Isidididi ngeyeDistruction Boyz oKhozini
SEKUSUKE isidididi ngokusabalala kwezindaba zokuvalwa emsakazweni kwengoma yodumo yeDistruction Boyz esihloko sithi, “Omunye”.
Le ngoma ikwi- album entsha yaleli qembu, esihloko esithi “Gqom Is The Future”, elipike kuyona uDladla Mshunqisi noBenny Maverick bodumo lweMemeza.
Ezinsukwini ezedlule kuke kwavela emithonjeni yabezindaba ukuthi le ngoba ivaliwe kwisikhondlakhondla somsakazo, Ukhozi FM - kwathiwa ichithwe ngenxa yezinhlamvu ezikuyo ezilumelayo.
Ezinye zezinhlamvu ezikule ngoma zithi: “Vala umlomo uvule amadlebe, kwagcwala kangaka nje lay’khaya akuhambeki, sashayisana ngezifuba” - bese iyaqhubeka ithi: “Omunye phezu komunye, kuzonyiwa macala”.
Abaningi abebekhala ngemibiko yokuthi le ngoma ivaliwe bakhale ngokuthi lesi siteshi sithathele phezulu ngesinqumo saso.
Umphathi wezinhlelo oKhozini FM, uNkz Zandile Tembe, ethintwa yiLANGA LeTheku ngoLwesibili uthe akazi lutho ngokuvalwa kwengoma.
“Ngikuzwa ngawe lokho mina ukuthi ivaliwe kodwa-ke fonela umphathisiteshi, nguyena ozokuchazela kangcono. Mina angivumelekile ukukhuluma nabezindaba,” kusho uNkz Tembe.
Ethintwa umphathisiteshi, uMnu Bonga Mpanza, uyichithile indaba yo- kuthi ingoma ivaliwe emsakazweni. “Ingoma ayivaliwe, wukuthi ayikakadlali kodwa angisho ukuthi izodlala futhi. Ithimba lebhodi elilalela izingoma lisazohlala phansi liyilalele, uma seliyizwile yilapho-ke elizothatha khona isinqumo sokuthi izodlalwa yini,” kuchaza uMnu Mpanza. Kuyimanje le ngoma yiyona ehamba phambili kule albhamu entsha yeDi-struction Boyz. Ezindaweni zokujuxuza, ematekisini, ezimotweni nakwezinye izi- ndawo zobumnandi yiyona ethandwa kakhulu. Ezinkundleni zoku- xhumana abantu balokhu beyivume njalo, besho nokusho ukuthi yingoma yo- nyaka.
Namaciko ahlonishwayo emkhakheni wezikaqedisizungu nawo aseke aphawula ngemibiko yokuthi ivaliwe le ngoma.
UDJ Tira ufake isikhalo sakhe ekhasini lakhe le- Instagram, lapho ecela khona imisakazo ukuba iyidlale le ngoma.
“Kugcwele, kushayiswana ngezifuba lapho okudlala khona iDistruction Boyz. Omunye phezu komunye - hhayi ukungcola abantu abakucabangayo.
“Siyacela ukuba imisakazo iyidlale le ngoma, abantu bayayithanda,” kukhala uDJ Tira
kwi- video ayifake kwi- Instagram.
UProfessor naye ukhale kakhulu wathi le ngoma uyithatha njengengoma yonyaka, wathi abantu mabanikwe into abayithandayo. “Angiyena umuntu onomona - angiyiboni into ebheda ngayo ingoma yeDistruction Boyz. Abafana mabanikwe ithuba njengoba nathi salithola,” kusho uProfessor ekhuluma nentatheli yeLANGA LeTheku.
UMnu Mpanza akachazanga ukuthi lizohlala nini ibhodi likhulume ngale ngoma.