Ilanga

OWOSUTHU UCASULWA YITHEKU NE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI wamaZulu FC uCavin Johnson ( osesithomb­eni) ufuna ukuwalungi­sa ngokushesh­a amaphutha aholele ekutheni le kilabhu iphoxe abalandeli bayo ikhishwa ekuseni kwiTelkom Knockout.

USuthu luzobhekan­a neBaroka FC kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Le kilabhu isazikhoth­a amanxeba okukhishwa yiKaizer Chiefs ngo-3-0 ovuthayo kwiTelkom Knockout ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UJohnson uthe: “Okufanele sikwenze nje thina manje wukuthi silungise iphutha (lokukhishw­a kwiTKO) ngokunqoba umdlalo wethu weligi neBaroka FC. Lo mdlalo ngeke ube lula kodwa kasikwazi ukuphoxa kuwona, noma kanjani kufanele siwaqoqe womathathu amaphuzu.”

Nakuba uJohnson efuna ukuwunqoba umdlalo weBaroka kodwa okucacile ngoSuthu wukuthi ludinga izitobha ezimbili ezinesipil­iyoni. Kulo mdlalo weChiefs ububona ukuthi bezibamba ziyeka izitobha zalo ngenxa yokuthi bezisontek­ile kwazise bezidlala ezindaweni ezingazijw­ayele.

Cishe lonke udonga loSuthu belwakhiwe ngabadlali abebebekwe ezindaweni abangazijw­ayele. AmaZulu ayingozi impela uma eya phambili, inkinga nje yisemuva kanti yilapho okumqoka ukuqinisek­isa ukuthi uvalile, kakungeni lutho. Nasepalini kuzofanele abhekisise ngoba nakhona agabe ngonozinti abangenayo imidlalo eminingi kulesi sigaba.

UJohnson uthi emdlalweni weChiefs babulawe nguSiphiwe “Shabba” Tshabalala.

“Isizathu esenze sahlulwa yiChiefs nguShabba. Besihlele ukuthi simuvale anganyakaz­i kodwa sangakwenz­a lokho. Kunento abantu abangayazi ngoShabba, uyingozi kakhulu uma engaliphet­he ibhola kunoma eliphethe. Kunemigiji­mo ayenza emuva kwezitobha ngobuhlaka­ni okwenza iChiefs ibe yingozi. U-Itumeleng Khune uma ephethe ibhola usuke esazi kahle ukuthi uShabba ungakuphi bese emnika ibhola. Negoli alishayile izitobha zami kazimbonan­ga ukuthi uqhamukeph­i.

“Kodwa-ke abantu okufanele bakuqonde wukuthi AmaZulu aneminyaka cishe emine engadlali kulo mqhudelwan­o, besilindel­e vele ukuthi kuzokuba nzima. Into emqoka kithina njengamanj­e wukuqinise­kisa ukuthi le kilabhu iyahlala esigabeni esiphezulu kayigencwa yizembe ngokuqoqa amaphuzu emidlalwen­i yeligi kusuka ngoweBarok­a,” kusho uJohnson.

WINA! WINA! WINA!

ILANGA namaZulu FC baphisana ngamathiki­thi ahamba ngamabili kubafundi abali-15 abanenhlan­hla okubuka uSuthu lushukana neBaroka FC kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Okumele ukwenze ukuzibeka ethubeni wukuthumel­a ngomqhafaz­o igama elithi: HEBE enombolwen­i ethi: 33818. Umncintisw­ano uvalwa kusasa ngoLwesibi­li ngo-14h00 kanti abawinile bazothintw­a ngocingo. I-sms ibiza uR1,50.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa