AKABEKI LUTHO EZIKO OVALEKELWE NGEYESIBONELELO
UBHEKENE nosizi owesilisa waseDanganya eMgababa, eningizimu yeTheku ovalekelwe yimali yakhe yempesheni ngenxa yenkinga kamazisi. UMnu Themba Njalo Mthembu (62), uthi le mali yesibonelelo sikahulumeni ivaleke ngoNhlaba (May) nonyaka wahamba ethi uyoyivuselela kwaqala izinkinga yavaleka.
Utshele ILANGA ukuthi inombolo kamazisi kuthiwa uyisebenzisa nomunye okwelinye izwe, oholayo ngayo. Uthi ulambile nabazukulu bakhe ngoba sesiside lesi sikhathi ingalungiseki le nkinga yakhe.
“Kangibeki lutho eziko kulanjiwe lapha ekhaya ngoba le mali yiyona ebilusizo kakhulu ukuze kulale kudliwe. Sengigqigqe ngaze ngakhathala emahhovisi belokhu bengithembisa into engekho bethi emuva kwamasonto - kuzobe sekulungile,” kusho uMnu Mthembu.
Uthi izinkinga ziqale ngesikhathi eyoshaya omunye umazisi ngoba lona abewusebenzisa ubunga- sekho esimeni esihle. Ithintwa ngalolu daba imenenja yehhovisi lezasekhaya KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, ithe kunophenyo olwenziwayo ngalolu daba ngoba lujulile.
Ithe basaxhumane nehhovisi labo elisePretoria ukuze bathole okubambile ngenkinga kamazisi kaMnu Mthembu. Utshele ILANGA ukuthi kakusilona iqiniso ukuthi umazisi uMnu Mthembu uwusebenzisa nomunye umuntu.
“Emishinini yethu kuvela ukuthi usebenzisa omazisi ababili eyedwa, yileso sizathu esenze ukuba kuvalwe zonke izinto ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu,” kusho uMnu Mncwabe.
Utshele ILANGA ukuthi emishinini yabo kuvela ukuthi umazisi wokuqala wenziwe ngonyaka we-1986, owesibili ngowangowezi-2009 kanti bobabili banamagama ahlukene nezinombolo ezahlukene kodwa imilobo yeminwe ngeyomuntu oyedwa.
Kangibeki lutho eziko kulanjiwe lapha ekhaya ngoba le mali yiyona...