IZINKANYEZI SEBASTIAN JILI
NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?
UMA kuneminyango ofuna ivuleke, kudingeka ubuqotho bakho bukucabele indlela. Uma ufuna ukufika esicongweni lungisa izinkinga ezibukeka zizincane.
ARIES (March 21-April 19)
UBONA kukuningi kakhulu okubheke wena nokumele ukufeze. Ubuye ungabi nakho ukwethembeka kwabanye osondelene nabo. Zifundise ukugcina izethembiso ozenzile.
TAURUS (April 20-May 20)
GWEMA ukubalisa manje wenze izinto okumele uzenze. Kunokungahambi kahle okumele ukubekezelele ngoba ngokwesikhashana. Kunabanye ozofisa ukubabonga.
GEMINI (May 21-June 21)
UYAZAZI ukuthi udingani noma kwesinye isikhathi ubuye ugxile ezintweni eziningi kakhulu. Izinto okade wawuzihlehlisa uzokwazi ukuzenza manje ngenkulu impumelelo.
CANCER (June 21-July 22)
IZINGA lakho lokucabanga abanye bangalihlonipha uma nje wena ungeke izinto uzithathe ngemizwa kakhulu. Kawukafiki esiphethweni mayelana namanye amaqhinga ophezu kwawo.
LEO (July 23-August 22)
UMA uzazi lapho obuthaka khona, kumele uqiniseke ukuthi uyakugwema lokho. Buyekeza wonke amacebo ozimisele ukusebenza ngawo ukunqoba okuthile.
VIRGO (Augt 23-Sept 22)
UKUFISA kakwanele uma kungekho amagxathu athathwayo. Isinqumo kumele siqhamuke kuwena ngale kokungabaza. Unohlobo lwebhizinisi olufisayo.
LIBRA (Sept 23-Oct 22)
KUHLE ukulalela imibono yabanye ezintweni eziningi ozenzayo. Zama ukuzenza uthandeke ukhumbuleke ngezenzo zakho ozenza kwabanye.
SCORPIO (Oct 23-Nov 21)
UMA ufuna ukuthatha isinqumo bese uyadideka, ungacela usizo kumuntu omethembayo. Bambelela kakhulu ezinkolelweni eziqhubekayo nasezinhlosweni ezingaguquki.
SAGITTARIUS (Nov 22-Dec 21)
UBONA izinga lomnotho wakho liya ngokuguquka. Ukuzinikela kwakho ezintweni ozenzayo yikhona okuzogqama ngalesi sikhathi. Unomqondo okwazi ukuhlaziya ngakho kumele ugweme inkani.
CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)
ABANINGI bazowancoma kakhulu amagalelo akho emkhakheni okuwona. Uma ubheka ukuthi abanye baphumelele kanjani nawe kungase kukuqinise idolo.
AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)
UNOMQONDO obuka kakhulu phambili ezinhlosweni zakho ngakho uzokwazi ukubumba amasu angadlondlobala ngokushesha. Izinguquko ongazenza kumele zisize nomndeni wakho.
PISCES (Feb 19-March 20)
UNGADIKIBALI nakancane uma kumele ulungise izinkiznga zakho ezimayelana nezezimali. Uzoveza okuhlukile njengomuntu owaziwayo ukuthi uhlale unemibono emisha njalo.