SEKUVULIWE UKUNGENELWA KWAMA-SOUTH AFRICAN MUSIC AWARDS
KULINDELEKE ukuba sande isibalo sabaculi abangenela umncintiswano wamaSouth African Music Awards njengoba ngoLwesibili kumenyezelwe ukuvulwa kokungenela.
Iwindi lokufaka umculo kulo mcimbi wokuklomelisa abaculi waminyaka yonke livulwe izolo ngoLwesithathu mhla ka-1 kuLwezi njengoba kuzoze kuvalwe mhla ka-31 kuMasingana 2018.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwaRiSA abengamele umcimbi wamaSAMA kunxuswa bonke abaculi nabadidiyeli abakhiphe umculo wabo kusukela ngomhla kaNhlolanja kulo nyaka kuya kuya kumhla ka-31 kuMasinga 2018 kuyo yonke iminxa engu-25 ekhona kula ma- award.
UMnu Nhlanhla Sibisi oyisikhulu esiphezulu kwaRiSA uthe minyaka yonke isibalo sabaculi abangenelayo siyanda.
“Nakulo nyaka silindele esingaphezulu kuneminyaka eyedlule. Siyazi ukuthi amaSAMA asezibonakalisile kule minyaka eyedlule ngokuhamba phambili ekuklomeliseni abaculi.
“Sinxusa abaculi ukuba bafake imisebenzi yabo ukuze bazibeke ethubeni lokuba baqokwe,” kusho uMnu Sibisi.
Kuzokhumbuleka ukuthi nonyaka uKwesta uphenduke undabamlonyeni ewola izindondo kulo mcimbi obubanjelwe eSun City, eNorth West.
UBabes Wodumo obengomunye wabaculi abebebhekiwe ubuye elambatha njengoba ngemuva kwalo mcimbi yena nomphathi wakhe eWest Ink uMandla Mampintsha Maphumulo bememezele ukuthi ngeke baphinde bazihlanganise nemicimbi yokuklo
melisa abaculi.