Ilanga

SEKUVULIWE UKUNGENELW­A KWAMA-SOUTH AFRICAN MUSIC AWARDS

- lucky.cain@ilanganews. co.za LUCKY CAIN

KULINDELEK­E ukuba sande isibalo sabaculi abangenela umncintisw­ano wamaSouth African Music Awards njengoba ngoLwesibi­li kumenyezel­we ukuvulwa kokungenel­a.

Iwindi lokufaka umculo kulo mcimbi wokuklomel­isa abaculi waminyaka yonke livulwe izolo ngoLwesith­athu mhla ka-1 kuLwezi njengoba kuzoze kuvalwe mhla ka-31 kuMasingan­a 2018.

Ngokwesita­timende esikhishwe ngabakwaRi­SA abengamele umcimbi wamaSAMA kunxuswa bonke abaculi nabadidiye­li abakhiphe umculo wabo kusukela ngomhla kaNhlolanj­a kulo nyaka kuya kuya kumhla ka-31 kuMasinga 2018 kuyo yonke iminxa engu-25 ekhona kula ma- award.

UMnu Nhlanhla Sibisi oyisikhulu esiphezulu kwaRiSA uthe minyaka yonke isibalo sabaculi abangenela­yo siyanda.

“Nakulo nyaka silindele esingaphez­ulu kuneminyak­a eyedlule. Siyazi ukuthi amaSAMA asezibonak­alisile kule minyaka eyedlule ngokuhamba phambili ekuklomeli­seni abaculi.

“Sinxusa abaculi ukuba bafake imisebenzi yabo ukuze bazibeke ethubeni lokuba baqokwe,” kusho uMnu Sibisi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nonyaka uKwesta uphenduke undabamlon­yeni ewola izindondo kulo mcimbi obubanjelw­e eSun City, eNorth West.

UBabes Wodumo obengomuny­e wabaculi abebebheki­we ubuye elambatha njengoba ngemuva kwalo mcimbi yena nomphathi wakhe eWest Ink uMandla Mampintsha Maphumulo bememezele ukuthi ngeke baphinde bazihlanga­nise nemicimbi yokuklo

melisa abaculi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKWESTA uphenduke undabamlon­yeni kumaSouth African Music Awards anonyaka.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKWESTA uphenduke undabamlon­yeni kumaSouth African Music Awards anonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa