Babhidlize amathuna abelungu befuna umcebo
Kuthiwa u-20c udayiswa izinkulungwane
SIFANISWE nobuwula isigameko sokugqejulwa kumbiwe amathuna amadala abamhlophe eBabanango, enyakatho yeKwaZulu-Natal okukholakala ukuthi ambiwe ngabampisholo ngoba benenkolelo yokuthi bazothola umcebo abamhlophe abangcwatshwe nawo eminyakeni eyedlule.
ILANGA lifike kule ndawo ngoMsombuluko lazibonela ingxenye yala mathuna ecekelwe phansi.
La maliba ayisi-9 asendaweni eyayiyipulazi labamhlophe eminyakeni eminingi eyedlule. Kuthiwa udaba lokuthi kunomcebo emathuneni abamhlophe yinto ekhulunywayo kule ndawo.
ILANGA - ophenyweni lwalo - lithole ukuthi indaba iqale ukonakala ngemuva kokusabalala kwemibiko mayelana nabantu abaphume umkhankaso wokuthenga imali yakudala eyithusi okubikwa ukuthi u-20c wakhona uthengwa ngezinkulungwane.
Kuvele ukuthi kunabathile abaqale ukuzilungiselela ukuze kuzombiwa amathuna abamhlophe ngethemba lokuthi kuzotholakala le mali. ILANGA lihlangane nowesilisa osekhulile, uMnu Johane Ndlovu, othe kuyihlazo ukuthi kungaba nabantu abamba amathuna ngoba benenkolelo-ze yokuthi bazothola imali.
“Ngingowokuzalwa lapha, njengoba ungibona ngilapha nje, kangikaze ngihlale kwenye indawo. Imingcwabo eminingi bengiyaye ngiyihambele, kakukho nolulodwa usuku lapho engike ngabona kuthathwa ibhokisi lemali lifakwa emgodini wengcwaba lomlungu.
“Wubuwula nje lobu obenziwa ngabantu lapha endaweni. Le ndawo ibiyipulazi labamhlophe eminyakeni eminingi eyedlule, besisebenza khona. Bafa abelungu kodwa kangibonanga ngisho noyedwa engcwatshwa nemali. Indaba iqale ukonakala ngemuva kokuba kusabalale ukuthi kunezindawo ezidinga izimali zakudala. Konke lokhu ngikubona kuwukudlala ngemiqondo yabantu nje, ngubani ongakhokha inkulungwane athenge uzuka?” kusho uMnu Ndlovu okhale ngokuthi abagile lo mkhuba kuzofanele baziveze ukuze bagezwe.
“Uma bengaganiwe, ngeke besaganwa ngoba phakathi kukhona nabesifazane amathunzi abo azonamathela kubona maqede kube nzima ukuba kusondele abesifazane kubona. Yimbi futhi ibuhlungu le nto abayenzile ngoba ithuna lomuntu liyahlonishwa, kungakhathalekile ukuthi ungowaluphi uhlanga,” kusho uMnu Ndlovu.
Ikhansela lendawo, uMnu Mbongeni Buthelezi, lithe belingakayitholi imibiko ngalesi sigameko.
Usihlalo wekomidi elibhekelele ukuthuthukiswa komphakathi, uMnu Moses Ntombela, usigxekile lesi senzo. Uthe kasehlukene nokucwasa ngokobuhlanga.
“Siyitholile imibiko ngesigameko sokumbiwa kwamathuna abamhlophe, okuyinto engeyinhle futhi engemukelekile. Sinxusa umphakathi ukuba ungazenzi izinto ezizoholela ekubeni ungene ezinkingeni ngoba kumanje sekufanele kuqalwe umsebenzi wokulungisa la mangcwaba. Lokhu sikubona njengokulahleka konembeza kubantu abamnyama,” kusho uMnu Ntombela.
Phambilini le ndawo ibingaphansi kwabamhlophe, okuthe ngokuhamba kwesikhathi yabuyela kwabampisholo.
UMnu Mthobisi Makhathini, okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, unxuse ukuba umphakathi ungadlali indlala. Uthe ubengenalo ulwazi ngalesi sigameko. Usichaze njengobugebengu obuphindiwe.
“Ibuhlungu le nto futhi yimbi, kufanele ikhuzwe ngoba izokwandisa umkhuba omubi futhi ongemukelekile. Sithanda ukuxwayisa abasahlela ukuphuma umkhankaso wokumba amathuna abamhlophe ukuthi bazolutheza olunenkume ngoba ngeke sibubekezelele ubugebengu. Ngiyaqala ukuluzwa lolu daba kodwa luyashaqisa ngoba kuwukuphambana nomthetho lokhu,” kusho uMnu Makhathini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapt Thembeka Mbhele, uthe kalikho icala elivuliwe mayelana nalesi sigameko kodwa wathi lokhu kuwubugebengu.
“Kwathina singamaphoyisa kasizithatheli isinqumo sokumba ithuna kodwa kuyaye kube yisinqumo esithathwa yinkantolo. Ngisho nemindeni kayizithatheli izinqumo zokumba amathuna ayo ngoba lokho kuwukwephula umthetho.
“Siyanxusa ukuba uma kukhona abanolwazi ngezigilamkhuba basondele bazicebe, emuva kwalokho sizobopha abantu bashushiswe.
“Singakuthokozela nokuba uma isekhona imindeni yalaba abamhlophe ibike emaphoyiseni ukuze kuvulwe amacala. Empeleni kakusithokozisi ukuthi abantu bakithi badlale indlala baze bagile imikhuba emibi ngalolu hlobo.
“Ziningi izindlela zokuphila hhayi ukumba amathuna abantu ngenxa yezinkolelo-ze,” kusho uKapt Mbhele.
Abantu bakithi badlale indlala baze bagile imikhuba emibi ngalolu...