Abaholi be-ANC mabazinuke amakhwapha
UKUPHUMELA obala kukaMnu Thabo Mbeki oke waba ngumengameli we-African National Congress (ANC) neNingizimu Afrika ukuthi indaba yamalunga e-ANC yokuzitapela emalini yabakhokhi bentela yindala, ibikhona leli qembu lithatha amatomu ombuso ngowe-1994, yenza sidliwe yingebhe.
Yize kuke kwaba nemibiko ethi kunamalunga aleli qembu abevele enezingxoxo nabaqhamuka kwamanye amazwe - kakhulukazi awase-Europe - ingakaphathi nokuphatha i-ANC, ebathembisa ukuthi azobenzelani mhla isiphethe, kodwa ukuzwa ngomuntu oke wahola leli qembu ukuthi yikwamazitapele, kusishayisa ngovalo.
Sekucace bha kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi empeleni njengoba kufiwa kanjena nje kuleli qembu kakhulukazi KwaZulu-Natal, kakukhona ukuthi abantu balwela ukuhola i-ANC ukuze ikwazi ukusebenzisa uhulumeni ukunakekela abantu, indaba inokuzinothisa. UMnu Mbeki obekhuluma eWits University ngoLwesihlanu ngesikhathi kunesikhumbuzo sikaMnu Oliver Tambo, uze wathi abaholi baleli qembu babona umbele ogwansile kuhulumeni kanti amalunga alo kawasalawulwa yimigomo yeqembu yokubeka phambili inhlalakahle yabantu.
Siyazi ukuthi abantu kabayi ngenxanye bengemanzi, umuntu uyiqhawe kwabamthandayo kanti uyisitha kwabamzondayo, noMnu Mbeki-ke kube njalo. Kukhona abebemsola ngokuthi ukhulunyiswa yinhliziyo ebuhlungu (yokuthi ukhishwe esikhundleni sokuba ngumengameli kusemnandi).
Nokho sibona kuyingane kuphela engalwa noMnu Mbeki ngale nkulumo. Bangaki abaholi be-ANC asebebhekane namacala enkohlakalo selokhu ithathe izintambo zombuso? Mangaki amakhansela aleli qembu asolwe ngenkohlakalo kwahlelwa amakhomishini, kwahlangiswa imibiko kodwa kwadlanga ubundlovukayiphikiswa, leyo mibiko yanganikezwa umphakathi?
Kuyimanje nje kukhalwa ngokungena ngomkhono nesiphanga komndeni wakwaGupta ezindabeni zikahulumeni kodwa kunabantu abathi kudlalwa ngawo lo mndeni ngoba kulwiwa noMengameli Jacob Zuma. Uma ngabe lo mndeni bekungekho abaholi obadonsa ngamakhala, indiza yawo - ebithwele abagibeli abangaphezulu kwama-200 - ibingeke ithi cababa esikhumulweni sezindiza iWaterkloof, ePretoria ngowezi-2013.
Sibona kufanele amazwi kaMnu Mbeki kungafanele aphetshezwe ngokuthi uwaphimisa nje, yingoba unesizungu, usadiniwe ngokuxoshwa esikhundleni njalo njalo. Sicabanga ukuthi kungaba wumqondo omuhle ukuba simlalele bese sibhekisisa akushoyo sizame ukukulungisa. Indaba yokuthi simjikijele ngamazwi ngoba nakhu sizwelana nabaholi abathile abaphethe njengamanje, ngeke kulisize ilizwe nayo i-ANC uqobo. Zolo lokhu uNgqongqoshe weziMali, uMnu Malusi Gigaba, wethule isabelo-mali saphakathi nonyaka lapho eveze khona ukuthi abantu abalinganiselwa ezi-30 million eNingizimu Afrika baphila ngemali ewu-R1 000, waxwayisa ngokuthi kusozakuba nzima kwezomnotho kuleli.
Imibiko emibi ngabaholi be-ANC ewuhulumeni, yenza ukuba nezwe libe mabhadubhadu wukungcola. Siyanxusa ukuba abaholi baleli qembu bake bazinuke amakhwapha, siyazi ukuthi inkece ifana ncimishi nencoso evuthiwe, kodwa ake abaholi bethu bapheze ukuba ngamakloza ezepolitiki emalini yabakhokhi bentela. Kuyimanje nje, kunzima ngisho nokuhlanganisa imali yokuba abafundi bafunde mahhala ngenxa yenkohlakalo. Uma singasukumi manje, silalele abaholi abakhuluma into ebukeka ingatakula izwe kulolu bhuku elibishe kulo, kwamali yesibonelelo sikahulumeni abantu bazogcina beyizwa ngendaba, babulawe yindlala kwazise isimo somnotho siya siba sibi.
“
Yindala eyokudliwa kwemali ngabe-ANC.