ISIKHALO SIKAMROZA NGEMIBIKO EMIBI
Ubonga umndeni noNkulunkulu
NGIPHUNYULE bengibophele amanqina enyathi, kwasho ukuthi konke okwenzekayo kakusikhona ukuhlakanipha kwami.”
Lawa ngamazwi esihlabani sikamasikandi, uSthembiso Mroza Fakude waKwaHlabisa, enyakathompumalanga yeKwaZulu-Natal ephawula ngokululama kwakhe emuva kokugula amasonto amabili ephanjanelwe yikhanda.
Lo mculi odume ngengoma ethi “Elamanqamu” - enezinhlamvu ezithi “Siyobulala uVan Damme” - ehlukanise unyaka wezi-2016-2017, uthi usephila saka nakuba ngoLwesibili ntambama ezinkundleni zokuxhumana besekusabalele amahlebezi okuthi akasekho emhlabeni.
Uthi akasaphazamisekile emqondweni, konke sekuhamba kahle emuva kokwelashwa ngokwesintu.
“Kangazi nokuthi ukugula kungiqale kanjani, uma ngingathi kukhona engikukhumbulayo, ngabe ngihubhuza amanga ngoba nalaba abathi bangithole ngihamba ngezinyawo sengihlaselwe wukugula, kangisabakhumbuli.
“UNkulunkulu ungivikelile, kayenzekanga intando yomuntu obezama ukuganga. Nokho kungiphathe kabi kakhulu ukusabalala kwezindaba zokuthi kangisekho emhlabeni ngoba kakusikhona okokuqala kuzwakala le nkulumo,” kusho uMroza.
Ubonga umndeni wakhe okhombise uthando ngesikhathi sobunzima abebhekene nabo. Lo mculi bekumqale emasontweni amabili adlule ukugula okubikwa ukuthi ubesestudiyo eTakk, eGoli, eyolekelela elinye iqembu likamasikandi ebeliyoqopha i-albhamu yalo.
Kubonakale ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenxa yezinkulumo zakhe njengoba ebesekhuluma noma yikanjani - ngokwendalo yakhe uzothile.
“Ubekhuluma yedwa ethi sekulungile, akabulawe kodwa izwe kumele lazi ukuthi ubulawelani esho namagama abantu abambulalayo,” kusho umthombo.
“Emuva kwalokho kuthiwa kutheleke abafana bakubo kaMroza bethi bathole umqhafazo ovela kuyena ethi kunamadoda agcwele estudiyo aphethe izibhamu afuna ukumbulala.
Uduke mhla zili-18 kuMfumfu (October) waze watholwa ngamaphoyisa aseRandfontein zingama-20 ntambama, emuva kokuba udaba lubikwe esiteshini samaphoyisa eJabulani, eSoweto. Utholwe esegula ngomqondo eshayiwe, imoto yakhe yatholwa kwenye indawo ingenamuntu phakathi.