxen­ye yeCouncil ye-ASA,” kusho uMokoena.

Uphethe ngokuthi ukhiye ukwiASA ukuthi isayidinga yini iKZNA ngaphansi kwayo ngoba yiyona ethatha izinqumo.

 ??  ?? ALECK Skhosana
ALECK Skhosana
 ??  ?? SELLO Mokoena
SELLO Mokoena

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa