Ilanga

Omunye umsindo ngeSAB League

ISafa seyiqoke ozodidiyel­a lesi sigaba eKZN

- PHILANI NCALANE

IMPIKISWAN­O ngokuqokwa kukaKwenza­kwakhe Ngwenya esikhundle­ni sokwengame­la zonke izinhlelo zeSAB League kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) eThekwini Region.

Amakilabhu eSAB League esifundazw­eni abenikezwa amajezi esizini entsha ngoLwesibi­li eSpringfie­ld, eThekwini. UNgwenya uthi uqokwe nguDennis Mumble oyisikhulu esiphezulu seSafa ukwengamel­a wonke amaligi eSafa eThekwini. Lokhu kulandela ukuthi lesi sifunda sikhiphe amakilabhu amabili ukuhambela imidlalo yokuhlunge­la ukungena kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

Kumanje kawaphelel­e amakilabhu eMotsepe esifundazw­eni ngenxa yokuthi kayiphothu­lwanga imidlalo yokuhlunga yeSAB ngenxa yombango wamakilabh­u aseThekwin­i. La makilabhu aqhamuka ezinhlaken­i ezibanga amandla okuhola lesi sifunda okungolwas­eCurries Fountain nolwaseHoy Park.

UNgwenya uthi ukuqokwa kwakhe kuyindlela ehlelekile yokuqinise­kisa ukuthi izingane kaziphazan­yiswa ukudlala ngenxa yemibango yabantu abadala. Uthi ngeke agxambukel­e ezinkingen­i zeTheku, kodwa uzosingath­a uku- dlalwa kwebhola.

U-Eric Smith wohlangoth­i lwaseHoy Park ebuzwa ngokuqokwa kukaNgweny­a, uthe: “Sizwa emoyeni ukuthi kujutshwe uNgwenya. Thina sizokube sesenzani uma isifunda sethu sesiphethw­e nguyena? Ziningi izinkinga okumele abhekane nazo eMkhanyaku­de. Thina sizoqhubek­a nebesivele sikwenza njengobuho­li. Kayikho indoda eyodwa okumele iphathe izifunda ezimbili.”

UZama Buthelezi onguNobhal­a wohlangoth­i lwaseCurri­es Fountain, uthe bakwamukel­a ngezandla ezimhlophe ukulethwa kukaNgweny­a eThekwini.

“Thina sijabule ngoba kuhlengwa ibhola. Kakumele izinkinga zepolitiki yebhola zikapakele ezinganeni. Izingane kumele zidlale ibhola thina sesingakub­anga esikubanga­yo. Sizobambis­ana kakhulu naye ngoba siyabona ukuthi iSAB League inezinking­a. Ngeke sisaba namakilabh­u amabili amela iTheku okuyinto edunga imidlalo yokuhlunga,” kusho uButhelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa