Ilanga

ABAFUNDI MABAZIMISE­LE NGEMFUNDO YABO

- Ntuthuko Thomas Thabede

MHLELI: Mangicoshe leli thuba ngokuzitho­ba okukhulu ngizwakali­se ilaka lami kubafundi bonke ababhala izivivinyo zokuphela konyaka, ikakhuluka­zi abenza uGrade 12 KwaZulu-Natal.

Nginxusa abafundi ukuba bazinike isikhathi esanele sokubheka izincwadi zabo, bamise kancane ubumnandi banamathel­e ngokuzikha­ndla ezincwadin­i zabo.

Nginxusa nabazali ukuba babaxhase abantwana babanikeze uthando.

Abafundi mabazi ukuthi sekumele bayofunda ukuzimela manje balungisel­ele ukuya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo, abangaphum­elelanga bavuke bazithinti­the, balwele ukuthola isicucu ngoba eNingizimu Afrika kunzima ukuthola umsebenzi uma ungenalo iphepha esandleni.

Ngidlulisa amazwi enduduzo kubo bonke othisha nabafundi abadlule emhlabeni nonyaka. Kubafundi bonke bakaGrade 12, bakulezi zikole esengike ngazivakas­hela okuyiZenze­leni High School eMbazwana, yiQhubinya­thi Secondary school, iTheo Hlalanathi High, yiPhezukom­khono High school, yiNdukwend­e High school, yiMa- gwababa High School naseHlophe High school, ngifisa ukuba konke abakufunde unyaka uqala bazinike ithuba lonke lokubheka izincwadi zabo baphinde bakhuleke kuThixo ngaphambi kokuba babhale.

Ngibanxusa ukuba bafundisis­e yonke imiyalelo ebhalwe ephepheni, bangajahi ukuqeda kuqala bashiye izikhala ngoba kugcono ukuzama kunokushiy­a izikhala.

Ngiyathemb­a ukuthi nesibalo sabafundi abazophume­lela nonyaka sizokhula kakhulu ukuze siphakamis­e igama lesifundaz­we sakithi. Ngibonge kubo bonke othisha abebezinik­ela ukuncelisa abantwana ngolwazi, ngibafisel­a ukuphumula okuhle njengoba sekuzovale­lwa uZibandlel­a (December).

Ngibonga kakhulu kothisha abebedela amaholide abo bengaphumu­li, belwela ukuphumele­lisa ikusasa labafundi bakithi nanokubamb­isana phakathi kwezinyuny­ana zothisha, abazali abengamele izikole, umnyango wezemfundo, abaqaphi abebeqapha izikole, othishanhl­oko bezikole bonke nabafundi, nginifisel­a ukuba uThixo anibusise kuze kube wunyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa