Ubambelela ngezidindi umqeqeshi weSundowns
Uphoxe uLebese emfaka wabuye wamkhipha
KUBUKEKA eseqala ukudideka uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns eguqiswe yiChippa United ngo-1-0 wegoli likaSamuel Julies elingene ngomzuzu wama-63 kwiLast 16 yeTelkom Knockout izolo ngeSonto ntambama eBuffalo City Stadium, e-Eastern Cape.
UMosimane ushaqise abaningi kulo mdlalo efaka uGeorge Lebese endaweni kaThokozani Sekotlong olimale ngomzuzu wama-22 wabuye wamkhipha ngowama-74 wafaka uLeonardo Castro endaweni yakhe.
UMosimane uzivikele ngokuthi ukhulumile noLebese ngemuva komdlalo emazisa ukuthi ubedinga umdlali ozokwenza umehluko phambili njengoba ebebukeka eyikhongco elibuthaka.
Uthi ebholeni kuyenzeka uhlangabezane nezikhathi ezinzima okuyinto ebhekene neSundowns njengamanje.
Nokho uthi bazozama uku- bhukula ukushintsha izinto. Uthi usehlale isikhathi eside kwiSundowns okwenza angabi nalo ixhala lokufuna izinguquko ethimbeni labadlali.
UTeboho “Tebza” Moloi ongumlolongi weChippa ubonge abadlali bakhe ngokwenza ngokwemiyalelo yakhe enkundleni.
Ubonge nokwesekwa akuthola kuSiviwe “Chippa” Mpengesi ongumnikazi.
Uthi okumjabulisa kakhulu wukuthi abadlali abathathe isikhala sikaMark Mayambela nesikaSandile Zuke abalimele, balibambe ngazo zombili ithuba.
Uthi lokhu kuyinkomba yokuthi akekho umdlali onendawo yakhe kule kilabhu.
Isiyonke imiphumela yeLast 16 yeTelkom Knockout imi kanjena:- Chippa 1, Sundowns 0; Baroka FC 1, Cape Town City 0; Chiefs 3, AmaZulu FC 0; Wits 4, Free State Stars 2; Celtic 2 (5), SuperSport 2 (4); Arrows 0, Pirates 1; Polokwane 0 (4), Ajax 0 (3); Maritzburg 1 (0), Platinum 0 (3).