Masingahlali phezu kwameva siwabona
UKUBEKEZELA empilweni kuyakhokhela kodwa kakuzona zonke izindawo esithi uma sibekezela kuzona uma sihlushwa zibe nesibusiso noma inkokhelo. Ngiqonde ukuthi uma ubekezela kini, kunesibusiso lokho futhi kuyoba nomphumela omuhle kusasa.
Uma ungabekezela emshadweni, iso likaNkulunkulu liyabona futhi kuyokukhokhela lokho kusasa. Uma ubekezela enkonzweni, lokho kunesibusiso, kuyokukhokhela kusasa.
Kunezindawo empilweni okungafanele umoshe isikhathi sakho kuzona ngoba uma ubekezela kuzona ngeke uthole nkokhelo. Njengokuthi nje abantu abaningi bahlukumezeke emjolweni, kakubekezelwa emjolweni ngoba kawunamadlozi, kawunaNkulunkulu futhi kawunabazali - ngiqonde ukuthi uma umjolo ukuhlukumeza zibuze ukuthi usahlaleleni lapho.
Kuyafana nokuhlukunyezwa ngabangani, yonke leyo nto kayikhokheli ngoba abangani bakho kabasoze bakubusisa kodwa uyobusiswa ngabantu abadala kunawe.
Le nto yomjolo ifana nokugembula, usengahlulwa usubekezele iminyaka eli-10. Kunomuntu ongajola nawe iminyaka eli-10 bese eyakulahla ngowe-11, ashade nenye intombazane ngonyaka we-12. Njalo empilweni uma uzobekeze- lela abantu abakuhlukumezayo, kufanele ube nesizathu esikhulu sokuthi kungani usahleli nabo.
Ungalinge ubekezelele umbhedo kanti kawusenaso isizathu sokuthi kungani usabekezele.
Ngiphendula abantu abaningi ephepheni lethu ILANGA - abasuke bebuza ukuthi “ngiyahlukumezeka, ngiyashaywa le nto iyangikhalisa ngisuke kuyona noma ngihlale yini?” - ngibonile ukuthi ngaso sonke isikhathi uma ungasazi ukuthi uhlaleleni nomuntu, ugcina ubuza abantu ukuthi ngihlale yini.
Kakufuneki uze ulokhu ubuza abantu ukuthi ngihlale yini kule nto, zibuze wena lo mbuzo owodwa wokuthi uma usahleli nomuntu ngabe kusakusebenzela yini.
Ngisho ngoba abantu bakuhlukumeza kanti isizathu sokuhlala nabo kasisekho, kufana nomuntu ohleli phezu kwepulethi lesitofu elishisayo bese elokhu ehlina abuze thina ukuthi asuke yini.
Ukuhlala nabantu abakuhlukumezayo kwenza ufane nomuntu ompintshwe yisicathulo kuze kudaleke ikhona onyaweni kodwa ulokhu ubuzana nathi ukuthi ngisikhumule yini lesi sicathulo esingimpintshayo. Ngubani kanti ozwa ubuhlungu bokumpintshwa yisicathulo?
Abantu bayoyilalela into oyishoyo kodwa akekho oyokuzwela ubuhlungu obuzwayo. Ungalinge ukhohliseke futhi ucabange ukuthi uma kunabantu okungathi uma besuka kuwena ngeke usaphumelela empilweni ngoba uNkulunkulu impumelelo yomuntu akayishuthekanga ephaketheni lomunye kodwa incike kuyena hhayi kwabanye.
Ubagade abantu abazokukhohlisa, bekuxhaphaza, becabanga ukuthi kawusoze waphumelela ngaphandle kwabo. Uma usufuna ukuphumelela empilweni, ungadlali abantu ngoba iminyaka esiyiphilayo mincane, abanye bethu iminyaka asebeyiphile miningi kunebasalele.
Kule minyaka emincane ekusalele yokuphila, yenza isiqiniseko sokuthi kabekho abantu abakunciphisela izinsuku zakho. Ngesinye isikhathi ukhala amahora osukwini, ukhaliswa ngumuntu nje mhlawumbe othandana naye, ongumngani wakho noma osebenza naye.
Amahora esiwaphilayo osukwini avele mancane, kasimdingi umu- ntu ozosinciphisela wona. Uma usufuna ukuphumelela empilweni, ungalinge uhlale ngoba uncengile, uhlale nabantu ngoba uthi ngiyophila yini uma lo muntu engake asuke empilweni yami.
Bamba lo musho othi uma usufuna ukuqonda isimo esesikume emphinjeni nabantu asebekuhlukumeze ngokweqile, ubocula lo musho othi
“Ngake ngaphila abantu bengekho, ngaphila sebekhona empilweni yami, okusho ukuthi ngiyoqhubeka nempilo ngisho bengasekho empilweni yami.”
Uma uphila nalo musho, uyogcina ngci ukuhlala nabantu ngoba nakhu uncengile futhi usaba ukuthi bazokushiya. Masingahlali bakwethu phezu kwameva siwabona, masingahlali phezu kwesitofu esishisayo kanti izinqe ziyasha.
Uma umuntu ekuhlukumeza nje makusheshe kucace ukuthi usakudinga yini noma akasakudingi empilweni yakhe ngoba ziningi izifo ezidalwa wukuhlukumezeka. Akekho umuntu oyothi uma wena usha nendlu akubalekele kodwa kufanele uzibalekele wena.
Kubuhlungu ukuthatha isinqumo emuva kweminyaka eminingi kanti kwakufanele usithathe nje emuva kosuku olulodwa, kubuhlungu ukuzisola ukuthi kodwa nje mina ngangisalindeni sonke lesi sikhathi.
* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavilion Hotel ngo-11h00. Ungaxhumana naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034
ILANGA,
*UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA
Ngiyahlukumezeka, ngiyashaywa le nto iyangikhalisa ngisuke...