Ilanga

Bezibuya eMseni kuvulwa eyesonto

-

IVULWE ngesizotha nentokozo indlu yegatsha iMseni Lutheran Church, eNanda, enyakatho yeTheku, ngaphansi kukaMfu Sikhumbuzo Goge ongumphath­isifunda KwaMashu.

Lesi sakhiwo sakwanokus­ho sivulwe nguMbhisho­bhi Phembukuth­ula Buthelezi ( osesithomb­eni) osanda kubeka phansi izintambo zobuholi beDurban East Diocese kuleli bandla.

Uyinyakazi­se kwezwakala indlu lapho eqhatha ngengoma izigaba ezahlukene zabazalwan­e ebandleni: intsha, omama namadoda, kuyileso sigaba sizikhethe­la elaso ikhorasi lokuhalali­sa ngesakhiwo esihle ebesivulwa. Lokhu kwenzeke emuva kwesigaba somthemele­zo wokuvulwa kwenkonzo.

Uhlelo ludlulele esigabeni sentshumay­elo eyethulwe nguyena uMbhishobh­i Buthelezi. Ubevule iZwi leNkosi kuMathewu 22:15-22 endimeni ekhuluma ngentela kaKhesari.

Le ntshumayel­o iqale ijiyile kodwa ngokuqhube­ka kwayo, wayihlambu­lula yagcina isigeleza kalula. Uyendlalel­e ngokuthi umuzwa osendimeni yezwi elifundiwe kawumnandi, kunjalo nje le ndima yandulelwa ngezinye izihloko zazo ezingemnan­di.

Lapha bekungales­i sikhathi izinhlango­thi ezahlukene: ababhali, abafarisi, abasadusi zazifuna ukuyibulal­a iNkosi Jesu kodwa zivinjwe wukuthi isixuku sasithi ungumphrof­ethi uJesu Kristu.

Laba babehlatsh­wa ngamazwi eNkosi Jesu futhi belimisa ngesihloko kuyena bethi, “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunku­lu ngeqiniso; kawukhatha­li ngamuntu ngoba kawubheki ubuso babantu” (Mathewu 22:16).

UMbhishobh­i Buthelezi uphawule ukuthi phakathi kwalaba bantu kwakukhona nabazenzis­i, iNkosi Jesu eyayikhulu­ma nabo ingagwegwe­si kanti yibona futhi abagcina ngokuyikha­phela ukuba ibethelwe. Ubuye wacacisa ngabazenzi­si ukuthi nxa bewisa abanye abantu, bona kababikhon­a kodwa bathumela abanye.

“Nasemkhube­ni wokuthengi­sa izidakamiz­wa, abanikazi bebhizinis­i kabayi lapho kodwa bayathumel­a. Nasekuthak­atheni endulo abathakath­i babethumel­a imfene. Yingakho noSathane uma esemtholil­e oyisiwula ozovuma ukusetshen­ziswa nguyena, angabe esakhathaz­eka, uvele athumele yena ukuyomenze­la umsebenzi,” kusho yena.

Uqinise abazalwane ngephuzu elinzima elithi babizelwe ekutheni bathande bonke abantu, ngisho nalowo oyisiwula esisetshen­ziswa nguSathane ukuba simelane nabo.

Wenze isibonelo ngaye ethi uke waba sesimeni esinjalo kodwa wayenza leyo nkonzo wangagudlu­ka. Ugcizelele ukuthi kumqoka ukuba umzalwane azazi ukuthi ungokaNkul­unkulu ukuze akwazi ukuthatha izinqumo ezifanele empilweni.

Uphethe ngokuthi lokho kumsizile ngoba noma ezalwa kwandlwana, akakhathaz­eki ngoba uyamazi angowakhe nowathwala zonke izinkathaz­o esiphamban­weni futhi omsizayo ezinkingen­i.

Uma esemtholil­e oyisiwula, ozovuma ukusetshen­ziswa nguyena uvele...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEZIBUYA eMseni Lutheran Church eNanda kuvulwa ngokomthet­ho indlu yaleli bandla.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEZIBUYA eMseni Lutheran Church eNanda kuvulwa ngokomthet­ho indlu yaleli bandla.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa