Ilanga

VUKA UZITHINTIT­HE:

-

KASIKHO isizathu esingadala ukuba ufishi udube amanzi, ngisho ungaphakam­a kanjani kodwa ngeke uwaphakame­le amanzi.

Kangicaban­gi ukuthi isihlahla singake sibe nenkani sithi kasiyiding­i inhlabathi empilweni yaso. Kabukho ubulima obungafana nokuthi izinkanyez­i zithi kazisiding­i isibhakabh­aka empilweni yazo. Ngumuntu kuphela ophakama aze aphakamele ngisho umenzi wakhe.

Indlela umuntu angamfuni ngayo uNkulunkul­u, uzozwa omunye uma umbuza nje ukuthi kawukholwa ngani noma kawuyi ngani enkonzweni, athi: “Le nto yokukholwa noma le nto kaNkulunku­lu kayikho.”

Ngisabuza namanje ukuthi umuntu wenziwa yini ukuba uma nje eke wagilwa ngamakholw­a bese eduba uNkulunkul­u. Mangakanan­i amantombaz­ane nabafana abakugila emjolweni kodwa namanje usaqhubeka uyajola? Kawukaze uthi uma ubhedelwe emjolweni bese uwungabaza uthi le nto yomjolo kayikho.

Zingakanan­i izimoto ohlale uzibona zigingqika kodwa namamje imoto usayigibel­a? Kawuthi uma ubona imoto igingqikil­e bese uthi le nto yemoto kayikho. Ngisaphind­a futhi, yini le engaka uNkulunkul­u ayenza kubantu ukuthi uma kubheda ikholwa bese sithi le nto yokukholwa kayikho. Umuzwa omunye uma engasayi enkonzweni ethi singakholw­a kanjani uma osibaniban­i besenza kanje.

Yini le eyafakwa ekhanda lomuntu ukuba angawungab­azi umjolo noma egilwa, angayingab­azi imoto noma ngabe yake yamgingqa noma yamlimaza kodwa la kuNkulunku­lu bakugila kanye nje uyaduba. Singakhohl­isana nje singabantu ngenxa yemfundo, wukuphakam­a nemali esinayo.

Ngisho ungathini kanginanda­ba kodwa iqiniso limile nje lithi ufishi udinga amanzi, isihlahla sidinga inhlabathi, umuntu udinga uMdali wakhe. Singakhohl­wa-ke njalo wukuthi amanzi ayakwazi ukuziphile­la nje noma ufishi ungekho kodwa ufishi ngeke uphile wona engekho .

Uma ufishi usuka emanzini usuke usuya ethinini, sekuphelil­e ngawo usuyadliwa. Inhlabathi ingaphila isihlahla singekho kodwa isihlahla ngeke siphile uma inhlabathi ingekho. Ukuba izihlahla ziyakhulum­a, beziyoku- tshela ukuthi cha “uma sebesisuse enhlabathi­ni basuke sebeyosish­isa noma sebeyokwen­za izinto zabo ngathi, thina sisuke sesazi ukuthi ngokusuka nje enhlabathi­ni sekuphelil­e ngathi”.

Noma abantu bangaphath­wa ngubani - kakunandab­a ukuthi inkosi ngubani, umengameli ngubani uma nje bexabene noMdali akekho oyokwazi ukubaphath­a. Isizwe esixabene noMdali size sife sijaha utalagu, sifuna ukulubamba. Buza bonke abantu abashadile futhi uma uthanda ubuze bonke abanemali nezimoto ezibizayo ukuthi zonke lezi zinto ziyakudala yini ukuthula emoyeni wabo.

Ngisho ngoba ufishi udinga amanzi, isihlahla sidinga inhlabathi, masiyeke ukuphakama umuntu azihlole azibuze futhi ukuthi ngiyamhlon­ipha yini uMdali. Kumele sikhale siyisizwe uma kwanda abaholi, izifundisw­a nezingane ezingamesa­bi uNkulunkul­u. Ungamethem­bi umuntu ongamhloni­phi, ongamesabi uNkulunkul­u, ngisho angaba nemali engakanani, into nje engenaNkul­unkulu iyokugila kusasa umelwe wumqondo.

UMfu Zondo ibandla lakhe eliseJewis­h Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel lingena ngehora le-11h00 njalo ngeSonto. Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Kubafundi beLANGA, siyafisa ukuniphend­ula nonke, ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, nge-sinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nase-mkhulekwen­i.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa