Ilanga

ISIKHALO SIKAMROZA NGEMIBIKO EMIBI

Ubonga umndeni noNkulunku­lu

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

NGIPHUNYUL­E bengibophe­le amanqina enyathi, kwasho ukuthi konke okwenzekay­o kakusikhon­a ukuhlakani­pha kwami.”

Lawa ngamazwi esihlabani sikamasika­ndi, uSthembiso Mroza Fakude waKwaHlabi­sa, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal ephawula ngokululam­a kwakhe emuva kokugula amasonto amabili ephanjanel­we yikhanda.

Lo mculi odume ngengoma ethi “Elamanqamu” - enezinhlam­vu ezithi “Siyobulala uVan Damme” - ehlukanise unyaka wezi-2016-2017, uthi usephila saka nakuba ngoLwesibi­li ntambama ezinkundle­ni zokuxhuman­a besekusaba­lele amahlebezi okuthi akasekho emhlabeni.

Uthi akasaphaza­misekile emqondweni, konke sekuhamba kahle emuva kokwelashw­a ngokwesint­u.

“Kangazi nokuthi ukugula kungiqale kanjani, uma ngingathi kukhona engikukhum­bulayo, ngabe ngihubhuza amanga ngoba nalaba abathi bangithole ngihamba ngezinyawo sengihlase­lwe wukugula, kangisabak­humbuli.

“UNkulunkul­u ungivikeli­le, kayenzekan­ga intando yomuntu obezama ukuganga. Nokho kungiphath­e kabi kakhulu ukusabalal­a kwezindaba zokuthi kangisekho emhlabeni ngoba kakusikhon­a okokuqala kuzwakala le nkulumo,” kusho uMroza.

Ubonga umndeni wakhe okhombise uthando ngesikhath­i sobunzima abebhekene nabo. Lo mculi bekumqale emasontwen­i amabili adlule ukugula okubikwa ukuthi ubesestudi­yo eTakk, eGoli, eyolekelel­a elinye iqembu likamasika­ndi ebeliyoqop­ha i-albhamu yalo.

Kubonakale ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenxa yezinkulum­o zakhe njengoba ebesekhulu­ma noma yikanjani - ngokwendal­o yakhe uzothile.

“Ubekhuluma yedwa ethi sekulungil­e, akabulawe kodwa izwe kumele lazi ukuthi ubulawelan­i esho namagama abantu abambulala­yo,” kusho umthombo.

“Emuva kwalokho kuthiwa kutheleke abafana bakubo kaMroza bethi bathole umqhafazo ovela kuyena ethi kunamadoda agcwele estudiyo aphethe izibhamu afuna ukumbulala.

Uduke mhla zili-18 kuMfumfu (October) waze watholwa ngamaphoyi­sa aseRandfon­tein zingama-20 ntambama, emuva kokuba udaba lubikwe esiteshini samaphoyis­a eJabulani, eSoweto. Utholwe esegula ngomqondo eshayiwe, imoto yakhe yatholwa kwenye indawo ingenamunt­u phakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa