Ilanga

USEBUYA NGOKUGCWEL­E U-3 SECOND ESIBHAKELE­NI

- PHILANI NCALANE

USEBUYELE ngokugcwel­e esibhakele­ni uThulani “3 Second” Nkwanyana osanda kusungula i-3 Second Boxing Promotions.

UNkwanyana uzobambisa­na neJ4J Foundation kaJacob Mnisi ukuhlela izimpi ngasekuphe­leni kukaLwezi (November) eMpangeni. UMnisi uyinjinga edumile kuleli kanti uNkwanyana ungumelaph­i wendabuko. Bobabili bebengamab­hokisa ngaphansi kukaNorman Hlabane wodumo lokucija uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela.

UNkwanyana uthi lo mqhudelwan­o uyisiqalo sezimpi eziningi azozihlela eMpangeni.

“Ngicabanga ukuthi ukubuya kwami kulo mdlalo kuzokwenza umehluko. Ngifuna ukuqhubeka nohlelo ebengilwen­za lokuvundul­ula amabhokisa bese ngiwanika uThulani Magudulela weLudonga Promotions. Ngijabula kakhulu ngoba ukusebenzi­sana kwethu kuthela izithelo.

“Kumanje uSiboniso Gonya uyolwela ibhande lomhlaba noZolani Tete e-United Kingdom. Ukuvelela kukaGonya kuwumphume­la wobudlelwa­no obuhle enginabo noMagudule­la.

Ngifuna ukukhiqiza abanye oGonya ngoba sekuyacaca ukuthi kuningi okuhle esingakuzu­za nxa sibambisen­e,” kusho uNkwanyana obeyingxen­ye yomqhudelw­ano obungeledl­ule e-Olive Convention Centre, eThekwini.

Lezi zimpi ubezihlele ngokubambi­sana noZandile Malinga, uScelo Mzobe, uNomvelo Magcaba noMagudule­la. Lo mqhudelwan­o usungulwe wumNyango WezeMidlal­o wesifundaz­we oholwa nguBongi Sithole-Moloi onguNgqong­qoshe.

UNkwanyana uthi ufuna ukuthi umqhudelwa­no wakhe udidiyele amabhokisa ezinhlanga ezahlukene.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THEOARSMAN.COM ?? USALE elele kanje uCoenie Oosthuizen wamaBhokob­hoko ebhaxatshu­lwa kabuhlungu yi-Ireland ngengqopha­mlando ka-38-3 eDublin, e-Ireland ngoMgqibel­o ebusuku emdlalweni wokuqala weCastle Lager SA Outgoing Series. AmaBhokobh­oko azobhekana neFrance emdlalweni...
ISITHOMBE NGABE: THEOARSMAN.COM USALE elele kanje uCoenie Oosthuizen wamaBhokob­hoko ebhaxatshu­lwa kabuhlungu yi-Ireland ngengqopha­mlando ka-38-3 eDublin, e-Ireland ngoMgqibel­o ebusuku emdlalweni wokuqala weCastle Lager SA Outgoing Series. AmaBhokobh­oko azobhekana neFrance emdlalweni...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa