I-SHARKS IGUQE YATHEMBISA I-SUPER RUGBY
UTHEMBISA ukuqhubeka nomgqigqo abebegijima ngawo kwiCurrie Cup uRobert du Preez ongumqeqeshi weSharks eguqiswe yiWestern Province ngo-33-21 kowamanqamu walo mqhudelwano ngoMgqibelo ntambama eGrowthpoint Kings Park Stadium, eThekwini.
ISharks idlale kahle kulo mqhudelwano okuyenze yaqeda iqhwakele eqoqweni layo okuyinike ilungelo lokudlala owamanqamu ekhaya.
UDu Preez uthi bazoqhubeka nomgqigqo omuhle abahamba ngawo nasemidlalweni yeSuper Rugby ezokuba ngasekuqaleni konyaka ozayo. Uthi bazokwenza kahle kakhulu kulo mqhudelwano njengoba kukhona abadlali bakhe abazobuya eJapan. Uthi laba badlali bazohlangana kahle nenjejane abumbe ngayo oShaka kabusha.
“Ngibancoma kakhulu abadlali bami ngo- kwenza kahle kulo mqhudelwano. Sihluleke ekugcineni. Ngibuhlungu kakhulu ngoba siphoxe abalandeli bethu abebephume ngezinkani. Yize kunjalo kodwa kukhona okuhle esingakujabulela ngalo mqhudelwano ngoba unike abadlali abancane isipiliyoni.
“Lo mdlalo ubuhlukene ngeziwombe. Yithina esiqale kahle sathola ne-try kusanda kuqala umdlalo. Nokho-ke iProvince ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili. Besingakwazi ukuphaselana kahle ibhola ekubeni yona ibihleleke ngendlela esezingeni eliphezulu. Ngimbongela kakhulu uJohn Dobson nethimba lakhe ngokuqhuba iProvince ngempumelelo,” kusho uDu Preez.
URobert du Preez oyindodana yomqeqeshi woShaka uzokube egijima kule kilabhu njengoba ebedlala umdlalo wokugcina edlubhe ijezi leProvince. Uzojoyina uyise nabafowabo abangamawele uJean-Luc noDaniel kanti u-Odwa Ndungane usethi khumu embhoxweni.