HI ISITHANDA ISIKOLE
ayethe bazokwenza, ngabizwa eThekwini noDube uMafukuzela (uDkt John Langalibalele Dube) noMfu uMlangeni. Sesifika ummeli uD.G. Shepstone wabesesifundela incwadi esasingayazi thina, wathi uShembe wathi mzukwana ehambayo uyobeka indodana yakhe lena eyimina.
“Bethuka oMlangeni noDube, nami ngethuka, wathi ummeli uShembe lokhu wakubhala phansi. Ngathi mina ngiyafundisa njena abantwana eManzimtoti, ngizokwenza kanjani ukuphatha abantu ngenhlanye, ngenhlanye ngibe nguthisha.
“Wathi ummeli kasazi-ke, ngibona sengathi kuzofanale uyeke ukufundisa ubuyele ekhaya. Ngabe sengiyabuya-ke wabe eseza umlungu eKuphakameni ngoNhlangulana esekhuluma ethi uShembe ushiye lo mntwana emsebenzini wakhe, nonke-ke nizomhlonipha.
“Ngangisemncane kakhulu, ngangineminyaka engamashumi amathathu ubudala. Ngangingakwazi nokushumayela, ngingakwazi nokuphatha abantu, ngangazi ukuphatha abantwana esikoleni kuphela. Kwaphela izinsukwana-ke ekukhulumile lokho umlungu, abefundisi bathanda ukwehlukana phakathi, abanye bathi kungenzeka kanjani ukuthi sikhona singabefundisi siphathwe ngumfana omncane kangaka na? Ongesiyena noMfundisi!”
Kula mazwi eNkosi kukhona abaluleke kakhulu ayekhulunywa ngabanye abefundisi, athi:
“Singaphathwa kanjani ngumfana omncane ka- ngaka ongesiye nomfundisi na?”
La mazwi abalulekile ikakhulukazi kubantu baseKuphakameni maqondana nemfundiso eseyagcwala eBandleni lamaNazaretha emayelana nokugcotshwa kwabefundisi bokuqala eNtabeni yaseNhlangakazi.
Uma ulalela le mfundiso ebelethiswa ukugcotshwa kwabefundisi bokuqala nguMqaliwendlela (uMprofethi Isaiah Shembe), uba nesithombe sokuthi inkosi nomfowabo ubaba u-Amos, kwathi uma kugcotshwa laba befundisi bokuqala nabo bagcotshwa baba yingxenye yabo.
Le nkulumo yenkosi iyaphikisana nokuthi yake yagcotshwa noma yona noma nomfowabo omncane ukuba babe ngabefundisi. Lokhu kuveza umbuzo omkhulu othi uma ngempela inkosi yayigcotshiwe eNhlangakazi, kwakwenziwa yini pho ukuba laba befundisi bengabi nolwazi lokuthi nenkosi yagcotshwa eNhlangakazi yaba ngumfundisi?
La mazwi ahamba aze afike endaweni lapho eshayisana khona namazwi athi kwakufanele uma inkosi ikhothama kuthathe umfowabo omncane ngoba babegcotshwe naye kwathiwa uma kuhamba lona kuyothatha omunye. Namazwi okuthi inkosi yayithe kayiboni lutho okhalweni lwayo, avusa umbuzo othi kakadeni yayizoze ithi kayiboni lutho nje ngoba icingani uma kanti iZwi lalithe uma kuhamba yona kuyothatha umfowabo, pho ayenasidingo sini lawo mazwi.
Esinye isimanga wukuthi naye futhi umfowabo weNkosi, ubaba u-AK, ezincwadini zonke azibhalayo kusukela ekuhlukaneni kwebandla, kakukho nokukodwa lapho afakaza khona ukuthi bake bagcotswha nenkosi eNtabeni iNhlagakazi.
Uma iqhubeka inkosi entshumayelweni yayo yaseGospel, ithi: “Abefundisi baqhubeka nale ndaba yabo base bethi bazokwenzenjani. Bathumela kimi bethi bafuna ukungigcoba bethi sifuna ukukwenza umfundisi, sifuna ukukubeka sikugcobe.
“Ngathi mina cha ngisazocabanga ngiyobuye nginiphendule. Kwaphela isonto bekhulumile, ngithe ngilele ngase ngibona ubaba efika esethi cha ungavumi bakugcobe kade ngakugcoba, ungakazalwa.
“Ungavumi futhi umuntu akubeke isandla. Ngase ngethuka. Babe sebebuya-ke bezobuza ukuthi sengicabange ngakhawulaphi, ngase ngithi cha sengicabangile, kangithandi ukubekwa isandla ngumuntu ekhanda, ngilungile nje nginjena kangifuni ukuphathwa yini! Ngaba nolaka nje, kangaze ngaba namusa. Base beyeka-ke kababe besangigcoba, selokhu ngazalwa nje ngilokhu nginje kangikaze ngigcotshwe, ngabhajadiswa nje kuphela, kangizange futhi ngibe ngumfundisi.”
Sizoyiqhuba ngokuzayo.