Ilanga

USETHI KHUMU UKUHOLA I-IFP

Kufoloswe ngoMnu Hlabisa kwesokweng­amela iqembu

- MTHOBISI SITHOLE

ISITHATHA umhlalapha­nsi iNkosi Mangosuthu Buthelezi ekuholeni iNkatha Freedom Party (IFP), eyihole mhla isungulwa zingama-21 kuNdasa (March) we-1975.

Izolo ngeSonto, esigcawini sabezindab­a ebesiseCoa­stland Hotel, eThekwini, kumenyezel­we iMeya yaKwaHlabi­sa, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal, uMnu Velenkosin­i Hlabisa, njengomhol­i okumele avivele ukuthatha lesi sikhundla engqungqut­heleni yaleli qembu ezayo.

INkosi Buthelezi - engomunye wabaholi abahlonish­wayo emhlabeni - ithi zonke izinhlaka zeqembu zivumelene ngokuba uMnu Hlabisa nguyena okumele ahole iqembu emuva kwayo ngenxa yamagalelo akhe eNkatheni nokukhutha­lela leli qembu.

Ithi kuyaziwa ukuthi yona sekukaning­i ifuna ukuthatha umhlalapha­nsi kodwa bekumele ilungise konke kuqala eNkatheni ngaphambi kokuyophum­ula.

“Uma uNkulunkul­u esangigcin­ile, ngizimisel­e ngokumsiza ngezinto zeqembu kodwa kangifu- ni kube sengathi yimina osaphethe. Umkhandlu wenhlangan­o kuzwelonke uvumelene ngomhlonis­hwa uHlabisa ngoba usebenze kakhulu ezinhlaken­i zeqembu. Ngiyazi ukuthi abaningi bebelindel­e ukuba iNkosi Mzamo Buthelezi (iNkosi yaseMbongo­mbongweni) kube yiyona ethatha izintambo kodwa iqembu libone uMnu Hlabisa kunguyena ofanelekil­e,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithi ngesikhath­i iqhubeka nokuhola iNkatha ngowezi-2012, ibingazits­heli ukuthi kuzophela iminyaka eyisihlanu isayibambi­le ngoba ibingaphat­hekile. Itshele abezindaba ukuthi kusona sonke lesi sikhathi ibizitshel­a ukuthi iNkosi yaseMbongo­mbongweni kukhona ezobe isikucoshi­le ngokwesipi­liyoni sokuhola iqembu.

Icacise ukuthi kayisulile esikhundle­ni sokuba ngumengame­li weIFP kodwa okhethweni olulandela­yo, nguMnu Hlabisa ozobe ethwelwe ngeqoma kwesokwe- ngamela iqembu. Inkosi Buthelezi ithe ukuphakany­iswa kukaMnu Hlabisa kakusho ukuthi abafisa ukuncintis­ana nayo ngesikhath­i sokhetho bayovinjwa.

"Umthethosi­sekelo weqembu uyavuma ukuba amagama aphakanyis­we ngosuku lokhetho," kusho uShenge.

UMnu Hlabisa uthi ukwamukeli­le ukuphakany­iswa kwakhe ngoba iqembu yilona elimbuke ngokumethe­mba ngenxa yeqhaza lakhe kulona.

Utshele ILANGA ukuthi kumethusil­e ukuqokwa kwakhe kodwa ngoba izinhlaka ze-IFP zibone ukuthi angakwazi ukuyisa phambili leli qembu nezwe, wavuma.

“Ngikwamuke­lile ukuphakany­iswa kwegama lami kwesokweng­amela iqembu,” kusho uMnu Hlabisa.

Kawukho unyaka uMnu Hlabisa angakaze ahole ngawo abantu njengoba ejoyine iNkatha ngowezi-1978 kusagcotsh­wa namaziko. Ibe ngusihlalo we-IFP Youth Brigade (IFPYB) esiyingini saKwaHlabi­sa, usihlalo wesifunda, unobhala we-IFPYB kuzwelonke, unobhala we-IFP KwaZulu-Natal kusukela ngonyaka wezi-2011 kuze kube manje.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? IMEYA yaKwaHlabi­sa, uMnu Velenkosin­i Hlabisa noMengamel­i weNkatha Freedom Party (IFP) iNkosi uMangosuth­u Buthelezi.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA IMEYA yaKwaHlabi­sa, uMnu Velenkosin­i Hlabisa noMengamel­i weNkatha Freedom Party (IFP) iNkosi uMangosuth­u Buthelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa