Ilanga

UKOMPHELA UKHALA NGOPULE EKSTEIN

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela uzwakalise ukungenami ngoHendric­k “Pule” Ekstein oyisikhwis­hikhwishi sale kilabhu enenebule AmaZulu FC ngo-3-0 emdlalweni wesigaba sikaLast 16 kwiTelkom Knockout ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli okunqobe ngawo iChiefs abhajiswe ezintanjen­i nguGeorge Maluleka ngomzuzu wama-33, u-Ekstein ngowama-55 noSiphiwe “Shabba” Tshabalala ngowama-59.

IChiefs bekuvele kulindelek­ile ukuthi iwunqobe lo mdlalo kwazise uKomphela ubethola izinsongo zokusocong­wa ngaphambi kwawo. Bekuthiwa uma nje eke wehlulwa ngeke aphume kule nkundla.

UKomphela ujabulise okwengane inikwa amaswindi enqoba lo mdlalo. Nokho uzwakalise ukungenami ngo-Ekstein njengoba emsola ngokubuye azithele ngabandayo.

“U-Ekstein angaba ngumdlali oseqophelw­eni eliphezulu wukuthi kunento engihlale ngimyala ngayo ukuba ayilungise kodwa akakayilun­gisi namanje.

"Ngeke ngikwazi ukuyidalul­a ngoba ngizokube ngimuqhath­a nezitha. Naye uyazi ngisho abalingani bakhe bahlale bemutalabh­a ngaleyo nto.

“Uma engalungis­a leyo nto kangingaba­zi ukuthi angaba ngumdlali oseqophelw­eni eliphezulu. Indlela adlala ngayo ubuye angidide kwamina, uyashesha ukucabanga, inkinga yakhe nje wukuthi ubuye acwile kanti kweminye imidlalo ubuye ehlise ifomu. Kodwa ngokuhamba kwesikhath­i uzokuba yile nto engiyifuna­yo,” kusho uKomphela.

Uthi indlela abawuvule ngayo lo mqhudelwan­o isibafake umfutho wokuthi bazoyinqob­a le nkomishi.

“Kasizange sigwaze ibhece kumaZulu, nawo adlalile futhi abeyingozi. Kodwa-ke ukunqoba kwethu kukhuphule umfutho wokuthi siyinqobe lo nkomishi.

"Kuyisifiso sami ukuthi le kilabhu iwine izinkomish­i nsuku zonke ngikhona noma ngingasekh­o,” kusho uKomphela.

IChiefs izogadulis­ana nePolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesibi­li ngo- 19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. UKomphela uthi uzokuba nzima lo mdlalo.

“Ngihlalele ethembeni lokuthi kufike lo mdlalo amamasela abadlali bami esephumule ngokwanele ngoba siyogijima laphayana, iPolokwane kayidlali iyagijimis­ana.

"Kodwa-ke sizokuya kulo mdlalo siwuhlomel­e njengayo yonke futhi sizokuqini­sekisa ukuthi siyawunqob­a,” kusho uKomphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa