I-Iron Duke nendesheni kuMotaung ngoKhuzwayo
USandilands usolwa ngokuba namaphutha
USIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza uhlela ukushaya indesheni kusihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung amdedelele umdlali okuvela ukuthi akasakuthandi ukugijima kule kilabhu ezinze eNaturena.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uKhoza ukhathazekile ngokubheda konozinti bekilabhu yakhe.
Inkinga kade yaqala njengoba eze waphoqeleka ukudedela uBrighton Mhlongo osekwiChippa United.
Ulande uWayne Sandilands obevimbela iMamelodi Sundowns naye ukhombisa ukuba namaphutha kanti vele neminyaka yobudala isihambile njengoba ingama-34.
Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi uKhoza uhlela ukushaya indesheni kuMotaung ukuba amdedelele uBrilliant Khuzwayo okuvela ukuthi akaseneme ngokukhuhla ibhentshi.
Lo mdlali usanda kubhala enkundleni yakhe yokuxhumana i- twitter umbhalo obukeke ukubeka ngokusobala ukuthi akajabule ngokukhuhla ibhentshi.
Lo mthombo uthe: “UKhoza noMotaung banokuhloniphana okuseqophelweni eliphezulu ngodaba oluthinta abadlali abafuna ukuwelela emakilabhini abo abakwazi nangengozi ukudlana izithende.
UKhoza uhlela ukukhuluma noMotaung ukuba amdedelele uKhuzwayo ngoba uyabona ukuthi kunenkinga emapalini kanti noSandilands abemthembile ukuthi uzoxazulula izinkinga kwayena ubukeka enamaphutha.
Ukholwa wukuthi iChiefs izomdedelela ngoba inekhono lokukhiqiza onozinti abaseqophelweni eliphezulu,” kusho lo mthombo.
Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungena kodwa lungabanjwa.