USWIDI WODWA KU-DJ BHOONU
zakhe ezintsha nezindala ezishisa izikhotha. Uthembise abantu ukuthi ngeke iphele lenyanga icwecwe lakhe elisha lingaphumanga. Isimo sezulu asizange siphoxe neze kodwa bekushaya umoya imvula ingabonwa nhlobo. Bekungokokuqala kulo nyaka lo mcimbi uqhubeka ngaphandle kwemvula.
Ezokuphepha beziqine kakhulu njengoba zingekho izigameko ezimbi ebezisabikiwe. Amaphoyisa abenkanise uMashu wonke eqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle. Uhlelo beluphethwe umsakazi weVibe FM uMlwazet, uThah Simelane, Somizi Mhlongo noNomzamo Mbatha. Amanye amaciko abekhona kulo mcimbi uZakwe, uMzokoloko, uDJ Sonic, uDJ Vuma, uSphectacula noNaves nabanye abaningi. BEKUWUBUTAPUTAPU bamaswidi kuthwetshulwa i- video kaDJ Bhoonu esihloko sithi “Uswidi wodwa”. Le ngoma uDJ Bhoonu uthi ugqugquzela ngayo abantu ukuthi behlise kancane ezinkambeni zikaFaro kodwa badle uswidi njengoba kuza isikhathi samaholidi nje.
Uthi akagqugquzeli inyongo kodwa ufuna nabantu baphile ngezinto ezimnandi kuphela. UBhoonu ingoma yakhe yokuqala le selokho afika kule ndima. Uthi uzizwa ejabule kakhulu ngoba naye useyitholile into ezombekisa isinkwa etafuleni ekhaya.
“Ukuphuma kwale ngoma kuzongitakula ezintweni eziningi, ingakho ngiyishuthele eMlazi ngasekhaya ukuze ngizothola zonke izibusiso komakhelwane nasekhaya” kulanda loDJ. UBhoonu uthi akalifuni iphutha njengoba ekhiphe lengoma nje uzokwenza isiqiniseko sokuthi iyamsebenzela.
Le video ishuthelwe eMlazi, KwaMashu nasedolobheni eThekwini. Ishuthwe ngoLwesihlanu ntambama.
Uma ungumuntu ohambela izindawo zobumnandi usuyayizwa ezindaweni eziningi zokujuxuza. Ingenye yezingoma ezibalwa nezingase zibe yingozi kulo nyaka.
Upike kuyona uMadanon kanye neGcokama Elisha. Ididiyelwe abafana abashisa izikhotha kulo nyaka iDistruction Boyz.
Isho ngesigqi segqomu kanye nomaskandi okuhlanganiswe ndawonye nokuyenza ihluke kakhulu kwezinye izingoma.
UDJ Bhoonu ungaphansi kweAfrotainment kanti le ngoma iyatholakala kwicwecwe le-Afro i-Afro summer.