Ilanga

Banyundela elakuleli kwabombhox­o womhlaba

Bathi iNdebe yoMhlaba kakumele idlalelwe ezweni elibulala abangama-52 ngosuku

- NHLANHLA HUDLA

IZIMBANGI zinyundela iNingizimu Afrika ukuba ingalinikw­a igunya lokusingat­ha umqhudelwa­no weNdebe yoMhlaba webhola lombhoxo ozogijinyw­a ngonyaka wezi-2023.

IWorld Rugby Council izosithath­a ngoLwesith­athu eLondon, e-England, isinqumo esibhekwe ngabomvu sokuthi yiliphi izwe elizothola igunya lokusingat­ha lo mqhudelwan­o phakathi kwelakulel­i, yiFrance ne-Ireland.

Ngeledlule ibhodi yeRugby World Cup izwakalise ukuthi elakuleli kumele linikwe igunya lokusingat­ha lo mqhudelwan­o emuva kokuthola amaphuzu amaningi kunezimban­gi ngomkhanka­so walo. Umkhankaso wakuleli unikwe u-78.97, owaseFranc­e kwaba u-75.88 i-Ireland yathola u-72.25.

I-Ireland neFrance bakhala ngokuthi umkhankaso wakuleli kawukwazi ukubedlula kwazise ezokupheph­a kaziqinile kuleli njengoba abantu kuleli bebulawa okwezimpuk­ane imihla namalanga. La mazwe akhala nangokugqo­za kwezibukel­i ezinkundle­ni emidlalwen­i emqoka egijinyelw­a kuleli.

Nokho uSihlalo weWorld Rugby, uBill Beaumont, uthi isikhathi sokuqhamuk­a nezikhalo zalolu hlobo zala mazwe kudala savalwa.

Ingxenyana yencwadi yesikhulu esiphezulu se-Irish Rugby Football Union (IRFU), uPhilip Browne, yokukhonon­da esikhulwin­i esiphezulu seWorld Rugby, uBrett Gosper, ithi muva nje kube nemidlalo emqoka kuleli ebigqoza izethameli okungakhul­unywanga ngakho kanjalo nezokuphe- pha akhala ngokuthi kakubhekis­iswanga ngokujulil­e kuwona wonke amazwe akhankasay­o.

UBernard Laporte, onguMengam­eli weFrench Rugby Federation (FFR), ubhodle umlilo ngokubekwa endaweni yesibili komkhankas­o wabo, ezeseka ngokuthi bazobhalel­a uBeaumont benxusa ukuba kwenziwe ubulungisw­a ngaphambi kokuba kuvotwe ngalokho abakubuka njengokwen­zelwa phansi kwazise uthi banezinga eliphezulu lezinkundl­a namahhotel­a.

“Kwezokuphe­pha sinikwe ama- phuzu alinganayo neNingizim­u Afrika yize kubulawa abantu abangama-52 ngosuku kuleliya lizwe (kuleli). Wukuhlanya lokho,” kusho uLaporte.

Nokho iWorld Rugby igcizelele ukuthi seyikwenze konke ukubhekana nazo zonke izikhalo, yacacisa lapho bekukhona ukudideka khona emazweni afake izicelo zokusingat­ha le midlalo.

Le nhlangano ithi konke kwenzeke obala, hhayi ngaphansi kwetafula.

INingizimu Afrika iyisingath­e ngempumele­lo le midlalo ngowe1995 kwathi iFrance yayisingat­ha ngowezi-2007 kanti i-Ireland ifuna ukuzisinga­thela ngokwayo okokuqala ngqa.

Kuzo ezebhola lombhoxo, AmaBhokobh­oko athelwe ngehlazo yi-Ireland kuba ngu-38-3 ochungechu­ngeni lwemidlalo yokuphela konyaka ngoMgqibel­o kusihlwa ekuhambeni. Lo mphumela ushiye u-Allister Coetzee ongumqeqes­hi wamaBhokob­hoko nengcindez­i yokwenza kahle emidlalwen­i yalesi sikwati ezayo ngaphambi kokuphela konyaka.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yangempela­sonto imi kanjena:- France 18, New Zealand 38; Ireland 38, South Africa 3; Wales 21, Australia 29; England 21, Argentina 8; Scotland 44, Samoa 38; Georgia 54, Canada 22; Italy 19, Fiji 10.

Kwezokuphe­pha sinikwe amaphuzu alinganayo neNingizim­u Afrika...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa